SIYANDA ISIBALO "SABADLWENGULWE" YINYANGA YODUMO
ZIYAQONGA izinkinga ezibhekene nenyanga yaseMawoti evulelwe icala lokudlwengula owesifazane wasesifundazweni iMpumalanga esigodlweni sayo.
ILANGA libikile ngoMsombuluko nangoLwesine olwedlule ngodaba lwale nyanga - elinalo igama layo kodwa elingeke lilidalule okwamanje ngenxa yezizathu zomthetho. Isivulelwe elinye icala ngomunye wesifazane eyisola ngokuthi imdlwengule iphindelela ithi iyamelapha.
ILANGA lixoxe nalo wesifazane - esingeke simdalule ukumvikela - oveze ukuthi udlwengulwe yile nyanga ithi imfaka umuthi wokumelapha, isebenzisa isitho sayo sangasese.
Uthi uye kuyona eyofuna usizo kwazise izinto zakhe bezingamhambeli kahle. Inyanga imtshele ukuthi kuzomele iye emzini wakhe iyomqinisela wona. Nebala iyile emzini wakhe okuthe isephakathi nokubethela, yamtshela ukuthu kunomuthi ezomgcoba wona esithweni sakhe sangasese.
Uthi ifake amagilavu ezandleni yamgcoba amafutha esithweni sakhe. Uyitshele ukuthi unethumba esithweni sangasese, wasinda.
“Nakuba ngisindile ngosuku lokuqala, uhambe endlini engitshele ukuthi kayelaphekile inkinga engibhekene nayo, kuzomele abuye. Kudlule isikhathi ngabona ngaye esebuya endlini yami ethi uzongelapha,” kusho lona wesifazane.
Uthi inyanga iphinde yenza esifanayo, yamgcoba amafutha esithweni sangasese maqede yagibela phezu kwakhe.
Utshele ILANGA ukuthi uzwe ngesitho sayo sangasese sesikuyena, yamtshela ukuthi angathuki ngalokhu ekwenza kuyena ngoba imfaka umuthi ozomsiza.
“Lokhu ukwenze izikhawu ezintathu, elokhu ebuya emzini wami ezongidlwengula. Bekungafiki kimina ukuthi uyangidlwengula ngenxa yokuthi bengimethemba futhi ngazi ukuthi ungumfundisi. Umqondo uze wabuya ngemuva kwesikhathi ukuthi le nto abeyenza ukungidlwengula,” kusho lona wesifazane.
Uthi akasayisebenzisi imithi yale nyanga ngoba usebonile ukuthi ibimenza isilima, wanquma ukuyivulela icala lokudlwengula.
ILANGA libike kabanzi ngodaba lowesifazane wasesifundazweni iMpumalanga Province ovulele le nyanga icala. Uthe inyanga naye iqale ngokumgcoba amafutha esithweni sangasese maqede yamdlwengula, ithi iyamelapha.
Lo wesifazane uveze ukuthi inyanga igcine isimncenga ngokuba imbuyisele yonke imali ayikhokhile ngesikhathi imelapha noyise ngoba yenzela ukuba udaba angaluxoxi futhi angaluyisi emaphoyiseni.
Inyanga iboshwe ngeSonto eledlule yavela eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngoLwesibili yaphuma ngebheyili.
ULt Col Thulani Zwane, okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, ukuqinisekisile ukuthi le nyanga isivulelwe elinye icala.