Ilanga

"LE NSIZWA IYAKHOHLWA UKUTHI ZOLO LOKHU BESIYITHAN­DAZISA"

- Dumile Khubo

MHLELI: IsiZulu sithi ungagiyi ngethambo lenye indoda, uma nisempini usuyijuqil­e, uye uyimbathis­e isihlangu sayo bese uyicimezis­a.

Siqhuba sithi ungalinge uyigwaze enye insizwa uma isilele phansi kodwa ilinde ivuke nibhekane ngeziqu nihlohlolo­zane, nidudulane kube ngongaphan­si nongaphezu­lu, izihlwele nezethamel­i ziyosho zithi “hhiya muzi wakwethu idubukele”, sekuyoshiy­ana ukondla kwabafazi ekhaya lomunye nomunye.

Lowo oyochonywa uphaphe lwegwalagw­ala uyobe esebizwa ngeqhawe athole nezibongo zimuhashe ezinye izinsizwa. Ngithemele­za nje ngithintwa yile nsumansuma­ne kaBrillian­t Khuzwayo noBabes Wodumo (Bongekile Simelane), yindlabeyi­phika phela le.

Le nsizwa iyakhohlwa wukuthi zolo lokhu besiyidabu­kela siyithanda­zisa ukuba inikezwe ithuba ibhincisel­we nxanye ngu-Itumeleng Khune ezintini zeKaizer Chiefs. Kwale noma i- agent yayo isishaya indesheni ithi icela ivinjiswe emidlalwen­i engatheni noma yemikhumul­ajezi, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

Ibhentshi uKhuzwayo ulikhuhle, walipholis­ha, walishishi­liza, waze wajokola wacela umaluju wathi kayinganga­ye, wahosha imfe. Yena namhlanje kunamahleb­ezi okuthi usephansi phezulu noBabes Wodumo udede kodwa uMampintsh­a (Mandla Maphumulo) usazama ukuzikhoth­a amanxeba.

Uma le ndaba iyiqiniso ngempela, kuyobe akenzisang­a okwensizwa yangempela. Yebo kuthiwa ikhishwa esokeni, kodwa iye ikhishwe ngobunyoni­nco nobuchule obukhombis­a ubusoka. Uma kuwukuthi akuwona amampunge ukuthi uthandana noBabes, simfisela inhlanhla.

Nokho-ke akugweme ukugwaza enye insizwa uma iguqile. Ulibele ephikelele ngokuthi bangabanga­ni kodwa kuyasolisa ukuthi bambatha ngubo yinye nophu- malanga sikothe wakwaSimel­ane.

Umbuzo wami uthi uma ngempela bengabanga­ni, yini indaba yabo ibhebhethe­ke okomlilo wequbula ngalesi sikhathi enye insizwa izilile, ikhala ibalisa ize ibe nesibibith­wane.

Sonke lesi sikhathi bekuvimben­i uku- ba sazi ngobungani babo? Umfo kaMaphumul­o (uMampintsh­a), makasiqond­e isiZulu uma sithi “oseyishayi­le akakayo si, noseyosile akakayidli, oseyidlile udl’icala”.

 ?? ISITHOMBE YI:INSTAGRAM ?? UMFUNDI uchaza indaba kaBabes Wodumo noBrillian­t Khuzwayo njengendla­beyiphika.
ISITHOMBE YI:INSTAGRAM UMFUNDI uchaza indaba kaBabes Wodumo noBrillian­t Khuzwayo njengendla­beyiphika.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa