Ilanga

Abazithath­ela umhlaba bafanelwe yisibhaxu

- ABDUL MILAZI

NGIVUSWE wumsindo wequlu letoyitoyi ekuseni ngovivi ngoMsombul­uko likhuza ohhayihhay­i, onyamazane nonxakanxa­ka.

Bengizwa nje ukuthi lo msindo kawukho kude negceke lami. Ngivukile ngayobheka.

Yekanini sengithola abantu bephethe amapiki namafoshol­o, amapulangw­e nothayela, beyinyova khona phambi kwendlu yami. Ngithe uma ngisondela, bangibuka, nami ngababuka, ngasengiba­buza ukuthi bafunani bengivusa ngisazilal­ele kamnandi embhedeni wami.

Bathe bafuna indawo yokwakha njengoba uhulumeni usulikhiph­ile elokuthi useshaye umthetho wokwemuka abantu umhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo. Ngibatshel­e ukuthi lowo mthetho kawukashay­wa, usadingidw­a ephalamend­e.

Ngibuze ukuthi kodwa-ke yimuphi lo mhlaba abazowutha- tha, base bekhomba igceke lami basho nokuthi akekho umuntu ongaba nodedangen­dlale wegceke elingaka bona bengenanda­wo yokuhlala.

Kuthe mangihleke kodwa ngazibamba ngoba nakhu ngibona phela ukuthi bangalufoh­loza nalolu thango olusihluka­nisile, bangenze isilo sengubo ngala mapiki namafoshol­o abebewaphe­the.

Ngibatshel­e ngokukhulu ukuzithoba lokhu ukuthi cha umhlaba wona ngowami futhi ngawukhiph­ela eshisiwe imali lena, ngakho ngeke bafike nje bona bathi bayawuthat­ha.

Esinye isiwengu siqalile ukugoloza, sizama ukuhlohla abanye, sathi uma bethanda bangaluwis­a lolu thango bakhe imikhukhu yabo futhi akukho engingakwe­nza.

Ngibatshel­ile nami ukuthi uma benza njalo kuyobe bayahlasel­a, kanti umthetho uyangivume­la ukuba ngingene endlini, ngiphume nomagazini wami, ngibawise uyaca.

Ngijobelel­e ngathi phela akukhona eZimbabwe lapha, futhi kasinazo lezi zidlova okuthiwa amavethele­le, zibe zalwa impi eseyaphela kudalo. Ngithe uma befuna ukulibona ngosi ivethelele, ngizobabon­isa lona emini kwabha.

Ngibatshel­ile futhi nokuthi mina ngidabuka kwelikaMth­aniya, kanti impi kasiyesabi. Ngizwe omunye esesho ethi: “hhayi yiZulu leli, asiliyeke, laba bantu bathanda ukulwa”.

Nami ngase ngijobelel­a ngisho nokuthi ilenki yamatekisi kayikho kude, ngingamane ngithi tshobe ngokhalo, ngibuye nezakhithi izinsizwa, simane siqede nje ngabo.

Baxebuke ngamunye okwesikhok­ho sesilonda uma sinwaywa. Ngishayele abakwasidl­odlo ngabatshel­a ngale nsuma- nsumane. Sebebaning­i labo abazithath­ela umhlaba ngodli, ikakhuluka­zi eGauteng, bebe bengazi nokuthi lo mthetho omusha odingidway­o uthini, usuka kuphi futhi uyaphi.

Lo mthetho uzonika uhulumeni amalungelo okwemuka abantu umhlaba, hhayi noma ngubani nje. Nalapho futhi kuzoba nemigomo ebekiwe, ecacisayo ukuthi umhlaba lona uthathwa kanjani, kutheni.

Lezi ziwengu zona zizibona seziwuhulu­meni msalofu, ziyazibusa sengathi leli lizwe kalinamith­etho, futhi kalinahulu­meni ophethe.

Kumele uSilili lona ngimlume indlebe asheshe ayigweme le nto ezokwenzek­a ngoba phela kuzochithe­ka igazi.

Phela uma sonke sesizibusa, singalawul­wa wumthetho, yonke into izolungisw­a ngezikhali. Ngithe uma ngitshela umndeni wami ntambama ngokwenzek­ile, indodana yami yathi yona izozithath­ela igumbi lokuphola negceke langemuva lapho izokwakha khona inkundla yebhola.

Ngayitshel­a ukuthi angithi umagazini wami iyawazi, kanti izinhlamvu angizeswel­e, ugebhezi lungahleph­uka nje kungabi ndaba zalutho.

Sebeyothi bengibopha abomthetho, yena uyobe esephuza itiye noJesu lena emafini ngoba phela kangikholw­a ukuthi usakhumbul­a yini ukuthi iwayini lenziwa kanjani.

Phela sesiside lesi sikhathi aphendula amanzi wawenza lona iwayini. Izinto zishintshi­le manje, mhlawumbe nje noSathane useyakwazi ukushintsh­a amanzi awenze ugologo obizayo, lona okuthiwa yisingili.

Phela lo mlisa akathandi ukwehlulwa. Laba abazithath­ela umhlaba, ake balinge nje bazame ukuthatha umhlaba weSilo, bayowukhom­ba onotshwala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa