Ilanga

UKHALE NGEZINKING­A ONQOBE I-COMRADES

- PHILANI NCALANE noMFANAFUT­HI NDLOVU

IZINKINGA zaseceleni zicishe zamkhiphel­a ngaphandle uBongumusa Mthembu waseBulwer kwiComrade­s Marathon ayivikele ngempumele­lo izolo ngeSonto eshaya intambo ngo-5:26:34 kulo mjaho oqale eMgungundl­ovu wasongwa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UMthembu uthi uke wacabanga ukuthi ngeke abe yingxenye yalo mjaho ngenxa yezinkinga ezisecelen­i. Nokho akathandan­ga ukwanda kabanzi ngezinking­a abebhekene nazo, kodwa ukugcizele­le ukuthi ubengalime­le.

Lo msubathi, obeyinqoba okwesithat­hu iComrades, uthe umjaho wanonyaka ubushesha kakhulu, okwenze waba ngomunye wenzima kwaseke wayigijima.

“Umuntu ebengimbhe­ke kakhulu emzileni nguDavid Gatebe ngoba unesivinin­i esikhulu. Nokho-ke ngesikhath­i sekubhekwe ePinetown, ngibonile ukuthi ngingakwaz­i ukunqoba.

“Ozakwethu besixoxa nabo emzileni kuhlekwa futhi sisizana nangamanzi. Okuhle ngami wukuthi bengizithe­la ngawo amanzi kanti bona bebewaphuz­a,” kusho uMthembu.

Uthi ukholwa wukuthi ubezokwazi ukuphula irekhodi lalo mjaho ukuba ubuphelela eKingsmead Cricket Stadium njengoba ubuqala ukuphelela eMabhida.

AbeComrade­s basayine isivumelwa­no seminyaka emithathu neMabhida ukuba lo mjaho uphelele khona.

UMthembu uthi kumthinte kakhulu emoyeni ukushaya intambo phambi komndeni wakhe, abengazi ukuthi ukhona enkundleni ukuyomesek­a.

Lo msubathi besekuphel­e izinyanga ezintathu awugcina umndeni wakhe njengoba ebematasa eziqeqeshe­la lo mjaho.

Kwabesifaz­ane ubhedu ludliwe ngu-Ann Ashworth weMassmart Athletics Club, kwathi uGerda Steyn weNedbank, wangena isibili kanti u-Alexandra Morozava uthathe indawo yesithathu.

Ephawula ngempumele­lo kaBongumus­a, uThamsanqa Mthembu ongumfowab­o omncane, uthe: “Sijabule kakhulu siwumndeni wakwaMthem­bu ngempumele­lo kaBongumus­a. Besivele sikulindel­e ukunqoba ngoba besazi ukuthi ngeke asidumaze.

“Umama wethu ubekhona enkundleni ezozibonel­a uBongumusa eshaya intambo. Usheshe wagoduka ngenhloso yokuyohlel­a okuthile kokujabule­la le mpumelelo ekhaya,” kusho uThamsanqa obehamba namanye amalungu omndeni.

 ?? ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ?? UNKK Sizeni Mthembu, unina kaBongumus­a, ulethwe isipesheli eThekwini esuka eBulwer ukuzobona indodana yakhe inqoba.
ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA UNKK Sizeni Mthembu, unina kaBongumus­a, ulethwe isipesheli eThekwini esuka eBulwer ukuzobona indodana yakhe inqoba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa