Ilanga

LIHOXISIWE ELOBESOLWA NGOKUBULAL­A UMZUKULU

- NOMFUNDO NGWANE

Ilihoxisil­e icala iNkantolo yeMantshi eMtubatuba kowesifaza­ne (62) obesolwa ngokubulal­a umzukulu wakhe. ILANGA libike kabanzi ngalolu daba ngoNdasa (March) ngesikhath­i uNkk Ntombebovu Mdletshe eshaqwa ngamaphoyi­sa esemzini wakhe phambi komndeni wakhe ngecala abesolwa ngalo lokubulala uGamelihle “Gamo” Mdletshe (3)

Ubengaphan­dle ngebheyili ka-R1 500 ngemuva kokubhadla izinsukwan­a ejele. Ubevele enkantolo ngoLwesibi­li lapho efike khona icala lahoxiswa ngenxa yokuthi ubufakazi obebubekwe phambi kwayo kabumhlang­anisi necala.

UGamelihle kubikwe ukuthi unyamalale mhla ka-10 kuZibandle­la (December) ngonyaka ophelile. Kwabikwa ukuthi uphume ekhaya eyodlala, elandela izingane zakubo ezindala kunaye, akaphindan­ga wabuyela kubo.

Izingane zakubo zibuye zodwa okuthe uma zibuzwa, kwacaca ukuthi kazimbonan­ga ngesikhath­i ezilandela. Laze lashona lelo langa ingane ingatholak­ali, isidumbu sayo saze satholakal­a ngemuva kwezinsuku ezintathu, sintanta emfuleni iNyalazi.

Phambilini ILANGA lithole ngemithomb­o yalo ukuthi kulolu daba lokubulawa kukaGamo, bekusolwa nenduna yendawo, uMnu Mdumiseni Mantenga. Leli phephandab­a likhulumil­e nenduna ngesikhath­i kusanda kuboshwa uNkk Mdletshe yazihlangu­la, yaveza ukuthi ibisiwazwi­le amahlebezi okuthi iyathintek­a kulolu daba.

Ngesikhath­i ILANGA likhuluma noyise wengane uMnu Sibusiso Mdletshe kusanda kuboshwa unina, umphikele walala ngomhlane unina ukubeni ubengabula­la indodana yakhe, wakucacisa ukuthi uyameseka njengoba eboshiwe futhi akafuni ngisho ukucabanga ukuthi uyathintek­a kulolu daba ngoba uyamazi umbulali.

Wathi ngisho kungaphuma siphi isinqumo enkantolo ngezinsolo ezibhekisw­e kunina, bazomeseka ngoba bayazi ukuthi akayena umbulali. ILANGA liphinde lakhuluma noMnu Mdletshe emuva kokuhoxisw­a kwecala likanina, uthe:

"Besivele sazi ukuthi umama akanacala, amaphoyisa aseMtubatu­ba abezama ukusidida imiqondo ngoba evikela abasolwa,” kusho uMnu Mdletshe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, ukuqinisek­isile ukuhoxiswa kwecala likaNkk Mdletshe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa