Ilanga

ABOZALO BABUNGAZE E-ARTIZEN LOUNGE

-

BABUNGAZE ngentokozo ukuhlabana ngendondo kumaSouth African Film and Television Awards (Safta), abalingisi boZalo olukhonjis­wa phakathi nezinsuku kwi-SABC 1.

Lo mcimbi ubuseArtiz­en Lounge, KwaMashu ngoLwesihl­anu ntambama. Kulo mcimbi obugabise ngezintand­okazi zabalingis­i bawo, bekukhona uThandeka Dawn King odlala indawo kaMangcobo, UMasoja Msiza olingisa uNkunzi, uKhaya Dladla olingisa uGC, nomlingisi­kazi osemnkants­hubomvu, uBaby Cele yena olingisa indawo kaGabisile.

UDawn King ethula inkulumo yosuku, uthe kuyamthoko­zisa ukusebenza nabantu abazinikel­ayo njengozakw­abo. Uthe lokhu kumenza azizwe esendaweni efanele. Ubagqugquz­ele ukuba bangawehli­si umfutho abanawo njengoba bebonakala behamba phambili.

Khona manjalo uMasoja Msizi uhhaye inkondlo naye egqugquzel­a ubunye nokubambis­ana ethimbeni labo. Lo mcimbi ubungandil­e kakhulu ngezinkulu­mo kuphela, kodwa abekhona namaciko okubalwa kuwo oDJ abadumile abebenandi­sa.

Amanye amaciko abekhona nguDJ Bhunu Brill, uKanye noDJ Afro B. masuku@ilanganews. co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa