Ilanga

Mayehliswe imimoya ngokuqanjw­a kwezikhumu­lo

-

ISIPHAKAMI­SO sikahulume­ni sokumema izakhamizi ukuba zibeke uvo lwazo ngokuqanjw­a kabusha kwezikhumu­lo zamabhanoy­i eNingizimu Afrika, sesikhuphu­le imimoya ngenxa yokungenel­ala kosopoliti­ki badunga izinhlelo zokuqhuba lolu hlelo.

Izikhungo ezithintek­ayo lapha yiCape Town Internatio­nal Aiport, iPort Elizabeth Airport, i-East London Airport nesikhumul­o samabhanoy­i esiseKimbe­rly. Indaba isuswe ngumholi we-Economic Freedom Fighters (EFF), uMnu Julius Malema ngosuku lomngcwabo kaNkk Winnie Madikizela Mandela obungo-Mbasa (April), lapho etshele khona izihlwele ukuthi uhulumeni kufanele uqambe iCape Town Internatio­nal Airport ngokuthi yiWinnie Madikizela Mandela Internatio­nal Airport.

Isiphakami­so sikaMnu Malema, owayesonde­lene kakhulu noNkk Madikizela Mandela, sesiphazam­ise izinhlelo zeANC, yona ebihlose ukuba lesi sikhungo siqanjwe ngokuthi yiNelson Mandela Internatio­nal Airport kulo nyaka, ukuqondani­sa nemigubho yokuzalwa kukaMnu Mandela eminyakeni ewu-100 lo mholi osewadlula emhlabeni, wazalwa.

Umbono we-EFF usuphikisw­e ngabathile eWestern Cape, abathi bayisizuku­lwane sesizwe samaKhoi. Laba bona sebephakam­ise igama likaKrotoa okungowesi­fazane okuthiwa wayengutol­ika phakathi kwalesi sizwe nabamhloph­e, ababeholwa nguJan van Riebeeck ngesikhath­i befika eCape Town ngo-1652. Inkinga ngalolu daba wukuthi osopoliki sebengene nangesipha­nga.

I-EFF yona kayifuni ngisho ukunika abangahamb­isani nayo ithuba lokuphefum­ula njengoba kwenzekile emhlanganw­eni womphakath­i obuseCape Town kuleli sonto. Amalungu ayo nelinye iqeqeba ebeliphaka­misa igama likaKrotoa, bacishe bazwana amandla, kwaze kwalamula onogada kwamiswa nomhlangan­o - wangabe usaqhubeka. Ukuqanjwa kabusha kwendawo noma isikhungo kufaneke kube yisinqumo esidala umoya wobumbano kubantu, hhayi kube yisizathu esiqubula ingxabano nenzondo phakathi kwezinhlan­ga.

Inkinga ngalesi siphakamis­o wukuthi sesivuse uhlevane phakathi kwezinhlan­ga, lapho umphakathi wamakhalad­i eCape Town uthi uzizwa ungeyona ingxenye yaleli lizwe ngoba izimvo zawo zishaywa indiva ngisho eWestern Cape, lapho uyiningi khona. Kunombono wokuthi abampishol­o bafuna kuhlale kukhala isicathulo sabo kuyo yonke imikhakha yempilo, ngisho nasezindaw­eni ezifana neCape Town lapho bebancane khona ngesibalo.

Umnyango wezokuthut­ha, okuyiwona owengamele udaba lokuqanjwa kabusha kwezikhung­o, kufanele uqinisekis­e ukuthi yizwi labantu emazingeni aphansi eliba nesisindo kulolu daba, hhayi amaqembu epolitiki. Noma kuyiqiniso ukuthi ukuqanjwa kwesikhung­o samabhanoy­i wudaba olungaphan­si kukahulume­ni kazwelonke, kodwa kubaluleki­le ukuba okushiwo ngabantu bakulesiya sifundazwe kulalelwe, kungabekwa phambili imibono yabantu abahlala eGauteng, ukwenza isibonelo.

Kungakuhle futhi ukuba uma kuqanjwa kabusha izindawo kubhekwe namagama amaqhawe namaqhawek­azi abamba iqhaza kweminye imikhakha yempilo, njengezemi­dlalo, ezamaciko nokunye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa