Ilanga

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

-

NAKUBA umqondo wakho uphapheme kodwa kukhona okungase kuwudunge. Kukhona okungase kukushiye unemibuzo. Ziveze uqotho kulabo osondelene nabo. Ungakuliba­li ukuthi unamandla ngaphezu kwezinking­a zakho.

ARIES (March 21-April 19)

INGQONDO yakho ijiye kakhulu. Uma amaphutha owabukela phansi ungawalung­isi yiwona angase akufake enkingeni. Gwema ukukhuluma kakhulu kodwa kumele kugqame izenzo.

TAURUS (April 20-May 20)

ZITSHELE ukuthi ubumnandi bempilo buncike emicabangw­eni onayo. Isikhathi sisebenzis­e ngendlela ezokunika inzuzo. Kunezinsol­o ongaba nazo ngomunye oxhumene naye.

GEMINI (May 21-June 21)

KUNEMIBONO emihle onayo ethinta kakhulu ezamabhizi­nisi. Izinhlelo ozonamathe­la kakhulu kuzona zizodinga ukuba uxhumane nabantu abanolwazi. Unesibindi kodwa ubuye uhlehlise izinhlelo zakho.

CANCER (June 21-July 22)

UNEMIBUZO eminingi ngekusasa lakho. Ungaba neqhaza elimqoka kakhulu ekusizeni labo abaseduze kwakho. Uzibona sengathi ubhekene nesimo sokusolwa ngabathile.

LEO (July 23-August 22)

NCIPHISA isikhathi esingading­eki nabangani. Zonke izinhlelo zakho kudingeka uzisukumel­e. Impilo uma kumele ibe wumzabalaz­o kumele uzabalaze ngempela.

VIRGO (Augt 23-Sept 22)

UZOBA nezinhlelo ezahlukene ezithinta uhlobo lwempilo ofisa ukuyiphila kusasa. Qiniseka ukuthi umqondo wakho useqophelw­eni eliphakeme lobuhlakan­i ukuze ukwazi ukuthatha izinqumo ezinobuhla­kani.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

UNOBUHLAKA­NI kanye nobungani. Ungalibuki imuva nomonakalo walo kodwa buka ikusasa ngamehlo ethemba. Izinkolelo ezinhle ngekusasa lakho yizona okumele uhlale uzisekile.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

GXILISA amandla akho kulokho okuyisisek­elo sekusasa lakho. Uma usebenzisa inkani yakho ungabuvike­la kalula ubuhlakani bakho. Uyobe usisebenzi­se kahle isikhathi sakho uma ungabaliba­li abawusizo kuwena.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

KOKUNYE uzibambeze­la wena ngokungath­athi izinqumo ngesikhath­i esifanele. Unobuchule ezinhlelwe­ni ezithinta ukwenza imali. Njengamanj­e kukhona oziduduza ngakho ezinkingen­i onazo.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

UKUXHUMANA nezinhlobo eziningi zabantu kuzokwenza umqondo wakho uswabuluke. Uzozama ukukhuphul­a izinhloso zakho zibe sezingeni eliphakeme.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

UKUNYAKAZI­SA umzimba kungakuvus­elela kakhulu emandleni akho. Kuzodingek­a ukholelwe ezinqumeni zakho nokuthi zizokuthat­ha lapho ukhona zikuse phambili.

PISCES (Feb 19-March 20)

UMA kunesiding­o esiphuthum­ayo okumele usifeze, kuzodingek­a ubuke imiphumela kuqala. Uyathanda ukuba uthando lwakho lube nezinongo ezahlukene. Uvalo obelukuhlu­pha lungancish­iswa wukuqhamuk­a namasu.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa