ZINGCWEKA NGEMPUMELELO IZINKUNZI ZIKAMASKANDI
YIZE sekubikwe izigameko eziningi ezingezinhle ezizalwa wukuqhoshelana kwamaciko kamaskandi - ikakhulukazi athathwa njengezinkunzi kulo mculo - nokho kukhona okuhle okuvela kulaba baculi.
Kubukeka sekuzoba wumlando ukudlula emhlabeni kwabaculi bakamaskandi bese kusalwa kubatshazwa ukuthi bashiye izindonga ziwa kodwa kade benza imali. Sebaziwa ngokuthi inkece bayibhubhudla namantombazane eGoli.
Kunezinsizwa ebezihlonishwa kumasikandi eminyakeni edlule ezishone kwavela amahlazo lapho ziqhamuka khona, sekubona izwe lonke ukuthi kazizange ziyakhe imizi.
UKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose noMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele, benze okwehlukile emuva kokuba bekhuziwe ngokungaboni ngaso linye kwabo nokungcofana ezingomeni zabo, bavele baqhoshelana ngempumelelo kukho konke abakwenzayo.
Phakathi kwabo akekho ofuna ukwehlulwa ngomunye ngokwenza izinto ezibonakalayo nezizohlomulisa imindeni yabo ngisho sebedlulile emhlabeni.
Kuqala unyaka odlule, uKhuzani wakhe indlu yakhe kubo, wathenga iQuantum. Ngawo unyaka odlule, iGcokama lithenge iQuantum neFortuner ngosuku olulodwa. Belithenga lezi zimoto nje, belivele linazo izimoto ezimbili ngaleso sikhathi.
NgoMbasa (April) nonyaka, uKhuzani ukhiphe i-albhamu ethi “Inhlinini Yoxolo” edayise igolide, emuva kwalokho, iGcokama lathenga umuzi eGoli ngoNhlaba (May).
UMthandeni uke watshela ILANGA ukuthi ufuna ukwenza umehluko emndenini wakhe ngoba ukhule ngaphansi kwesandla somzali oyedwa, unina. Uthe nakuba lo muzi ewuqale ehlekwa, kuthiwa wakha indlu encane kodwa akazisoli namhlanje ngawo.
UKhuzani yena uthe abazali bakhe bashone esemncane kakhulu, manje-ke konke akwenzayo ufuna ukujabulisa uninakhulu obewa evuka naye nezingane zakwabo.
“Okwenzeke kwabanye abaculi ngaphambi kwethu singakaculi, kumele sifunde ngamaphutha abo. Singalokhu sihlekwa ngento eyodwa,” kusho uKhuzani.
Laba baculi bathi konke abakwenzile, bakwenze ngoba befuna nabalandeli babo babone ukuthi kabalahli imali yabo uma bethenga umculo wabo ezitolo, hhayi emgwaqweni.