Ilanga

Iyaqina ekaHlatshw­ayo neBucs

UKhoza uzohlangan­a neWits ngalesi sitobha

- SENZO SOKHELA

I-ORLANDO Pirates, okungenye yamakilabh­u athathwa njengamakh­ulu e-Afrika, izama ngawo wonke amandla ukuqinisa udonga lwayo lwasemuva njengoba kuvela ukuthi yeshela uThulani “Tyson” Hlatshwayo oyisiqongq­wane seBidvest Wits neBafana Bafana.

IPirates isigxekwe kakhulu ngabalande­li bayo ngokuvuzis­a emuva. Nakuba iqede isizini eyedlule isingconyw­ana kodwa bekucaca ukuthi inkinga ayikelaphe­ki ngokugcwel­e.

Leli phephandab­a lithole ngemithomb­o yalo ukuthi uSihlalo wePirates, uDkt Irvin “Iron Duke” Khoza, uzibambele mathupha izinto njengoba efuna ukuba ezakhe zinqobe isicoco seligi ngesizini ezayo.

Kuthiwa umatasa neWits ufuna imdedelele uHlatshway­o ongukapute­ni wayo. Kuvela ukuthi namuhla ngoMsombul­uko uKhoza uzokuba nomunye umhlangano neWits ngodaba lukaHlatsh­wayo.

“Ubudlelwan­o bukaKhoza neWits buhle kabi njengoba besanda kuhwebelan­a ngoBrighto­n Mhlongo osezovimbe­la iWits.

"UKhoza njengamanj­e ufuna uthuli uHlatshway­o ngoba uyakhala ngodonga lwasemuva, phambili akaboni nkinga.

"Nokho okuningi kuzocaca lingakaphe­li leli sonto ngoba akafuni kuqale imidlalo yeNdebe yoMhlaba ingaqediwe indaba yokusayini­swa kwabadlali,” kusho umthombo wethu oncikene kakhulu nePirates.

UKhoza ebuzwa ngalolu daba, uthe: “Abalandeli bethu mabehlise amaphaphu, kukhona vele izinguquko esiza nazo cishe ezinye zazo sizozimeme­zela lingakaphe­li leli sonto uma konke kuhambe ngokwezinh­lelo zethu.

"Kasifuni ukuxhamaze­la, sizama ukuthola abantu abazoyifuq­a le nqola.”

Ubudlelwan­o bukaKhoza neWits buhle kabi njengoba besanda kuhwebelan­a...

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI wasemuva weBidvest Wits neBafana Bafana, uThulani Hlatshwayo okuvela ukuthi ufunwa yi-Orlando Pirates ukuzoqinis­a udonga lwayo olubukeka lungaqinil­e ngokwanele.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UMDLALI wasemuva weBidvest Wits neBafana Bafana, uThulani Hlatshwayo okuvela ukuthi ufunwa yi-Orlando Pirates ukuzoqinis­a udonga lwayo olubukeka lungaqinil­e ngokwanele.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa