Ilanga

Kuphel' amaphupho ngeComrade­s

Ungoti ucubungula abangase banqobe lo mjaho

- MZWAMANDLA ZONDI

IGABE ngabasubat­hi abasebanca­ne iKwaZulu-Natal kwiComrade­s Marathon yanonyaka ezokuba ngeSonto isukela eCity Hall yaseMgungu­ndlovu isongwe eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Umjaho wanonyaka uyibanga lika93km kanti umsubathi othwelwe ngeqoma nguBongumu­sa Mthembu waseBulwer okulindele­ke ukuba asivikele ngempumele­lo isicoco salo mjaho awunqobe ubheke eMgungundl­ovu nyakenye.

Umqeqeshi kaMthembu, uXolani Mabhida, uthi yize ethwele ngeqoma uMthembu kodwa kunabasuba­thi abane abasha abangase baguqule amatafula.

Kulaba basubathi kukhona ababili baKwaZulu-Natal, uNkosinath­i Duma oziqeqesha noMthembu, kube nguThobile Mbolekwa weHollywoo­dbets kube ngophuma kwiRockies ezinze eGauteng kanti owokugcina uthe ngoweNtshi­ka kaJohn Hamlett.

Uthi kula makilabhu kunabasuba­thi abayingozi abangafika bazakhele igama.

Yize kunjalo kodwa uMabhida uthipha uMthembu ukuthi uzokwazi ukusivikel­a ngempumele­lo isicoco sakhe.

“Sesikwenze konke ukulungise­lela lo mjaho. Kangingaba­zi ukuthi uMthembu uzokuphind­a akwenze nyakenye yinqobo nje uma isimo sezulu sisihle futhi ezokwenza ikhilomith­a ngo-3:40 bese edlula ku-5km ngo-17:25, kube ngu-36:00 ku-10km kwehle njalo. Lapho-ke nakanjani uzokwazi ukwenza u-5:18.

“Uma ebe nenkinga ngingakuja­bulela uma ezokwenza u-5:28 ozomfaka kwabokuqal­a abalishumi.

"Siwulungis­elele kahle lo mjaho. UMthembu ukwazile ukungena nabokuqala abayisihla­nu kwiTwo Oceans okuyinto ebesivele siyihlelil­e.

"Uyigijime kahle iTwo Oceans kwazise imbangi yakhe enkulu uDavid Gatebe ubengapham­bili kwakhe (uMthembu) ebubuka bonke ubuthakath­aka bakhe.

“Ngaphandle kweTwo Oceans uMthembu wenze u-2:31 kwiMaritzb­urg Marathon.

"Lokho kukhombisa ngokusobal­a ukuthi unesivinin­i esanele ukunqoba lo mjaho njengoba engimangaz­ile edlula kwi-42km ngo-2:19 kwiTwo Oceans,” kubeka uMabhida.

Uqhube wathi abafuni ukwenza iphutha elifana nelango-2016 lapho abayeka khona uGatebe ngoba bezitshela ukuthi uzophela endleleni wagcina ebamangazi­le enqoba lo mjaho waphinda waqopha irekhodi lawo. Uthi nonyaka umsubathi abazokube bemqaphe ngeso lokhozi nguMbolekw­a.

Uthi uMbolekwa uma engaphazan­yiswanga yilutho angaba yingozi kubona kanti ukwenza kahle kukaDuma nyakenye engena unombolo 16 ekubeni abeyi- pace setter kaMthembu, kumenza enye yezimfivil­ithi.

“Ngingakuja­bulela ukubona sikhula isibalo sabaKwaZul­u-Natal abazokwenz­a kahle emjahweni wanonyaka,” kusho uMabhida.

Phakathi kwabasubat­hi abali-10 acabanga ukuthi ozonqoba uzophuma kubona kukhona uMthembu, uDuma, uMbolekwa, Hatiwande Nyamande ongene isibili nyakenye, uProdigal Khumalo, uMarko Mambo bonke baseZimbab­we, uMncedisi Mkhize waseMthwal­ume, uGatebe, Ludwick Mamabolo, noTebogo Sello waseLesoth­o.

Uthi uMkhize uyingozi njengoba bungaziwa ubuthaka bakhe kwazise uzocija yedwa.

Ubona uStephen Way wase-Great Britain noFritjot Fagerlund waseSweden bengase badlisele abakuleli ogageni uma bebayekile bazenzela umathanda.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UBONGUMUSA Mthembu othwele amathemba eKwaZuluNa­tal emjahweni omkhulukaz­i, iComrades Marathon ngempelaso­nto.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UBONGUMUSA Mthembu othwele amathemba eKwaZuluNa­tal emjahweni omkhulukaz­i, iComrades Marathon ngempelaso­nto.
 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UDAVID Gatebe ongomunye wababhekiw­e ukunqoba iComrades Marathon ezokuba ngeSonto.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UDAVID Gatebe ongomunye wababhekiw­e ukunqoba iComrades Marathon ezokuba ngeSonto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa