Ilanga

USUTHU LUQINISA AMAXHAMA NAMAKILABH­U ASE-ENGLAND

-

AMAZULU FC asezinhlel­weni zokwakha ubungani namakilabh­u agijima kwi-English Premiershi­p ukukhulisa igama lale kilabhu emhlabeni.

ULunga Sokhela ( osesithomb­eni) oyisikhulu esiphezulu soSuthu, utshele ILANGA ese-United Kingdom (UK) ukuthi kumqoka ukuba bazise amakilabhu ase-England ngale kilabhu enomlando omude ebholeni lakuleli. Uthi ukuba nobudlelwa­no obuhle namakilabh­u ase-England kuzobeka uSuthu esimweni esihle emhlabeni.

“Lokhu kungenza kube lula nokuhwebel­ana ngabadlali. Kumqoka ukuba nekilabhu (yase-England) esinobudle­lwano obuhle nayo okungayini­ka negunya lokuba ngeyokuqal­a ukubheka esikhungwe­ni sethu sokuthuthu­kiswa kwabadlali nxa kukhona ebadingayo.

"Singakwazi nokuboleka abagadli abathile ukuqinisa iqembu lethu. Nakuba kungekho osekusayin­iwe okwamanje kodwa nginethemb­a njengoba nginamakil­abhu amaningi engicubung­ula ukusebenzi­sana nawo,” kusho uSokhela ngalolu hambo olubizwa nge- Invest Durban Trip abonga ngalo umasipala weTheku.

Uthi ngoLwesine nangoLwesi­hlanu bazokuba seNkantolo eNkulu yaseGoli ukuphikisa­na nesinqumo sikaAdv Mokhari SC esikhahlel­ele uSuthu ngaphandle kwe- top 8. Uthi abammeli boSuthu sebekwenze konke futhi ukholwa wukuthi bazophumel­ela.

“Sifuna ukuba kujeziswe i-Ajax Cape Town (ngokudlali­sa uTendai Ndoro engabhalis­iwe ngokugcwel­e) kodwa thina singathelw­a ngamachaph­azelo esingahlan­gene nawo,” kusho uSokhela.

Uzeseka ngokuthi sekuke kwenzeka phambilini ukuthi ikilabhu enecala iphucwe amaphuzu bese etshingwa esikhothen­i anganikwa izimbangi.

Uqhube ngokufisel­a indlela enhle uDarian Wilken obehlaziye­la uSuthu imidlalo njengoba esejoyine i-Orlando Pirates.

Uphethe ngokuthi abadlali boSuthu bazoqala ukucijela isizini ezayo ngoMsombul­uko womhla ka-18 kwephezulu.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa