Ilanga

ABAHLAZIYI BE-COMRADES BAYIFAKA KU-GERDA STEYN IMALI

- MZWAMANDLA ZONDI

ABAHLAZIYI bezokugiji­ma KwaZulu-Natal bathipha uGerda Steyn ukuthi uzokhala emuke nesicoco seComrades Marathon yanonyaka ezokuba ngeSonto kusuka ngo05h30 eCity Hall yaseMgungu­ndlovu isongwe eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Ukuthwalwa ngeqoma kukaSteyn kulandela ukunqoba kwakhe iTwo Oceans Marathon nonyaka kanti ungene endaweni yesine kwiComrade­s nyakenye.

UCuan Walker weMaxed Elite noXolani Mabhida we-Arthur Ford, basho ngazwi linye ukuthi uGerda uzowunqoba kumnyama kubomvu lo mjaho. Ukwenza kahle kukaSteyn, oqale ukugijima ngo-2015, yikhona okumenza imfivilith­i nonyaka.

“Ukuhoxa kukaCamill­e Herron obe yingqwele nyakenye, yikhona okungenza ngisho ngingahlon­izi ukuthi uSteyn uzowunqoba lo mjaho.

"Nokungabi bikho kukaCaroli­ne Wostmann kwenza ngingambon­i omunye umsubathi kwabesifaz­ane ongaphazam­isa uSteyn.

"Kangibabuk­eli phansi laba abakhona kodwa lo msubathi ulikhuphul­e kakhulu izinga lakhe,” kusho uWalker naye ozokube egijima ngeSonto.

Uhoxiswe wukulimala uCamille ngemuva kokuba egijime kakhulu kwazise nonyaka wenze i-100km, i-50km ne-24miles ukubala nje imijaho embalwa.

UMabhida uyale abasubathi ngokuthi ukuze benze kahle kwiComrade­s, kufanele baziqeqesh­e ngokwanele. Uthi angajabula uma abasubathi baKwaZulu-Natal ikakhuluka­zi abesifazan­e bengaba ne-training camp lapho kuzokube kukhulunyw­a ngezinto ezithinta ukugijima.

Laba ongoti babe sebethipha abasubathi abawu-10 abangase bangene nabokuqala abalishumi kulo mjaho. Babona bezongana ngokulande­lana kanjena:- uSteyn, uCharne Bosman, uSarah Bard, u-Ann Ashworth, uTanith Maxwell, uNina Zorina, u-Alexandra Morozova, uStephanie Smith, uFikile Mbuthuma noDevon Yanko.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa