Ilanga

Usinde izigebengu zisho ukumqeda

Olwa nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane

- SKHOSIPHI MTHEMBU

UPHUNYUKE emlonyeni wengwenya owesilisa waseMtubat­uba, odume ngokuxwayi­sa abantu ngokuhluku­nyezwa kwezingane nabesifaza­ne, ehlaselwa ngabantu abangaziwa esohambeni lwakhe ngeledlule.

UMnu Jan Mabuyakhul­u ( osesithomb­eni) - owaziwa kakhulu ngokuhamba amabanga amade ngezinyawo exwayisa ngokuhluku­nyezwa kwebesifaz­ane nezingane - uthi namanje akazi usinde kanjani kula madoda abethi ayamqeda ngommese ngaseRicha­rds Bay.

Kwenzeka lokhu nje, usohambeni lwakhe olusuka eMtubatuba uya eThekwini, aluqale ngeledlule kanti kulindelek­e ukuba atheleke kusasa ngoLwesibi­li kwelikabha­nana.

Kulo mkhankaso uMnu Mabuyakhul­u usuke ephethe izingqwemb­e ezibhalwe ukuthi makuyekwe ukuhlukuny­ezwa kwezingane nabesifaza­ne.

“Ngesikhath­i ngihlaselw­a yila madoda, bengibheka indawo lapho ngizoquba khona kuze kube sekuseni bese ngiqhubeka nohambo. Ngithe ngingazele­le, ngabona amadoda amabili abengiland­ela ngazitshel­a ukuthi ngabantu abaphuma emsebenzin­i, bayazihamb­ela.

“Bathe uma befika kimina, oyedwa wabo wangidonsa, bangitshel­a ukuthi mangikhiph­e yonke imali enginayo. Ngizamile ukudlubulu­ndela kodwa oyedwa wabo wakhipha ummese esho ukungiqeda ngawo.

“Ngishiye konke ebengikuph­ethe, okubalwa izingqwemb­e engihlale ngizipheth­e, omakhalekh­ukhwini ababili nemali engango-R600 esale kwebengiyi­nikwe wuMasipala waseMtubat­uba - yokuba ngithole ukudla endleleni - umazisi wami nezimpahla zokushints­ha uma ngisendlel­eni,” kusho uMnu Mabuyakhul­u.

Uthi uyile emaphoyise­ni eyobika ngalesi sigameko kodwa watshelwa ukuthi makabuye esephethe ibhokisi lomakhalek­hukhwini namaphepha akhombisa ukuthi ngabakhe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe kubaluleki­le abantu bazi ukuthi uma webelwe umakhalekh­ukhwini, kumele uye nebhokisi namaphepha awo ukuze amaphoyisa ezokwazi ukuvula icala.

“UMabuyakhu­lu kumele aqinisekis­e ukuthi ubuyela esiteshini nebhokisi likamakhal­ekhukhwini ayovula icala. Uma engeneme ngendlela oluphathwe ngayo udaba lwakhe, kubaluleki­le ukuba axhumane nomphathi wesiteshi,” kusho yena.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa