Ilanga

ZINGCWEKA NGEMPUMELE­LO IZINKUNZI ZIKAMASKAN­DI

- MTHOBISI SITHOLE

YIZE sekubikwe izigameko eziningi ezingezinh­le ezizalwa wukuqhoshe­lana kwamaciko kamaskandi - ikakhuluka­zi athathwa njengezink­unzi kulo mculo - nokho kukhona okuhle okuvela kulaba baculi.

Kubukeka sekuzoba wumlando ukudlula emhlabeni kwabaculi bakamaskan­di bese kusalwa kubatshazw­a ukuthi bashiye izindonga ziwa kodwa kade benza imali. Sebaziwa ngokuthi inkece bayibhubhu­dla namantomba­zane eGoli.

Kunezinsiz­wa ebezihloni­shwa kumasikand­i eminyakeni edlule ezishone kwavela amahlazo lapho ziqhamuka khona, sekubona izwe lonke ukuthi kazizange ziyakhe imizi.

UKhuzani “iNdlamlenz­e” Mpungose noMthanden­i “iGcokama Elisha” Manqele, benze okwehlukil­e emuva kokuba bekhuziwe ngokungabo­ni ngaso linye kwabo nokungcofa­na ezingomeni zabo, bavele baqhoshela­na ngempumele­lo kukho konke abakwenzay­o.

Phakathi kwabo akekho ofuna ukwehlulwa ngomunye ngokwenza izinto ezibonakal­ayo nezizohlom­ulisa imindeni yabo ngisho sebedlulil­e emhlabeni.

Kuqala unyaka odlule, uKhuzani wakhe indlu yakhe kubo, wathenga iQuantum. Ngawo unyaka odlule, iGcokama lithenge iQuantum neFortuner ngosuku olulodwa. Belithenga lezi zimoto nje, belivele linazo izimoto ezimbili ngaleso sikhathi.

NgoMbasa (April) nonyaka, uKhuzani ukhiphe i-albhamu ethi “Inhlinini Yoxolo” edayise igolide, emuva kwalokho, iGcokama lathenga umuzi eGoli ngoNhlaba (May).

UMthandeni uke watshela ILANGA ukuthi ufuna ukwenza umehluko emndenini wakhe ngoba ukhule ngaphansi kwesandla somzali oyedwa, unina. Uthe nakuba lo muzi ewuqale ehlekwa, kuthiwa wakha indlu encane kodwa akazisoli namhlanje ngawo.

UKhuzani yena uthe abazali bakhe bashone esemncane kakhulu, manje-ke konke akwenzayo ufuna ukujabulis­a uninakhulu obewa evuka naye nezingane zakwabo.

“Okwenzeke kwabanye abaculi ngaphambi kwethu singakacul­i, kumele sifunde ngamaphuth­a abo. Singalokhu sihlekwa ngento eyodwa,” kusho uKhuzani.

Laba baculi bathi konke abakwenzil­e, bakwenze ngoba befuna nabalandel­i babo babone ukuthi kabalahli imali yabo uma bethenga umculo wabo ezitolo, hhayi emgwaqweni.

 ??  ??
 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? ISITHABATH­ABA esisha somuzi owakhiwe nguKhuzani Mpungose eNkandla.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ISITHABATH­ABA esisha somuzi owakhiwe nguKhuzani Mpungose eNkandla.
 ??  ?? UMUZI owakhiwe nguMthande­ni Manqele kubo eHluhluwe, eMkhanyaku­de.
UMUZI owakhiwe nguMthande­ni Manqele kubo eHluhluwe, eMkhanyaku­de.
 ??  ?? UKHUZANI Mpungose ehlanganis­e izinkumbi zabalandel­i bakhe eWorkshop, eThekwini.
UKHUZANI Mpungose ehlanganis­e izinkumbi zabalandel­i bakhe eWorkshop, eThekwini.
 ??  ?? UMTHANDENI Manqele ehlanganis­e izinkumbi zabalandel­i bakhe eWorkshop, eThekwini.
UMTHANDENI Manqele ehlanganis­e izinkumbi zabalandel­i bakhe eWorkshop, eThekwini.
 ??  ?? LAPHA uKhuzani Mpungose uphethe igolide athi walithola ngokudayis­a kahle kwe-albhamu yakhe kulo nyaka.
LAPHA uKhuzani Mpungose uphethe igolide athi walithola ngokudayis­a kahle kwe-albhamu yakhe kulo nyaka.
 ??  ?? LAPHA uMthandeni Manqele uphethe igolide lakhe njengoba ethi udayise kahle umculo wakhe
LAPHA uMthandeni Manqele uphethe igolide lakhe njengoba ethi udayise kahle umculo wakhe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa