Uma singalungisa ulimi, umhlaba ungafudumala
KUBUHLUNGU ukuhlala endlini nomuntu onolimi oluwushevu. Imizi eminingi ibhidlikile, kayibhidlizwanga yizibhamu - wukwehlulwa wukukhuluma.
Kunabantu abaningi abalimele emoyeni bengalinyazwanga yizikhali, belinyazwe ngamagama akhulunywe kubo. Ngiyaye ngithi ungcono umuntu wesifazane onenkwethu ezinweleni kunomuntu wesifazane onenkwethu olimini - ongakwazi ukukhuluma.
Imvula enamandla ithatha indoda iyifake endlini, kodwa umuntu wesifazane ongakwazi ukukhuluma uthatha indoda ayikhiphele emnyango. Uneshwa uma uhleli endlini nomuntu ongakwazi ukukhuluma, oyisiphoxi.
Linebhadi ibandla elinomuntu oma phambili kanti uyisiphoxi. Unebhadi uma ulotsholwa noma ulobola isiphoxi.
Kunabantu abaphoxayo, abangakwazi ukukhuluma, abayidunga bayiqede indlu. Uthisha owangishaya esikoleni sengamkhohlwa futhi nomvimbo sewaphela, kodwa amazwi abuhlungu awakhuluma kwaze kwahleka izingane ekilasini, kangikawakhohlwa.
Kumele siwagade amazwi esiwakhulumayo. Siyakwazi ukuthi noma sesibuyisene siwumndeni kodwa amazwi akhulunyiwe alokhu enkeneneza ezindlebeni. Nabathandanayo mabagade ukuthi noma kungahambi kahle, makungabi lula ukukhipha izwi elibi ngoba nizothi noma senibuyisene, kunkeneneze njalo ezindlebeni ukuthi “wayesesho ukuthi uma ethi”.
Masifunde futhi ukuthi uma izingane zethu sizigeza, sizikhulisa, kube namazwi amahle esiwakhulumayo phezu kwazo. EBhayibhelini ubaba uma ezobusisa izingane zakhe, ubengaziniki ingcebo nemfuyo, kodwa ubezinika amazwi ngoba ayaphilisa futhi ayabulala.
Ulimi luyisitho esincane nje esinganakekile, esenza emshadweni kube kubi noma kube mnandi. Uma ngabe unamazwi owawakhuluma kabi kumuntu, phinda ukhulume kahle usufuna ukulungisa la mazwi amabi.
Nasemasontweni uma singalungisa ulimi, kungagcwala. Akukho Sathane ovimbe abantu ukuba baye emasontweni, kodwa yindlela esikhuluma ngayo uma sesiphambili.
Ngiyafisa nasemisebenzini yethu sikwazi ukukhuluma kahle nabantu noma kungathiwa uphethe. Uma unguthisha funda ukukhuluma kahle nezingane, funda ukukhuluma kahle nabantu abadala uma uyingane.
Ungcono umuntu okushaye ngempama kunomuntu okushaye ngamazwi, wakuphoxa.
Bengifisa emakhaya nasothandweni esikulo, sifunde ukukhuluma kahle sazi ukuthi olimini amandla okuphila nokufa alele khona.
Uma singalungisa ulimi, umhlaba ungafudumala.
Masizibheke nezinto esizikhuluma phambi kwezingane ngoba amazwi esiwakhuluma ezindlini ayakhela ezinganeni.
Uma sizokhuluma kamnandi kuba mnandi endlini kodwa uma sizokhuluma noma yikanjani, umuntu uyabikelwa uma kufanele aye endlini. Mangivale ngelokuthi impilo kakuyona imali yodwa nobucwebe.
Uma uyindoda noma umuntu wesifazane ungenayo imali yokunika isithandwa sakho, ubofunda ukuthi uma ungenalutho abantu banikeze amazwi.
Amazwi abaluleke ukwedlula ingcebo ngoba uma ungangithengela into bese iphelezelwa ngamagama amabi, ifika seyiyimbi kimina. Kunjengokudla othi unginika khona ube ukukhulumela, uthi okokuqala udla imali yami.
Funda ukubancoma abantu, ukhulume amazwi amahle. Uma singakhuluma kahle, siyohlala kamnandi. Emakhaya, ebudlelwaneni nasemasontweni kuyovuka uthando lokuqala luvuseleleke ngesitho esisodwa nje somzimba, ulimi.
UPastor Sthembiso Zondo ngumeluleki nomethuli wezinkulumo ezakhayo. Uzobe ephendula imibuzo yabafundi ngezinkinga zempilo nezothando kwiLANGA LangeSonto.