Ilanga

I-ANC izibulala yona ngezinkant­olo

- Njabulo Gebashe EMZIMKHULU

MHLELI: Ngizwakali­sa umbono wami mayelana nokumiswa kwengqungq­uthela ye-ANC KwaZulu-Natal (ebiseBheku­zulu Hall, KwaDlangez­wa, eMpangeni).

IKwaZulu-Natal iyisifunda­zwe ongafunga ukuthi sabulawa yiqili maqede lazifel; zonke izinto ezingakhi ziqala kulesi fundazwe. Lokhu okwenzekil­e kucacisa ngokusobal­a ukuthi i-ANC izibulala yona ngoba kusho ukuthi njalo uma kukhona ukungaboni ngasolinye, kuyiwa ezinkantol­o.

Uma i-ANC yehluleka ngo-2019, ingakhali ngamuntu, izisole yona. Kungase kuqhubeke ukubulawa kosopoliti­ki emuva kwalesi sivimbelo senkantolo ngoba uzokhumbul­a ukuthi izifunda ebezingeyo­na ingxenye yengqungqu­thela - okubalwa kuzona iHarry Gwala, iMoses Mabhida neSouth Coast lapho kwabulawa khona abantu - kusolakala ukuthi bezingaham­bisani nokuba khona kwayo.

Kube yiphutha elikhulu okwenziwe ngamalungu e-ANC ukuyisa iqembu enkantolo ekubeni linabo ubuholi obuphezulu. Kusho ukuthi i-ANC iphethwe yizinkanto­lo.

Iqembu lisuke selizifake enkingeni uma lithembele kakhulu ezinkantol­o, ngisho noma bethi bajezisa ilungu lombutho, livele liye enkantolo, isibonelo;- iDA, ixakwe yilungu layo uPatricia de Lille.

Iqembu lithi i-ANC izophuma kanjani kulolu taku ezifake kulona ngoba phela yona kayisenawo amandla? Abaholi be-ANC mabayikhip­he ezinkantol­o, abahluliwe bakwamukel­e lokho ngoba izofa iphele nya.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMNU Gwede Mantashe, onguSihlal­o we-ANC noMnu Sihle Zikalala, obekubhekw­e ukuba aqokelwe esikhundle­ni sokuhola le nhlangano esifundazw­eni enkomfeni egcine ibhuntshil­e.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMNU Gwede Mantashe, onguSihlal­o we-ANC noMnu Sihle Zikalala, obekubhekw­e ukuba aqokelwe esikhundle­ni sokuhola le nhlangano esifundazw­eni enkomfeni egcine ibhuntshil­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa