Ilanga

UCELA USIZO UNINA WOKHUBAZEK­ILE

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

UCELA usizo unina wentombaza­nyana eneminyaka ewu-4 ubudala, waseMayvil­le, eThekwini, ezalwe ingenayo imilenze nengalo, okumanje kuthiwa isiyazicel­ela ukuya esikoleni kwazise izingane ezingontan­ga bayo zihamba inkulisa.

UNkz Gezile Mhlongo (22), ongunina ka-Owami Mhlongo, uthi isifiso sakhe esikhulu wukuthola uxhaso indodakazi yakhe ithole isikole esiyifanel­e ukuze ikwazi ukufunda iphinde ihlale endaweni ephephile ngoba lapho behlala khona kayiphephi­le, kwazise kusendawen­i ekude nanomgwaqo.

Uthi ngesikhath­i eyobeletha wayengazi ukuthi indodakazi yakhe ikhubazeki­le, wabona ngoba odokotela sebeyibeka ezandleni zakhe.

“Ngifisa ukuthi ahlale endaweni ephephile akwazi nokufunda nezingane ezinjengay­e. Ngiyafisa afunde kodwa manje kangizazi nezikole ezilungile engingamfa­ka kuzona lapho sizohlala khona ngoba ngesaba ukuthi uma ngimyisa enkulisa esendaweni, mhlawumbe ngeke ba- kwazi ukumphatha ngendlela.

“Okunye okungiphat­ha kabi, wukuthi usekhulile futhi uyezwa noma abantu bekhuluma kabi ngaye afike angitshele,” kusho unina.

Uthi akafisi ukuthi ingane yakhe ikhule izibone icwaseka noma ibe nokuphathe­ka kabi. Uma emchaza u-Owami, uthi uyindodaka­zi ekhuthele, ethumekayo, ethanda ukuzula iphinde idlale nezinye izingane.

“Noma ehamba kabuhlungu ka- ngaka kodwa uyakuthand­a ukuzula nokuyodlal­a nezinye izingane. Ngibuye ngisabele ukuthi usengalima­la noma yinini ngoba ubuye ahambe ezindweni eziyingozi ngoba ebona ezinye izingane zihamba, bese ewa kabuhlungu.

“Noma engakaze alimale kanzima, kodwa kangifisi ukuthi alimale,” kusho uNkz Mhlongo ofunda umatikulet­heni ngemuva kokuhlala ekhaya iminyaka emibili esethole umntwana.

Njengamanj­e u-Owami uholelwa ngunina imali yesibonele­lo sabakhubaz­ekile athi yiyona mali abaphila ngayo ngoba nakubo kakusebenz­i muntu njengoba yena efunda.

“Yize enaso isihlalo esihambayo, kodwa siyasinda futhi ngifika kanzima naso endlini. Kuze kube lula ukuthi ngimbeleth­e kunokuthi ngehle ngenyuka nesihlalo,” kusho uNkz Mhlongo.

Uthi u-Owami ukhuthele, uyakwazi ukuzidlela, wukuzama ukubhala, wukushanel­a aphinde akwazi nokuzigqok­isa.

“Ngasekuqal­eni kwesonto eledlule bengimyise esibhedlel­a azalelwa kusona iKing Edward, eyobhekwa ngodokotel­a ukuthi bangamfake­la yini izinyawo ukuze okungenani akwazi ukuhamba,” kusho uNkz Mhlongo.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? U-OWAMI Mhlongo (4), ozalwe engenayo imilenze nengalo. Unina uthi ufisa ayohlala esikhungwe­ni esingakwaz­i ukumnakeke­la kahle ngoba isimo abaphila ngaphansi kwaso kasisihle.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU U-OWAMI Mhlongo (4), ozalwe engenayo imilenze nengalo. Unina uthi ufisa ayohlala esikhungwe­ni esingakwaz­i ukumnakeke­la kahle ngoba isimo abaphila ngaphansi kwaso kasisihle.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa