Ilanga

Wakubona kudala uMbeki okwenzeka kwi-ANC

- PHILANI MGWABA philani@ilanganews.co.za

AKUYONA inhloso yale ngosi ukuphawula kabanzi ngamaqembu ezepolitik­i nezinkinga zawo zangaphaka­thi, ngaphandle uma lezo zinkinga zingaba nomthelela ekuphathwe­ni kwezwe nasempilwe­ni yabantu.

I-ANC, iphethe amandla ombuso eNingizimu Afrika, ngaphandle kwesifunda­zwe iWestern Cape nomasipala abaningi bakhona abaphethwe yiDA, nomasipala abathile KwaZulu-Natal abangaphan­si kwe-IFP.

Ukwengamel­a kwe-ANC uhulumeni kusukela kuzwelonke kuya komasipala, kuba nomthelela wokuba kuthi uma kunezinxus­hunxushu ezenzekayo ngaphakath­i kuleli qembu, zibe nomthelela ongemuhle ekubusweni kwezwe, besekuphaz­amiseka nempilo yabantu abasuke bebheke ukuba uhulumeni wenze ngendlela imisebenzi yomphakath­i.

Kule mpelasonto esiphuma kuyo, kubhuntshe ingqugquth­ela ye-ANC KwaZulu-Natal, phakathi kokunye ebizokheth­a ubuholi baleli qembu kulesi sifundazwe.

Lokhu kwenzeke emuva kokuba abathile eqenjini befake isicelo enkantolo eNkulu eMgungundl­ovu ukuba imise le ngqungquth­ela ngoba bekhala ngokuthi kubenomkho­nyovu owenziwe ngabathile ebuholini ngesikhath­i kwenziwa amalungise­lelo alo mhlangano.

Phakathi kokunye, kunezikhal­o zokuthi amagama amanye amalungu aleli qembu kawaveli ohlwini lwabantu abangamalu­ngu, okuthiwa bekuyitulo lokuba bangakwazi ukuba yingxenye yengqungqu­thela ekhetha ubuholi, khona kuzokhethw­a abaholi abathile abadle- lana nalowo obengumeng­ameli we-ANC nezwe, uMnu Jacob Zuma.

Kakungabaz­eki ukuthi umbango wobuholi beqembu kulesi sifundazwe sewube nomthelela wokubulawa kwamalungu aleli qembu nezinsolo - ezibukeka zinesiseke­lo - zokuthi kusetshenz­iswa imali yabakhokhi bentela ngokwabela amathenda anoju abathile ngenhloso yokuba badlulisel­e le mali kubaholi abathile.

Le ndlela yokwenza izinto inomthelel­a omubi empilweni yabantu ngoba inenkohlak­alo nokwebiwa kwemali okufanele ngabe isetshenzi­selwa ukwenza izidingo zabantu nokuphucul­a impilo yoquqaba.

Kucacela ngisho ingane ukuthi isizathu sombango wezikhundl­a kwi-ANC kulesi sifundazwe kaku- ngoba labo abakhankas­ela lezi zikhundla behlose ukuba uma sebekhethi­we, basebenzel­e abantu, babanike impilo engcono.

Isizathu wukuba baphile impilo engcono bona, imindeni yabo neqeqebana elithile eqenjini nosomabhiz­inisi abadlelana nabo.

Okwenzeka manje kuleli qembu kwabonwa kudala yilowo owabe engumengam­eli walo, uMnu Thabo Mbeki owayeshuma­yela ukuba ubulungu baleli qembu bungavulel­wa yinoma ngubani nje ofaka isicelo.

UMnu Mbeki wabe esaba ukuthi lokhu kungavulel­a amathuba izimpungus­he ezifuna ukuba ngamalungu ngoba zihlose ukuthola izikhundla, besezisebe­nzisa lokhu njengesise­kelo sokungena emazingeni kahulumeni, zikwazi ukulawula ukwabiwa kwemali okuzozinik­a ithuba lokuzicebi­sa zona nabangani bazo.

Ukucaphuna uMnu Mbeki; wayejwayel­e ukuthi kakubalule­kile ukuba i-ANC ibe namalungu amaningi, kodwa okubalulek­ile wukuba lawo amancane akhona eqenjini abe sezingeni elifanele ( better fewer but better).

Sekuwumlan­do manje ukuthi emuva kokwehlulw­a kukaMnu Mbeki nguMnu Zuma okhethweni lobuholi beqembu ngo-2007, amasango avulelwa noma ngubani ongenayo, isibalo samalungu eqembu sakhula ngesivinin­i.

Kuzophawul­eka ukuthi yingalesi sikhathi lapho izinkinga eziningi zaleli qembu zaqala khona ukumila izimpande, ikakhuluka­zi KwaZulu-Natal.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa