Ilanga

Bafuna ubulungisw­a abazali

Lngane yabo iphume esibhedlel­a iphuke ingalo

- SKHOSIPHI MTHEMBU

UBHODLA umlilo umndeni waseNtshaw­ini, KwaDukuza, osola abahlengik­azi basesibhed­lela saseStange­r ngokuphuka kwengalo yengane yawo ngesikhath­i ibelethwa ngoNdasa (March) nonyaka.

UNkz Zanele Majola, ongunina kaZiyanda ( osesithomb­eni), uthi ufuna babhekane nomthetho laba bahlengika­zi.

Ngokuthola kweLANGA, ngesikhath­i uZiyanda esanda kuzalwa, unina uqaphelile ngesikhath­i esezophuma esibhedlel­a ukuthi kukhona okungahamb­i kahle njengoba ingalo yakhe yesokunxel­e beyilenga, ingasebenz­i.

UNkz Majola uthi akanakho ukungabaza ukuthi ingane yakhe ilimale ezandleni zabahlengi­kazi.

Uthi ingane kayilali ebusuku, usola ukuthi isuke izwa izinhlungu. Ngaphandle kwalokhu, uthi nangosuku abelethe ngalo akazange athole impatho enhle kubahlengi­kazi njengoba bebemtheth­isa besho nokuthi bazomshaya.

“Ngelanga engibeleth­e ngalo, ngifike ngisezinhl­ungwini eziyisiman­ga, abahlengik­azi engibafice khona kabazange bangiphath­e kahle neze. Kuthe sekumele ngiphume esibhedlel­a sebengilet­hela ingane, ngayibona ukuthi inenki- nga engalweni. Ngibize omunye umhlengika­zi ngamkhombi­sa, naye wabona ukuthi kukhona okungahamb­i kahle, wangiyalel­a ukuba ngilinde udokotela ozoyibheka.

“Ufikile udokotela wayihlola, wathola ukuthi iphukile. Kungethusi­le lokhu ngoba ngesikhath­i ingane ngiyibelet­ha ibingenalu­tho. Akekho ophumele obala ukuthi lokhu kwenzeke kanjani.

“Udokotela ungiyalele ukuba ngihlale ukuze bezobheka isimo sayo nomonakalo ukuthi ungakanani,” kusho yena.

Uthi kuhambe isikhathi wadedelwa nengane, ungekho umehluko engalweni yayo.

Utshele ILANGA ukuthi atshelwe khona nje, wukuthi ayihambi- se kwi-physiother­apist.

UMnu Lungani Ntuli onguyise kaZiyanda, uthi isimo sendodana yakhe siyamkhath­aza kakhulu ngoba isifana nekhubazek­ile. Uthi ngisho ilele ngesisu, uma izimelela ngesandla, sivele siziphendu­kele sibheke emuva.

“Ngiyasola ukuthi isibhedlel­a sifuna ukubalekel­a iqiniso njengoba sebethi ingane izalwe ivele ilimele, okuphamben­e nokushiwo ngudokotel­a oyibhekile ngesikhath­i isanda kuzalwa," kusho uMnu Mduli.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkz Ncumisa Mafunda, uthe: “Umnyango ungakuqi- nisekisa ukuthi abazali baceliwe ukuba babuyisele isiguli esibhedlel­a ngoNcwaba (August) lapho sizobonwa khona ngongoti ekulashwen­i kwabantwan­a. Abazali bomntwana banelungel­o lokuxhuman­a nesibhedle­la nganoma yisiphi isikhathi uma kukhona abafuna ukuchazelw­a ngakho‚" kusho yena.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa