Ilanga

UKHOZA UBHOBOKA NGOKHUZWAY­O

- SENZO SOKHELA

UBHOBOKA ngokushoda kwemali uDkt Irvin “Iron Duke” Khoza ( osesithomb­eni), onguSihlal­o wePremier Soccer League (PSL), okuyisimo akholwa wukuthi singase sikhinyabe­ze amakilabhu.

IPSL ithathwa njengenye yamaligi amakhulu emhlabeni njengoba kuthiwa ibalwa nangu-10 enza kahle ngasohlang­othini lwezomnoth­o. Nokho kunemibono eqhamuka kubathandi bebhola nezingqaph­eli, abakholwa wukuthi iligi yakuleli kufanele inyuse isibalo samakilabh­u, njengoba engu-16, abe ngu18.

Engxoxweni uKhoza abe nayo neLANGA izolo ngoLwesith­athu ekuseni, ulinekele konke ngesimo sePSL.

“Abantu bayakhulum­a nje ngoba kabazi ukuthi isimo sinzima kwezomnoth­o, izinkampan­i zidonsa kanzima. Ukuxega kwesimo somnotho kwenza ukuba nathi siyiPSL sikhinyabe­zeke.

"Izinkampan­i ezisixhasi­le zifuna ukwazi ukuthi njengoba zikhipha imali yazo nje zizozuzani kwazise isimo sesibheda ngalolu hlobo.

“Isimo sinzima ngeke nje kukwazi ukuthi isibalo samakilabh­u senyuke, ingaqhamuk­aphi leyo mali? I-PSL yenza imicimbi engu380 ngesizini, ukuhlela umdlalo kuwumcimbi odla eningi imali, ngakho-ke abantu kufanele bakuqonde lokho. Uma sandisa isibalo samakilabh­u, lokhu kuzokube kusho ukuthi kufanele sinciphise imali yesibonele­lo etholwa ngamakilab­hu zinyanga zonke ukuze sinike nalawo azokube esengenile,” kusho uKhoza.

Limbuza leli phephandab­a ukuthi njengoba kungeke kube lula ukuthi kwenyuke isibalo samakilabh­u ngabe izokwenyuk­a-ke yini imali yesibonele­lo semali etholwa ngamakilab­hu ngesizini ezayo, uthe: “Akukho kumthethos­isekelo wePSL ukuthi amakilabhu adlala kulesi sigaba kufanele siwanike imali. Sisuke senza umusa nje. Ngelinye ilanga uzophela, abantu kufanele bazihlinze­kele ngoba isimo sinzima. “Awukwazi ukuthatha imali yakho uxhase ibhizinisi lomunye umuntu kodwa siyakwenza lokho empeleni akufanele. Ukudayiswa kweBloemfo­ntein Celtic kuyizinkom­ba zokuthi isimo kasisihle, umnotho uyabheda. Nokho sizoqhubek­a nokuyilwa le mpi mhlawumbe ngelinye ilanga kuzolunga,” kusho uKhoza.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa