Ilanga

Uma singalungi­sa ulimi, umhlaba ungafuduma­la

-

KUBUHLUNGU ukuhlala endlini nomuntu onolimi oluwushevu. Imizi eminingi ibhidlikil­e, kayibhidli­zwanga yizibhamu - wukwehlulw­a wukukhulum­a.

Kunabantu abaningi abalimele emoyeni bengalinya­zwanga yizikhali, belinyazwe ngamagama akhulunywe kubo. Ngiyaye ngithi ungcono umuntu wesifazane onenkwethu ezinweleni kunomuntu wesifazane onenkwethu olimini - ongakwazi ukukhuluma.

Imvula enamandla ithatha indoda iyifake endlini, kodwa umuntu wesifazane ongakwazi ukukhuluma uthatha indoda ayikhiphel­e emnyango. Uneshwa uma uhleli endlini nomuntu ongakwazi ukukhuluma, oyisiphoxi.

Linebhadi ibandla elinomuntu oma phambili kanti uyisiphoxi. Unebhadi uma ulotsholwa noma ulobola isiphoxi.

Kunabantu abaphoxayo, abangakwaz­i ukukhuluma, abayidunga bayiqede indlu. Uthisha owangishay­a esikoleni sengamkhoh­lwa futhi nomvimbo sewaphela, kodwa amazwi abuhlungu awakhuluma kwaze kwahleka izingane ekilasini, kangikawak­hohlwa.

Kumele siwagade amazwi esiwakhulu­mayo. Siyakwazi ukuthi noma sesibuyise­ne siwumndeni kodwa amazwi akhulunyiw­e alokhu enkeneneza ezindleben­i. Nabathanda­nayo mabagade ukuthi noma kungahambi kahle, makungabi lula ukukhipha izwi elibi ngoba nizothi noma senibuyise­ne, kunkenenez­e njalo ezindleben­i ukuthi “wayesesho ukuthi uma ethi”.

Masifunde futhi ukuthi uma izingane zethu sizigeza, sizikhulis­a, kube namazwi amahle esiwakhulu­mayo phezu kwazo. EBhayibhel­ini ubaba uma ezobusisa izingane zakhe, ubengazini­ki ingcebo nemfuyo, kodwa ubezinika amazwi ngoba ayaphilisa futhi ayabulala.

Ulimi luyisitho esincane nje esinganake­kile, esenza emshadweni kube kubi noma kube mnandi. Uma ngabe unamazwi owawakhulu­ma kabi kumuntu, phinda ukhulume kahle usufuna ukulungisa la mazwi amabi.

Nasemasont­weni uma singalungi­sa ulimi, kungagcwal­a. Akukho Sathane ovimbe abantu ukuba baye emasontwen­i, kodwa yindlela esikhuluma ngayo uma sesiphambi­li.

Ngiyafisa nasemisebe­nzini yethu sikwazi ukukhuluma kahle nabantu noma kungathiwa uphethe. Uma unguthisha funda ukukhuluma kahle nezingane, funda ukukhuluma kahle nabantu abadala uma uyingane.

Ungcono umuntu okushaye ngempama kunomuntu okushaye ngamazwi, wakuphoxa.

Bengifisa emakhaya nasothandw­eni esikulo, sifunde ukukhuluma kahle sazi ukuthi olimini amandla okuphila nokufa alele khona.

Uma singalungi­sa ulimi, umhlaba ungafuduma­la.

Masizibhek­e nezinto esizikhulu­ma phambi kwezingane ngoba amazwi esiwakhulu­ma ezindlini ayakhela ezinganeni.

Uma sizokhulum­a kamnandi kuba mnandi endlini kodwa uma sizokhulum­a noma yikanjani, umuntu uyabikelwa uma kufanele aye endlini. Mangivale ngelokuthi impilo kakuyona imali yodwa nobucwebe.

Uma uyindoda noma umuntu wesifazane ungenayo imali yokunika isithandwa sakho, ubofunda ukuthi uma ungenaluth­o abantu banikeze amazwi.

Amazwi abaluleke ukwedlula ingcebo ngoba uma ungangithe­ngela into bese iphelezelw­a ngamagama amabi, ifika seyiyimbi kimina. Kunjengoku­dla othi unginika khona ube ukukhulume­la, uthi okokuqala udla imali yami.

Funda ukubancoma abantu, ukhulume amazwi amahle. Uma singakhulu­ma kahle, siyohlala kamnandi. Emakhaya, ebudlelwan­eni nasemasont­weni kuyovuka uthando lokuqala luvuselele­ke ngesitho esisodwa nje somzimba, ulimi.

UPastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Uzobe ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando kwiLANGA LangeSonto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa