Umsindo ngokuguqulwa kwegama lenkundla yezindiza
UMnu Malema ugadla kuzwele
AKWAZIWA mbhantshi kujiya ngodaba oluvutha ubuhanguhangu ngokuguqulwa kwegama lesikhumulo sezindiza iCape Town International Airport.
Kuzokhunjulwa ukuthi nakuba lukhona uhlelo olwaziwayo lukahulumeni lokuguqulwa kwamagama ezindawo ukuze aveze umfanekiso weNingizimu Afrika ekhululekile, kodwa abenze lolu daba lwaba sematheni kakhulu yinkulumo yomholi weEFF, uMnu Julius Malema emngcwabeni kaNkk Winnie Mandela ngoMbasa (April) ophosele i-ANC inselelo ethi ukukhombisa ukuthi ibimthanda ngempela uNkk MadikizelaMandela, lokho makubonakale ngokuba lesi sikhumulo sezindiza sethiwe kabusha kuthiwe yiWinnie Mandela International Airport.
Kulolu daba i-ANC izithola ibhekene nolunye uhlangothi lomphakathi wohlanga phambilini obelubizwa ngokuthi ngamakhaladi, othi isikhumulo masethiwe kabusha ngoKrotoa.
Emhlanganweni womphakathi wokuzwakalisa imibono, amakhaladi abekhuluma isiBhunu ebhodla umlilo ethi akusoze kwenzeka ukuba nakulokhu eqiwe nxa kwenziwa izinto.
NGUBANI UKROTOA?
UKrotoa kuthiwa ngowesifazane wesizwe samaKhoi owayengutolika wolimi lwesiKhoi, esebenzela isizwe samaDutch okudabuka kusona isizwe sama-Afrikaner noma amaBhunu esikhona namuhla.
Kuthiwa uKrotoa wazalwa ngo1643 khona eWestern Cape. Washonela eRobben Island mhla ka-29 kuNtulikazi (July) 1674. Umntwana wakhe nguPietermella Meerhof.
UKUVIKELA ISITHUNZI SAYO
I-ANC isenkingeni hhayi ngoba engafanelekile uNkk MadikizelaMandela, kodwa ibhekene nenselelo yokuba igweme ukubonakala seyizwa ngeqembu eliphikisayo izinto okumele uhulumeni uzenze njengoba kubukeka kanjalo ngodaba lokuthathwa komhlaba wuhulumeni ngaphandle kwesinxephezelo.
UMnu Malema ugadla kuzwele uma esesho obala nxa kunezinkulumompikiswano ephalamende. Nakhu-ke manje sekulandela udaba lokuqanjwa kabusha kwalesi sikhumulo sezindiza saseCape Town.
INQUBO YOKUQANJWA KWEZIKHUMULO ZEZINDIZA
Emizameni yokuthola ngenqubo elandelwayo nxa kwenziwa lokhu, ILANGA licwaninge lathola ukuthi ngokwe-Airports Company of South Africa (ACSA), mihlanu imibandela okumele kuhlangatshezwane nayo nxa kucatshangwa ukuba kuguqulwe igama lesikhumulo.
Ngokombhalo ovele kuNews24, kuvele ukuthi "akuyi ngokuthi ngubani omemeza kakhulu kunabanye”. Okokuqala kuba wukwenza isimemo emphakathini ukuba wenze iziphakamiso ngalolo guquko.
Okwesibili, nxa umphakathi usuphefumulile ngalolo daba, izi- phakamiso zawo zidluliswa yiGeographical Names Committee ezingeni lesifundazwe ukuba ziyobhekwa ngamakomiti ezifundazwe zonke ukuthi ziyawulandela yini umkhombandlela wencwajana emumethe ezokwethiwa kwamagama ezindawo.
Okwesithathu, amakomiti ezifundazwe athumela kwiSouth African Geographical Names Council iziphakamiso zawo, wona-ke bese wenza isinqumo esethulwa kungqongqoshe wezobuciko namasiko (okunguMnu Nathi Mthethwa njengamanje) ukuba kuvunywe lokhu.
Okwesine ungqongqoshe wenza isimemezelo emqulwini kahulumeni (Governemnt Gazette), okuthi uma sesiphumile kulindwe izi- nsuku ezingama-30 zokwamukela abaphikisayo, uma bekhona.
Okokugcina, uma ekhona ophikisayo ungqongqoshe ucubungula lokho ngaphambi kokushicilela isinqumo kuyo iGovernment Gazette.
Umnyango wezokuthutha neACSA balandelisa ngokwenza lezo zinguquko masinyane emuva kwalokho. Lapho ILANGA lithinta isikhulu sezokuxhumana emnyangweni wezokuthutha ePretoria, sithe udaba okwamanje lusesesigabeni olusingethwe kuso yiACSA, alukedluleli kubona njengomnyango.
Imizamo yokuthola uMnu Colin Naidoo okhulumela i-ACSA kayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokuloba.