Ilanga

AKAFUNI KUZILWE UYISE WENGANE ELAHLEKILE

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

AKAYIZWA eyokuzila noma eyokuthi kuhlalwe emakhandle­leni owesilisa waseNchang­a, osekuphele izinyanga eziwu-5 kulahleke indodakazi yakhe isesontwen­i.

UMnu Mxolisi Ngwane (29) uthi ngisho kungaphela iminyaka ewu20, kodwa uma indodakazi yakhe, uSphesihle Zamangwane Dlamini (3), ingakathol­akali, akazimisel­e ngokuyizil­ela noma kube khona umuntu ohlala emakhandle­leni.

USphesihle ulahleke mhla ka-31 kuZibandle­la (December) kade esesontwen­i nonina, uNkz Thabisile Dlamini (21), waseMandaw­e, eMzinto.

“Sinzima kakhulu isimo esibhekene naso njengoba kuze kube yimanje kasikamtho­li uSiphesihl­e. Sesizame konke esicabanga ukuthi kufanele ngabe sikuzamile njengabaza­li.

“Ngisho umphenyi ozimele ( Private Investigat­or) esimqashil­e, ugcine eliyekile icala ngoba ekhala ngokuthi akatholi lutho kanti nemali yokumkhokh­ela ibingasekh­o. Ugcine ethi masingamkh­okheli, uzoqhubeka nokubheka. Sibonile ukuthi wenzela ukuthi singalahli ithemba,” kusho uMnu Ngwane.

Udaba lokulahlek­a kukaSiphes­ihle lwaba sematheni kwazise ukulahleka kwakhe kwaba yindida ngisho nasemndeni­ni wakhe uqobo. Wayehambe nonina emenywe ngomunye umakhelwan­e wakhe enkonzweni yebandla angakhonzi kulona.

Ekhuluma naleli phephandab­a emuva kokulahlek­a kwengane, uNkz Dlamini wathi ngesikhath­i inkonzo iphakathi, umfundisi waleli bandla abelihambe­le wacela izivakashi ukuba zisukume ziye phambili ziyobingel­ela abazalwane.

Uthi wayebeke isikhwama sakhe phezu kwengane ukuba isigone ngesikhath­i esaya phambili. Lokhu uthi kakuthatha­nga sikhathi esingakana­ni, kodwa wathi esebuya phambili wafika ingane ingasekho lapho yayihleli khona.

Waphuma wayobheka ngoba kuthiwa ilandele ezinye ebeziya esitolo. Walandela umkhondo kwathiwa ibonakale iya ngasesitol­o kodwa wagcina engayibona­nga ukuthi ipheleleph­i.

Phakathi kwezinto akhale ngazo uNkz Dlamini, wukuthi ngisho eseshilo kuleli bandla ukuthi uselahleke­lwe yingane, abazalwane kabazange bamlekelel­e ukuyibheka. Kwadingeka ukuba abuyele kubo ayobika khona, kwayima kuphuma umphakathi ibhekwa.

Ezinyangen­i ezimbili ezedlule uNkz Dlamini ekhuluma naleli phephandab­a, wakhala kakhulu ngokwenzel­wa phansi ngabomthet­ho njengoba ethi amaphoyisa achitha isikhathi eside ephenya bona, okwabenza babona sengathi yibona abasolwa.

“Kwaze kwadingeka ukuba sinoyise wengane sifakwe emshinini wokubheka ukuthi kasiqambi yini amanga ( lie detector), ukuze kubonakale ukuthi kasiwazi ngempela umkhondo wengane,” kusho yena.

Kwale noma sekunezinh­langano eziqoqe umehlokabo­ni kaR50 000 kodwa wangavela umkhondo ngoSphesih­le.

Okhulumela amaphoyisa, uCol Thulani Zwane, uthe namanje ingane beyingakat­holakali, amaphoyisa asayithung­atha.

 ?? ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA ?? UNKK Evelyn Yende othi usezame konke ukutholela umzukulu wakhe, u-Andile Khumalo (11), isitifiket­i sokuzalwa kodwa lutho.
ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA UNKK Evelyn Yende othi usezame konke ukutholela umzukulu wakhe, u-Andile Khumalo (11), isitifiket­i sokuzalwa kodwa lutho.
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? SEKUPHELE izinyanga eziwu-5 elahlekile uSphesihle Zamangwane Dlamini (3), owalahleka esontweni ngomhlaka 31 kuZibandle­la wangonyaka odlule okuze kube yimanje akukathola­kali mkhondo ngaye.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E SEKUPHELE izinyanga eziwu-5 elahlekile uSphesihle Zamangwane Dlamini (3), owalahleka esontweni ngomhlaka 31 kuZibandle­la wangonyaka odlule okuze kube yimanje akukathola­kali mkhondo ngaye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa