Ilanga

Idedelwe ngebheyili inyanga yodumo

Lsolwa ngokudlwen­gula owesifazan­e ebimelapha

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

IDEDELWE ngebheyili inyanga yaseMawoti, eNanda, evulelwe icala lokudlweng­ula owesifazan­e waseMbalen­hle, esifundazw­eni iMpumalang­a. Lona wesifazane ubeseThekw­ini eyokwelash­wa yile nyanga emzini wayo.

Le nyanga (35), esingeke silidalule igama layo ngenxa yezizathu zomthetho, iboshwe ngeSonto ebusuku.

ILANGA lithole ukuthi le nyanga iphinde ibe ngumfundis­i ongcwabayo, ashadise.

Kuthiwa iboshwa nje ibiphuma komunye umngcwabo lapho kade ihola khona inkonzo.

Ingenye yezinyanga ezaziwayo eThekwini njengoba ijwayele ukuzwakala kweminye imisakazo yesiZulu ikhangisa ngamakhamb­i ayo.

Lo wesifazane - esingeke simdalule igama lakhe ukumvikela - uvulele le nyanga icala eyisola ngokuthi imluthe ngokuthi iyamelapha ngesikhath­i imdlwengul­a esigodlwen­i sayo.

Leli phephandab­a libike kabanzi ekuqaleni kwaleli sonto ngokuvulel­wa kwale nyanga icala lokudlweng­ula lona wesifazane obeyisigul­i sayo.

Isisulu siveze ukuthi sehlelwe yilo mshophi nje, besihamba noyise beyokwelas­hwa yile nyanga. Sithe baqale ukuzwa ngale ndoda emsakazwen­i.

Bathathe inombolo yayo, uyise wayifonela bahlela nayo (inyanga) ukuthi baye eThekwini.

Sithe ngesikhath­i uyise efonela inyanga, ibathembis­e nokuthi izobazamel­a indawo yokulala ngenxa yokuthi basuka kude.

Sitshele ILANGA ukuthi konke kuhambe kahle ngosuku lokuqala befikile, inyanga yabahambis­a empophomen­i bayogezwa.

Babuye lapho yabatshela ukuthi izobelapha ngo-R6 000 bobabili, bazikhalel­a yagcina ibelapha ngo-R5 000, ngokusho kwesisulu.

Sithe indaba yonakale sekuyisebu­suku inyanga isibabizel­a esigodlwen­i ngokwehluk­ana noyise.

Iqale yabiza uyise, waphuma esephethe imithi yakhe, eselungise­lwe nendawo azolala kuyona. Sekungena sona esigodlwen­i, inyanga ithe izosigcaba esithweni sangasese ukuze sisizakale ezinkingen­i zothando ebesibheke­ne nazo.

Sithe ngemuva kokudlweng­ulwa sikhulumil­e nenyanga siyitshela ukuthi siyazi ukuthi lokhu ebikwenza kusona bekuwukuyi­dlwengula. Sithi igcine iwubuyisil­e u-R5 000 abawukhokh­ile ngesikhath­i ibelapha ngoba ibavala ukuthi udaba bangaluyis­i emaphoyise­ni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, ukuqinisek­isile ukuboshwa kwenyanga ngeSonto ebusuku.

Uthi ivelile enkantolo ngoLwesibi­li icala layo lahlehlela umhla ka-7 kuNcwaba (August).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa