ABAZALI BAVALE ISIKOLE
BAVUKE umbhejazane bayoqhinqa emasangweni esikole abazali bezingane ezifunda e-Austerville Primary School, eWentworth, eThekwini, bethi ngeke sivulwe singahlakaziwe isigungu esilawula isikole.
Laba bazali, abaqale ukuqhinqa esangweni lesikole ngoLwesihlanu olwedlule, bakhala ngezinkinga ezidala ukuba kungasebenzeki, kanti basola ukuthi imali yesikole iyadliwa.
Batshele ILANGA ukuthi kuxhashazwa imali yesikole, kayikho imihlangano ebizwayo ukuchaza ngobunzima obusesikoleni kwazise izingane ziyabatshela okuqhubekayo ngaphakathi.
Baveze ukuthi isikole sikweleta u-R350 000 kagesi, imali yamanzi kanti izingcingo kazisebenzi ngoba kayikho imali yokukhokha, izindlu zangasese kazikho esimweni, onogada kabekho ngenxa yokuthi imali yokubakhokhela kayikho.
Umzali onengane kulesi sikole, uMnu Llewelyn Jullies, uthi sekuphele iminyaka emithathu isigungu esilawula isikole singayibizi imihlangano esikoleni, sichaze ngemali ukuthi isetshenziswa kanjani.
Uthi uma kwenzekile isigungu saba nomhlangano, lokho sikwenzela ezindaweni eziphambili, okudliwa kuzona, abazali bangatshelwa lutho emuva kwalokho.
“Kakukho esikwaziyo okuthinta imali, kodwa yizingane zethu ezifunda lapha. Ngikhuluma nje, akukho ngisho umuntu oqashelwe ukuhlanza isikole ngoba imali kayikho. Kwi-akhawunti yasebhange yesikole, akukho ngisho indibilishi, amasheke asayinelwa emakhoneni kukhishwe imali,” kusho uMnu Jullies.
Abanye abazali batshele ILANGA ukuthi kunezikhala zothisha ezingavaliwe okubalwa owesiZulu, iNatural Science neAfrikaans kwaGrade 4, 5 no-6.
Selokhu kwavulwa izikole, kunabafundi abangakaze bazifunde lezi zifundo. Kubikwa ukuthi uthishanhloko wakulesi sikole uthathe umhlalaphansi eminyakeni edlule.
“Isekela likathishanhloko yilona elibheke isikole, kodwa kalizange libanjiswe izintambo. Uma sikhuluma nalo, lithi kakukho elizokwenza ngoba wonke amabhuku athinta imali yesikole abhekelelwe ngusihlalo wesigungu esilawula isikole,” kusho uMnu Jullies.
Uveze nokuthi usihlalo wesigungu esilawula isikole unesandla ekubeni konakale izinto ngoba lokhu ukwenza nje, akanayo nengane efunda e-Austerville, wayebekwe ngendlela engafanele.
Imizamo yokuthola usihlalo iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala engalubambi.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Scelo Khuzwayo, uthe iyashaqisa imibiko yokusetshenziswa kwemali budlabha.
Uveze ukuthi umnyango uzosondela kulesi sikole, uhlole ukuthi kwenzekani.