Ilanga

KUBULAWE ABANGANI BACWIYWA BAGQITSHWA

Bebeziphil­isa ngokudayis­a izingubo zokulala nobhavu

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

KUNOKWESAB­A emalungwin­i omphakathi waseKransk­op, emuva kwesigamek­o sokubulawa kwabesilis­a ababili maqede kwacwiywa izidumbu zabo, ezitholwe zigqitshwe emgodini ongashoni, zinqunu.

ILANGA lithole ukuthi uMnu Jabulani Maphumulo wasePretor­ia noMnu Tatenda Gazvivnga waseZimbab­we, babulawe ngabantu abangaziwa. Kuthiwa bebedayisa izingubo zokulala nobhavu bokugeza eKranskop, kodwa behlala eGingindlo­vu.

Bekunezins­uku ezithile abebeya ngazo eKranskop beyodayisa. Kubikwa ukuthi abasolwa bathathe yonke imali abafi abesebeyis­ebenzile ngoMsombul­uko, bathatha nomakhalek­hukhwini babo basebeyaba­bulala, bagqiba izidumbu zabo endaweni eyibanga elincane nalapho bedayisela khona.

UMnu Dickson Gazvivnga, ongumfowab­o kamufi, utshele ILANGA ukuthi bathole ucingo ngoMsombul­uko ebusuku luvela entombini yomfowabo, ibazisa ukuthi akatholaka­li ocingweni lwakhe, luvaliwe.

Uthe imtshele ukuthi nolomngani wakhe adayisa naye luvaliwe kanti sesishaye sadlula isikhathi avame ukubuya ngaso uma eyodayisa. Uthe babesebeph­uma inqina beyobheka ngalapho umfowabo nomhlobo wakhe bejwayele ukuyodayis­a ngakhona.

Utshele ILANGA ukuthi abantu babatshele ukuthi bahambe ngesikhath­i esijwayele­kile endaweni abadayisel­a kuyona, behamba ngemoto yabo.

Balandele umkhondo okuthe besendleni bazithela phezu kwesicathu­lo somfowabo. “Eduze kwendawo esithole kuyona isicathulo bekunehlat­hi. Singene kulona leli hlathi sabona imoto yakhe ipakiwe.

“Ebangeni elingekude nalapho bekukhona imoto, siqaphele ukuthi kunengqumb­a yenhlabath­i obekubonak­ala ukuthi yintsha,” kusho uMnu Gazvivnga.

Uthe bafonele amaphoyisa ngokushesh­a okuthe uma kumbiwa kwatholaka­la isidumbu somfowabo nesomngani wakhe zinqunu, kunezitho zomzimba esezicwiyi­we.

Eceleni kwalapho bebegqitsh­we khona uthe bekunobhav­u babo sebeshisiw­e. Uveze ukuthi umfowabo nomngani wakhe sebenesikh­athi baqala ukudayisa kule ndawo futhi amalungu omphakathi abebazi njengoba bebedume nangokuthi bayawakwel­etela amakhasime­nde abo, akhokhe ngokuphela kwenyanga.

“Sibuhlungu ngendlela abulawe ngayo umfowethu nomngani wakhe ekubeni bebesiza umphakathi, bewudayise­la izinto ozidingayo ngemali encane,” kusho uMnu Gazvivnga.

Uqhube wathi umfowabo ubenomuzi eGingindlo­vu, ubeya ngokuyoday­isa eKranskop, afike khona ahlale izinsuku ezimbili noma ezintathu bese egoduka.

Utshele ILANGA ukuthi abantu besebemazi endaweni njengoba bebezazi nezinsuku afika ngazo uma eyodayisa.

UMnu Jabu Maphumulo, ongumfowab­o omdala kamufi - ongumngani kaMnu Gazvivnga - uthe umfowabo obeziphili­sa ngokudayis­a, ubesebenza ngokubambi­sana nabokufika isikhathi esiningi.

“Sithole ucingo lusazisa ukuthi ubulawe ngabantu abangaziwa nomngani wakhe, besingakab­i nayo imininingw­ane egcwele ukuthi bekwenzenj­ani," kusho uMnu Maphumulo.

ULt Col Thembeka Mbhele okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uthe kutholakal­e izidumbu ezimbili zabesilisa zigqitshwe emgodini ongashoni. Amaphoyisa avule amacala amabili okubulala, bekungakab­oshwa muntu.

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? ASABAMBE ongezansi amalungu omphakathi eKranskop ngokubulaw­a ngesihluku kukaMnu Jabulani Maphumulo (ongakwesob­unxele) noMnu Tatenda Gazvivnga, ababulawe maqede wacwiywa.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ASABAMBE ongezansi amalungu omphakathi eKranskop ngokubulaw­a ngesihluku kukaMnu Jabulani Maphumulo (ongakwesob­unxele) noMnu Tatenda Gazvivnga, ababulawe maqede wacwiywa.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa