Ilanga

Umndeni ushaqekile ngemibiko ngoZimdoll­ar

Ngokomnden­i wakwaXulu, uZimdollar usengumako­ti wabo

- SANDILE MAKHOBA NOLUCKY CAIN

USASHAQEKI­LE umndeni wakwaXulu, lapho kuganele khona umsakazi woKhozi FM, uZimiphi "Zimdollar" Biyela ngemibiko yokulotsho­lwa kwakhe ebisabalel­e kwabezinda­ba ngeledlule.

Ngeledlule kuvele ukuthi uZimdollar uselotshol­we nguMnu Sbongeleni Dlamini ongusomabh­izinisi, kanti kunomunye usomabhizi­nisi onguMnu M z wandile Zondi okubikwa ukuthi usezinhlel­weni zokumlobol­a. Lezi zindaba ziwushaqis­ile umndeni wakwaXulu kwazise ngokwazi kwawo, lo msakazi usengowakw­aXulu.

UNkz Lindi Xulu, ongudadewa­bo womyeni kaZimdolla­r, owale waphetha neminining­wane yomfowabo ngoba ethi isamphethe kabi le mibiko yokulotsho­lwa kwalo msakazi - ekhuluma ne

LANGA uthe bona bebengakat­shelwa lutho ngalezi zindaba.

“Ngikhuluma nje, umuzi kaZimdolla­r ngowakwaXu­lu, akukho okunye esisabikel­we ngakho,” kusho yena.

Uthe basazolind­a umakoti wakwabo abachazele ngale mibiko esabalele. “Ngokwazi kwethu konke kusahamba kahle phakathi kukamfowet­hu noZimdolla­r njengoba uma ebuyile eThekwini, ubuyela khona ekhaya kwaXulu,” kusho uNkz Xulu obekhuluma ngocingo nezintathe­li ebezizifik­ele mathupha kwaXulu, eShowe. Ngesikhath­i ILANGA lifika kwaXulu, lifice kugcwele izingane okuyizona ezilixhuma­nise noNkz Xulu ngocingo. ILANGA selikulo muzi, uZimdollar ufonile ebuza amagama ezintathel­i ezikhona, maqede wanxusa izingane ukuba zingaphawu­li lutho kepha zixhumane noNkz Xulu.

 ??  ?? NGUZIMIPHI Biyela okusabalel­e kwabezinda­ba ukuthi uselotshol­we ngusomabhi­zinisi othile.
NGUZIMIPHI Biyela okusabalel­e kwabezinda­ba ukuthi uselotshol­we ngusomabhi­zinisi othile.
 ?? IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? WUMUZI okuthiwa ngokaZimdo­llar olapho eganele khona kwaXulu.
IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA WUMUZI okuthiwa ngokaZimdo­llar olapho eganele khona kwaXulu.
 ??  ?? UBECHAZA aze aneke izandla uNkk Biyela ekhuluma ngokudidek­a mayelana nemibiko ethi indodakazi yakhe uZimiphi iyalotshol­wa kwenye indawo, kwazise yena uyazi iwumfazi womuntu.
UBECHAZA aze aneke izandla uNkk Biyela ekhuluma ngokudidek­a mayelana nemibiko ethi indodakazi yakhe uZimiphi iyalotshol­wa kwenye indawo, kwazise yena uyazi iwumfazi womuntu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa