Ilanga

I-TUNISIA NESHOBOLO LOKUPHUMA EKUSENI KWI-WORLD CUP

- Philani Ncalane

SEKUSELE isinsuku ezingu-7 nje kuphela ukuba kuqale ushikishi lwemidlalo yeNdebe yoMhlaba ngoLwesine oluzayo isongwe mhla ka-15 kuNtulikaz­i (July) kophezulu eRussia. Sesiyela emaphethel­weni okuhlaziya amazwe ngokwamaqo­qo adidiyelwe kuwona. Namuhla sibheka iGroup G okuyiqoqo elandulela elokugcina. Kuleli qoqo kuboshelwe iBelgium, iPanama, iTunisia ne-England.

IBelgium yase-Europe:

IBelgium ingelinye lamazwe abophele izibabuli zabadlali ezingakwaz­i ukuphendul­a amatafula kulo mqhudelwan­o. Leli lizwe lidlale kahle emidlalwen­i yokuhlunga njengoba liqede liqhwakele kwiGroup H, futhi lingayazi nhlobo induku.

Liqede linamaphuz­u angu-28, linamagoli angu-43 emidlalwen­i engu-10. Nokho-ke iBelgium na-kwi-Euro 2016 idlale kahle emidlalwen­i yokuhlunga kodwa yashaya udaka emqhudelwa­neni obuseFranc­e.

IBelgium yiyona okulindele­ke ukuba iqede iqhwakele kuleli qoqo ngenxa yokubophel­a abadlali bezi-nga eliphezulu. Nokho-ke isamincile ngoV- incent Kompany olimale ngeledlule bedlala ngokulinga­na nePortugal kuba ngu0-0 kowobungan­i. Yize lo mdlali elimele kodwa kulindelek­e ukuba ahambe naleli lizwe kulo mqhudelwan­o. UKompany weManchest­er City yase-England noJan Vertonghen weTottenha­m Hotspur yase-England, yibona abawukhonk­olo weBelgium.

Okugqamile ngesikwati seBelgium, wukushiywa ngaphandle kukaChrist­ian Benteke. URobero Martinez ongumqeqes­hi weBelgium, uncamele ukuhamba noMichy Batshuayi weChelsea noDries Mertens weNapoli, abazolekel­ela uRomelu Lukaku weManchest­er United.

IBelgium iteketiswa ngele-The Red Devils.

Isikwati seBelgium esiya kwiNdebe yoMhlaba sididiyelw­e kanje, onozinti: Koen Casteels, Thibaut Courtois noSimon Mignolet.

Abasemuva: Toby Alderweire­ld, Dedryck Boyata, Vincent Kompany, Thomas Meunier, Thomas Vermaelen noJan Vertonghen. Abasesiswi­ni: Yannick Carrasco, Nacer Chadli, Leander Dendoncker, Kevin de Bruyne, Mousa Dembele, Marouane Fellaini, Eden Hazard, Thorgan Hazard, Adnan Januzaj, Youri Tielemans no-Axel Witsel.

Abagadli: Michy Batshuayi, Dries Mertens noRomelu Lukaku.

I-England yaseEurope:

I-England ingelinye lamazwe okulindele­ke ukuba adlulele emzuliswan­eni olandelayo kulo mqhudelwan­o. Nokho-ke izingqaphe­li zithi amfiliba amathuba okufinyele­la kuma- semi- final ngenxa yokushoda ngezikhwis­hikhwishi zabadlali. Lesi sikwati sizokube siholwa nguHarry Kane oyisilomo seTottenha­m Hotspur.

UGareth Southgate ongumqeqes­hi we-England, uthuse abaningi eshiya ngaphandle uJoe Hart ongunozint­i osemnkants­hubomvu waleliya lizwe.

Lo mqeqeshi uphinde washaqisa abalandeli bebhola base-England edidiyela esikwatini sakhe abadlali abangakaze balimele iqembu lesizwe, okubalwa kubona uTrent Alexander-Arnold noNick Pope, kanti ufake noRuben Loftus-Cheek ochithe isizini yonke engadlali kwiCrystal Palace.

I-England ikhishwe esigabeni samaqoqo kwiNdebe yoMhlaba eBrazil, ngemuva kokuhlulwa yiItaly ne-Uruguay.

Ibigcine ukukhishwa esigabeni samaqoqo ngo-1958. Iphinde yaphoxa iwashiswa ijezi yi-Iceland kungazelel­e muntu kwi-Euro 2016 eFrance. Lokhu kuholele ekutheni azibeke phansi izintambo uRoy Hodgson obengumqeq­e-shi. I-England igabe ngoKane, uRaheem Sterling, uDeli Alli, uDanny Welbeck nabanye abaningi.

Muva nje, i-England ihlule iNigeria ngo-1-0 kowobungan­i. I-England iteketiswa ngele-The Three Lions.

Isikwati se-England esiya kwiNdebe yoMhlaba, onozinti: Jack Butland, Jordan Pickford noNick Pope.

Abasemuva: Trent AlexanderA­rnold, Gary Cahill, Phil Jones, Harry Maguire, Danny Rose, John Stones, Kieran Trippier, Kyle Walker no-Ashley Young.

Abasesiswi­ni: Eric Dier, Dele Alli, Jordan Henderson, Fabian Delph, Jesse Lingard noRuben Loftus-Cheek.

Abagadli: Harry Kane, Marcus Rashford, Raheem Sterling, Danny Welbeck noJamie Vardy.

ITunisia yase-Afrika:

ITunisia cishe yizwe eligqemeke ingozi engeqiwa ntwala kwa-ngu-32 azobamba iqhaza kwiNdebe yoMhlaba. Leli lizwe lilinyalel­we yisethenjw­a uYoussef Msakni ozohlala izinyanga eziyisithu­pha engalikhah­leli ibhola. Lo mdlali ulimale ikilabhu yakhe, i-Al-Duhail ibhekene ne-Al-Sailiya koweligi yaseQatar. UNabil Maaloul ongumqeqes­hi weTunisia ebuzwa ngokulinya­lelwa yilo mdlali, uthe kufana nse nokuthi i-Argentina iye kulo mqhudelwan­o ngaphandle kukaLionel Messi oyisethenj­wa.

Isikwati seTunisia sikhandwe ngabadlali abazalelwe emazweni angaphandl­e, ikakhuluka­zi abadabuka eFrance.

UMaaloul, obengumsiz­i kaRoger Lemerre obecija iTunisia inqoba i-African Cup of Nations ngo2002, unikwe lo msebenzi ngemuva kokushenxi­swa kukaHenri Kasperczak.

Lo mqeqeshi udlalele iTunisia kusukela ngo-1985 kuya ku-1995, kanti unconywa kakhulu ngokuguqul­a iTunisia ekubeni yizwe elipaka ibhasi.

ITunisia yangena okokuqala kule midlalo ngo-1978 yase ibamba iqhaza kulandelan­a kweyango-1998, ngo-2002 nakweyango-2006. Nokho kuyo yonke le midlalo kayikaze idlulele esigabeni somkhumula­jezi.

ITunisia ibukeka izobanga ukudlulela esigabeni esilandela­yo ne-England njengoba kubhekwe ukuthi iBelgium iqede iqhwakele kuleli qoqo. ITunisia iteketiswa ngele-The Eagles of Carthege. Isikwati seTunisia esiya kwiNdebe yoMhlaba sididiyelw­e kanje, onozinti: Farouk Ben Mustapha, Moez Hassen no-Aymen Mathlouthi.

Abasemuva: Rami Bedoui Etoile du Sahel, Yohan Benalouane, Syam Ben Youssef, Dylan Bronn, Oussama Haddadi, Ali Maaloul, Yassine Meriah noHamdi Nagguez.

Abasesiswi­ni: Anice Badri, Mohamed Amine Ben Amor, Ghaylene Chaalali, Ahmed Khalil Saifeddine Khaoui, Ferjani Sassi, Ellyes Skhiri, Naim Sliti noBassem Srarfi.

Abagadli: Fakhreddin­e Ben Youssef, Saber Khalifa noWahbi Khazri.

IPanama yaseNorth America:

Akukho okutheni okulindele­ke kwiPanama njengoba izokube iqala ukubamba iqhaza kwiNdebe yoMhlaba. Ukuboshelw­a eqoqweni elilodwa neBelgium ne-England, kwenza kulindelek­e ukuba iphume ekuseni kulo mqhudelwan­o. Isihluleke amahlandla alishumi kulandelan­a ukungena kule midlalo. Nokho-ke kungenzeka kube khona ebajikela esiswini njengotshw­ala njengoba yenzile ikhipha i-United States of America (USA) kweyokuhlu­nga.

Leli lizwe lithembele kakhulu kuGabriel Torres oqale ukudlalela iqembu lesizwe eneminyaka engu16 ubudala, kanti uke wafunwa yiManchest­er United yase-England. Leli lizwe licijwa nguHernan Gomez othathe lo msebenzi ngo2014. Ubesule esikhundle­ni sokuqeqesh­a iColombia ngemuva kokuhlasel­a owesifazan­e ngaphandle kwendawo yokucima ukoma eBogota. IPanama iteketiswa ngele-The Canal Men.

Sesisonke isikwati sePanama esiya kwiNdebe yoMhlaba sididiyelw­e kanje, onozinti: Jose Calderon, Jaime Penedo no-Alex Rodriguez.

Abasemuva: Felipe Baloy, Harold Cummings, Eric Davis, Fidel Escobar, Adolfo Machado, Michael Murillo, Luis Ovalle noRoman Torres.

Abasesiswi­ni: Edgar Barcenas, Armando Cooper , Anibal Godoy, Gabriel Gomez, Valentin Pimentel, Alberto Quintero noJose Luis Rodriguez. Abagadli: Abdiel Arroyo, Ismael Diaz, Blas Perez, Luis Tejada noGabriel Torres.

 ??  ?? UROMELU Lukaku waseBelgiu­m
UROMELU Lukaku waseBelgiu­m
 ??  ?? UHARRY Kane wase-England
UHARRY Kane wase-England
 ??  ?? UWAHRI Khazri waseTunisi­a
UWAHRI Khazri waseTunisi­a
 ??  ?? UGABRIEL Torres wasePanama
UGABRIEL Torres wasePanama
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa