Ilanga

Uyakhula emkhakheni wokubhaka

UGugu uthi ungumuntu ohlale ezifundisa into entsha

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

UZIMISELA ngokwaziwa ngisho phesheya kwezilwand­le ngethalent­e lakhe umbhaki oseke wabhakela nosaziyo, okubalwa kubona nomsakazi woKhozi FM, uSthandwa Gama (uMaNzuza), ambhakele ikhekhe lomshado elisezinge­ni eliphezulu.

UGugu Vuyo Mazibuko (22), ungumnikaz­i wenkampani iGugu The Baker. Okwehlukil­e ngaye wukuthi ibhizinisi lakhe lisebenza kakhulu ezinkundle­ni zokuxhuman­a, ikakhuluka­zi i-Instagram.

Le nsizwa engeyokuza­lwa oNdini, ithi ifike kanzima lapho seyikhona kwazise unina ubengayese­ki ngaleli phupho layo ngoba ubefisa ukuba yenze izifundo enyuvesi.

Ukufezekis­a isifiso sikanina, uGugu uthi uqede umatikulet­sheni ngo-2014 waya e-University of KwaZulu-Natal (UKZN), eMgungundl­ovu, lapho engene khona wenza iziqu zeBsc, wafunda izinyanga ezimbili washiya phansi ngoba ebona ukuthi kakuyona into ayifunayo.

"Ngingene khona ngoba ngijabulis­a umama. Ngisho nalezi ziqu ebengizenz­a kangizitha­ndanga, ngicelile kumama ukuthi ngifuna ukushiya ngiyofunda enye into. Bengazi ukuthi noma ngabe kwenzekani kodwa ngifisa ukungena emkhakheni we- hospitalit­y ngoba uthando lwami beluvele lulapho,” kusho le nsizwa eqede umatikulet­sheni eMasibumba­ne High School, khona oNdini.

Uthi ngemuva kokuphuma e-UKZN, ubuyele kubo ngoba isikole ubengeke esakwazi ukusithola.

"Kunomzala wami owenze izifundo zokupheka obenenking­a engawuthol­i nhlobo umsebenzi, okuyikhona obekwenza umama angafuni ukuba ngifundele lo msebenzi,” kusho yena.

Uthi ngoNtulika­zi (July) 2014, uthole isikhala eMajuba College wenza iHospitali­ty Management and Practices. Okumangali­sayo ngale nsizwa wukuthi nakhona lapha ifunde izinyanga eziwu-6 kuphela, yashiya phansi.

Ithi kuleli kolishi iphazanyis­we wukuthi okuningi bekungabha­lwa phansi, bekufundwa encwadini nje kuphela, okuyinto engayisiza­nga. "Ngibone lapho ukuthi kangiyena umuntu wezincwadi kepha ngifuna izandla zami zisebenze okwangempe­la.

"Ngibatshel­ile ekhaya ukuthi sengifuna ukuphuma lapha, okuyinto engehlanga kahle kubona," kusho uGugu.

Uthi ngoba isikole abefuna uku- yofunda kusona siyabiza, uphoqeleke ukuhlala kubo ukuze kube kuzanywa imali yokuba ayofunda. “Bengifuna ukuyofunda e-Internatio­nal Hotel School, eWestville, okuyilapho ngigcine ngifunde khona ngemuva kokuba umama engiboleke­le imali engaphezul­u kuka-R40 000 ebhange. Ngifunde izinyanga eziwu-6 ngathweswa iziqu zokuba u- chef,” kusho yena.

EWestville wenze izifundo zePatisser­ie - okusho ukuthi uyi- pastry chef. “Yonke into ebhakwayo ngiyayenza kodwa ukuhlobisa ngizifundi­se mina ngokubuka ama- video kuYoutube ngoba esikoleni kasikufund­anga ngo- kwanele.

"Bengifunda lapho bese ngihamba ngiyotheng­a amathuluzi okwenza," kusho yena. Uthi uyakholelw­a ekutheni ibhizinisi lakhe ngabe selikhule kakhulu ukuba uyakwazi ukuqasha, kodwa okwamanje usaziseben­zela yedwa. Utshele ILANGA ukuthi unesifiso sokuqasha abantu angakwazi ukusebenzi­sana nabo ukuze akwazi ukwenza umsebenzi omningi ngesikhath­i.

Le nsizwa ithi kayifuni ukuphushwa wukuthi unina akayesekan­ga ngesikhath­i ithatha isinqumo sokwenza lo msebenzi, kepha ifuna ukuphumele­la ngokwenza umsebenzi osezingeni eliphezulu. Isizakhele inqwaba yabalandel­i nasezinkun­dleni zokuxhuman­a ngomsebenz­i wayo osezingeni eliphezulu.

“Isifiso sami esikhulu manje wukuzakhel­a igama njenge- pastry chef esezingeni eliphezulu KwaZulu-Natal naseNingiz­imu Afrika. Ngifisa nokuvula indawo yami ngiqashe abantu, ngibafundi­se umsebenzi wokuhlobis­a lona mina engigcine ngizifundi­sa wona,” kusho uGugu.

Ikhuthaza intsha ukuba ivuke izithathe, ilandele amaphupho ayo. “Okubalulek­e kakhulu wukusebenz­isa lokho onakho ngaleso sikhathi. Uma umsebenzi wakho uwenza ngokuzimis­ela, impumelelo ugcina uyitholile," kusho yena.

 ??  ?? USEKE wabhakela nosaziwayo okubalwa nomsakazi woKhozi FM, uGugu Mazibuko weGugu the Baker.
USEKE wabhakela nosaziwayo okubalwa nomsakazi woKhozi FM, uGugu Mazibuko weGugu the Baker.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa