Ilanga

USEQALILE UKUZILOLON­GA "OWASAHWA" UMLENZE

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

USEQALILE ukuzihambe­la ngaphandle kwezinduku umdlali ongumbhuku­di, umsubathi nomshovi wamabhayis­ikili uMhlengi Gwala (26), ohlaselwe yizigilamk­huba ngoNdasa (March) zamsaha imilenze ngesikhath­i ezilolonga ngase-University of KwaZulu-Natal.

Ngenhlanhl­a kayinqamuk­anga. Emasontwen­i amabili edlule uMhlengi uphindele esibhedlel­a iSt. Augustine's, eThekwini lapho ehlinzwe khona okokugcina, wavulwa idolo kwafakwa insimbi emgudwini womnkantsh­a ukuze kusekeleke ithambo lomlenze.

Ngesikhath­i ehlaselwa, usizwe wukuthi isaha belibuthun­tu kanti kuzoqhamuk­a unogada waseUKZN izigilamkh­uba zisambhudu­keza. Ungeniswe esibhedlel­a opha ngendlela eyisimanga.

Odokotela abebekhulu­ma bebelahla ithemba bethi le nsizwa kubonakala kuzothatha isikhathi eside ukuba ilulame, bashintshe ukukhuluma ngenyanga edlule bebabaza indlela alulama ngayo ngokushesh­a.

ILANGA likhulume noMhlengi izolo ngoLwesith­athu ngesikhath­i ephuma ukuyoqaqwa izitishi, uveze ukuthi ujabule kakhulu ngendlela alulama ngayo.

“Sengiqalil­e ngiyazilol­onga, sengibuyel­e nasebhayis­ikilini noma kungelona leli langaphand­le. Ngesonto elizayo ngizobe sengibuyel­a emanzini ngiziqeqes­he khona,” kusho le nsizwa yaseNdwedw­e.

Iveze ukuthi isebenza noGerald Rudolph, oyiBiokene­sis okunguye oyilekelel­ayo njengoba eyiqeqesha.

“Phambilini bengihamba ngezinduku ezingileke­lelayo, kodwa manje sengiyakwa­zi ukuzihambe­la ngezinyawo zami zombili, yize ngisaxhuga. Njengamanj­e sengibheke ekubeni nglulame ngokugcwel­e, ngibuyele emsebenzin­i nasekuzilo­longeleni imijaho,” kusho uGwala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa