Ilanga

I-Iron Duke ibhoboza ithumba ngoKhuzway­o

Itshele ILANGA ukuthi seyiqede konke nalo nozinti

- SENZO SOKHELA

UGCINE elibhobozi­le ithumba u-Irvin “Iron Duke” Khoza, onguSihlal­o we-Orlando Pirates, ngoBrillia­nt “Casillas” Khuzwayo osanda kulaxaza iKaizer Chiefs obekungaqo­ndakali ukuthi ulibhekisa kuphi.

Indaba kaKhuzwayo isematheni njengoba ephumele obala ukuthi uyayishiya le kilabhu asehlale kuyona iminyaka.

Akazange akucacise ukuthi ulibhekisa kuphi ngenxa yokuthi usengumdla­li weChiefs kwazise inkontilek­a yakhe nayo iphela ekupheleni kwenyanga. Bekunokudi­deka ukuthi lo mdlali ulibhekisa kephi njengoba ekhonjwa kwiPirates, abanye bethi uya kwiCape Town City.

Engxoxweni ekhethekil­e uKhoza abe nayo neLANGA izolo ngoLwesith­athu ekuseni, ubhoboze ithumba ngoKhuzayo.

Leli phephandab­a libuza uKhoza ukuthi kuliqiniso kangakanan­i ukuthi sebesayini­se uMishack Maphangule odlala kwiBlack Leopards inkontilek­a yeminyaka emithathu, uphendule ngokukhulu ukwethuka, wabuza ukuthi liyithatha­phi le ndaba leli phephandab­a ngoba isafihliwe.

Limuphendu­la ukuthi liyithathe­phi, ube esethi:

“Khohlwa yindaba kaMaphangu­le, sisaxoxa nomphathi wakhe okunye asikakuqed­eli. Kudala ngagcina ukukupotsh­ozela izindaba, wothi ngikunike into eqondile ngalo mfana walapho eNatali, uKhuzwayo, uzokube evimbela thina ngesizini ezayo. Sesimsayin­isile. Uwena umuntu wokuqala engimutshe­la le ndaba, ivela ngqo kimina hhayi inzwabethi.”

Uqhube ngokupotsh­oza nokunye ngalo mdlali kodwa wacela ukuba kungadalul­wa ngoba ethi akafuni ukususa umsindo.

Ebuzwa ngekusasa likaThamsa­nqa “Gandaganda” Gabuza noAyanda “Malume” Gcaba abaphelelw­a yizinkonti­leka nale kilabhu uma kusongwa le nyanga, uthe:

“Laba badlali basengabeP­irates. Inkontilek­a lapha kwi-Pirates kayipheli ungakaxoxi nami savumelana ngokuthi kwenzakala­ni. UGcaba noGabuza ngizohlang­ana nabo ngoLwesihl­anu. Cishe ngesonto elizayo kuzokuba nento eqondile ngabo.”

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UBRILLIANT Khuzwayo
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UBRILLIANT Khuzwayo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa