"I-DA isenza imvu yomhlatshelo"
IYAKWESHWAMA iMeya yaseNkandla, uMnu Thamsanqa Ntuli ukuthi uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu kaNgqongqoshe Nomusa Dube-Ncube, ufake umasipala wayo enkantolo ngenxa yodaba lokuqashwa kwemenenja. UMnu Ntuli utshele leli phephandaba ukuthi bewumasipala, bebengazi ukuthi lo mnyango unenkinga ngokuqashwa kwemenenja, uMnu Langelihle Jili, kwazise ngokwazi kwabo ineziqu ezanele ukuba ingaqhoqhobala lesi sikhundla.
“Ngokwazi kwami babekhale ngokuthi akanaso isipiliyoni esanele ngesikhathi sithi siyamqasha, okuthe uma singavumelani, bathi masibhalele ungqongqoshe kuzwelonke angenelele.
“Uthe uma esichitha sabuyela kuwona lo mnyango, sawutshela ukuthi naye ungqongqoshe kuzwelonke siyaphikisana naye ngoba sikholwa wukuthi ufanelwe yilo msebenzi (uMnu Jili)," kusho uMnu Ntuli.
Uthi kuze kwadingeka ukuba baqashe abameli abacacisele lo mnyango ukuthi uMnu Jili ufanelwe wukuba kulesi sikhundla. Uthike kubethusile ngoLwesithathu olwedlule sebezwa kwabezindaba ukuthi umnyango ubafake enkantolo ngalolu daba.
“Ngiyasola sengathi nawo lo mnyango kawuyiqondisisi le migomo yawo ngoba sike sabeka omunye ukuba abambe, lo mnyango wavuma ngoba ubeneziqu ezanele. Kuthe sesimbekile, waphinde futhi wona lo mnyango wathi masimkhiphe, akafanelekile wukubamba,” kusho yena.
Uqhube wathi njengomasipala kuwumsebenzi wabo ukuqasha imenenja futhi uma becubungula imithetho yokuqasha ebekwe yilo mnyango, uMnu Jili simlungele isikhundla.
“Nangale kwalokho, uphinde waphumelela nasohlakeni oluzimele oluqashwe yiwona lo mnyango kaNkk Dube-Ncube.
“Ufike wabashaya emakhanda bonke abebefake izicelo kwinhlolokhono. Kuleyo nhlokhono bekunesikhulu salo mnyango ebesiwumele ukubhekelela ukuthi konke sikwenza ngendlela,” kusho uMnu Ntuli.
Odabeni oluvezwe yiDA lokuthi inkampani iBrand Partners kaMnu Sibusiso Ncube - ongumyeni kaNkk Dube Ncube - ithole ithenda ka-R7.7 million yezokuxhumana kulo masipala, uthe lokhu kukhombisa ukuthi kwalona leli qembu kukhona abantu abalisebenzisayo.
Uthi lokhu ukusho ngoba akaqondi ukuthi kungani kubalulwe iNkandla noMthonjaneni kuphela kube kuvela ukuthi le nkampani yenza umsebenzi ofanayo komasipala abaningi KwaZulu-Natal.
IMeya yaseMthonjaneni - okubikwa ukuthi umasipala wayo unike uMnu Ncube ithenda ka-R8.2 million ukwenza umsebenzi wezokuxhumana - uMnu Sbonginkosi Biyela, ithe udaba lwemenenja yalo masipala lusenkantolo, kayikwazi ukukhuluma kakhulu ngalo.
Uthi odabeni lokunikwa kukaMnu Ncube ithenda, yena njengemeya akangeni odabeni lokunikezelwa kwamathenda nelokusebenza kwemali kumasipala.
“Kumasipala wethu kunabantu abaqashelwe ukwenza imisebenzi enjengaleyo, kodwa engikwaziyo wukuthi kababheki ukuthi ngubani umnikazi wenkampani uma kuphume ithenda. Babheka ukuthi inkampani leyo engenelele ukuthi izokwazi noma inawo yini amandla okwenza lowo msebenzi ,” kusho uMnu Biyela.
Uthe uma i-DA ifuna ukulwa nongqongqoshe mayenze lokho ngaphandle kokusebenzisa omasipala njengesikhali sayo. UMnu Msawakhe Mayisela okhulumela lo mnyango, uthe njengoba udaba lusenkantolo, kabakwazi ukukhuluma ngalo kwabezindaba.