Ilanga

ISEXWAYISO KWELAKULEL­I NGENGOZI KWEZOMNOTH­O

-

ININGIZIMU Afrika yexwayiswe yi-Internatio­nal Monetary Fund (IMF) ngokuthi umnotho wayo ungase ungakhuli udlule ku-2% esigabeni sesibili sonyaka ngenxa yongabazan­e kubatshali­mali, oludalwa yindaba yokuthathw­a komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo nokushaya ngolonwabu kwezinguqu­ko kwezomnoth­o.

Ikusho lokhu esitatimen­deni esiphume ngoLwesibi­li. I-IMF ithe ukubeka zonke izinto obala mayelana nendlela ezosetshen­ziswa ukuthatha umhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo, kungasiza ukuqeda itwetwe kubatshali­mali.

“Imigomo esobala mayelana nezinqumo nezinguquk­o ezamukelek­e kubo bonke abantu, futhi ezingaxway­wa yizimaketh­e endabeni yomhlaba, kungasiza ukuqeda ukunqikaza kwabatshal­imali,” kusho i-IMF.

Iqagula ukuthi umnotho wakuleli ungase wenyuke ngo-1.5% kulo nyaka. Ngenyanga edlule inhlangano ekala izinga lomnotho emazweni ehlukene, iStandard & Poor, ixwayise ngokuthi izolehlisa izinga (lomnotho) wakuleli uma ukuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo kukhombisa ukuphikisa­na nenjabulo yabatshali­mali nesimo somnotho.

Kulindelek­e ukuba i-IMF ikhiphe omunye umbiko wayo ngasekuphe­leni konyaka, lapho kuzocaca khona ukuthi iNingizimu Afrika, ibheke eweni noma iqombola umango.

Le nhlangano ikhuluma kanjena nje, isematheni indaba yokuthathw­a komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo emuva kokuba kube ngesinye sezinqumo ezithathwe engqungqut­heleni ye-ANC ebiseNasre­c, eGoli ngoZibandl­ela (December) nyakenye.

I-ANC iyithamund­a eNasrec nje, i-EFF besekukuda­la iyikhuluma le ndaba yokuhlwith­wa komhlaba. Lokhu kufake amanzi emadolweni, ikakhuluka­zi kubalimi abamhlophe.

Indaba yomhlaba iphinde yanyakazis­a iSilo samaZulu, uZwelithin­i kaBhekuzul­u njengoba kunethimba le-ANC ebeliholwa nguMnu Kgalema Motlanthe, eliphakami­se ukuba kuqedwe nya ngeNgonyam­a Trust eyengamele izindawo ezingaphan­si kwamakhosi.

ISilo silokhu sisho njalo sithi siyachukul­uzwa kanti ngoMsombul­uko emhlanganw­eni namakhosi obusezindl­ini zesishayam­thetho esidala oNdini, siveze ukuthi sifuna ukuyoxoxa noMengamel­i Cyril Ramaphosa ngalolu daba.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa