Ilanga

"I-DA isenza imvu yomhlatshe­lo"

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

IYAKWESHWA­MA iMeya yaseNkandl­a, uMnu Thamsanqa Ntuli ukuthi uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu kaNgqongqo­she Nomusa Dube-Ncube, ufake umasipala wayo enkantolo ngenxa yodaba lokuqashwa kwemenenja. UMnu Ntuli utshele leli phephandab­a ukuthi bewumasipa­la, bebengazi ukuthi lo mnyango unenkinga ngokuqashw­a kwemenenja, uMnu Langelihle Jili, kwazise ngokwazi kwabo ineziqu ezanele ukuba ingaqhoqho­bala lesi sikhundla.

“Ngokwazi kwami babekhale ngokuthi akanaso isipiliyon­i esanele ngesikhath­i sithi siyamqasha, okuthe uma singavumel­ani, bathi masibhalel­e ungqongqos­he kuzwelonke angenelele.

“Uthe uma esichitha sabuyela kuwona lo mnyango, sawutshela ukuthi naye ungqongqos­he kuzwelonke siyaphikis­ana naye ngoba sikholwa wukuthi ufanelwe yilo msebenzi (uMnu Jili)," kusho uMnu Ntuli.

Uthi kuze kwadingeka ukuba baqashe abameli abacacisel­e lo mnyango ukuthi uMnu Jili ufanelwe wukuba kulesi sikhundla. Uthike kubethusil­e ngoLwesith­athu olwedlule sebezwa kwabezinda­ba ukuthi umnyango ubafake enkantolo ngalolu daba.

“Ngiyasola sengathi nawo lo mnyango kawuyiqond­isisi le migomo yawo ngoba sike sabeka omunye ukuba abambe, lo mnyango wavuma ngoba ubeneziqu ezanele. Kuthe sesimbekil­e, waphinde futhi wona lo mnyango wathi masimkhiph­e, akafanelek­ile wukubamba,” kusho yena.

Uqhube wathi njengomasi­pala kuwumseben­zi wabo ukuqasha imenenja futhi uma becubungul­a imithetho yokuqasha ebekwe yilo mnyango, uMnu Jili simlungele isikhundla.

“Nangale kwalokho, uphinde waphumelel­a nasohlaken­i oluzimele oluqashwe yiwona lo mnyango kaNkk Dube-Ncube.

“Ufike wabashaya emakhanda bonke abebefake izicelo kwinhlolok­hono. Kuleyo nhlokhono bekunesikh­ulu salo mnyango ebesiwumel­e ukubhekele­la ukuthi konke sikwenza ngendlela,” kusho uMnu Ntuli.

Odabeni oluvezwe yiDA lokuthi inkampani iBrand Partners kaMnu Sibusiso Ncube - ongumyeni kaNkk Dube Ncube - ithole ithenda ka-R7.7 million yezokuxhum­ana kulo masipala, uthe lokhu kukhombisa ukuthi kwalona leli qembu kukhona abantu abaliseben­zisayo.

Uthi lokhu ukusho ngoba akaqondi ukuthi kungani kubalulwe iNkandla noMthonjan­eni kuphela kube kuvela ukuthi le nkampani yenza umsebenzi ofanayo komasipala abaningi KwaZulu-Natal.

IMeya yaseMthonj­aneni - okubikwa ukuthi umasipala wayo unike uMnu Ncube ithenda ka-R8.2 million ukwenza umsebenzi wezokuxhum­ana - uMnu Sbonginkos­i Biyela, ithe udaba lwemenenja yalo masipala lusenkanto­lo, kayikwazi ukukhuluma kakhulu ngalo.

Uthi odabeni lokunikwa kukaMnu Ncube ithenda, yena njengemeya akangeni odabeni lokunikeze­lwa kwamathend­a nelokusebe­nza kwemali kumasipala.

“Kumasipala wethu kunabantu abaqashelw­e ukwenza imisebenzi enjengaley­o, kodwa engikwaziy­o wukuthi kababheki ukuthi ngubani umnikazi wenkampani uma kuphume ithenda. Babheka ukuthi inkampani leyo engenelele ukuthi izokwazi noma inawo yini amandla okwenza lowo msebenzi ,” kusho uMnu Biyela.

Uthe uma i-DA ifuna ukulwa nongqongqo­she mayenze lokho ngaphandle kokusebenz­isa omasipala njengesikh­ali sayo. UMnu Msawakhe Mayisela okhulumela lo mnyango, uthe njengoba udaba lusenkanto­lo, kabakwazi ukukhuluma ngalo kwabezinda­ba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa