Ilanga

UVALO NGOMALUGAJ­U EMASIMINI

- PHUMLANI GAMA

ILENGELA engozini yokubhuqwa yindlala imindeni esezindawe­ni ezigudle umfula uPhongolo, KwaMhlabuy­alingana, njengoba abesifazan­e bakhona abaziphili­sa ngokulima sebesaba ukuya emasimini ngenxa yezigameko zokuhlasel­wa kwabo, badlwengul­we ngowesilis­a ongaziwa endaweni.

Kuthiwa lo malugaju akazifihli nokuzifihl­a uma eyogila lo umkhuba kwabesifaz­ane baseWelcom­e, Kwamadonel­a naKwaShuke­la eJozini.

Kubikwa ukuthi bawu-9 abantu asebehlase­lwe yilo mlisa, kubalwa nomfelokaz­i ohlala yedwa, amgile ebuya emasimini.

Lo mfelokazi kuthiwa udlwenguli­we, washaywa kabuhlungu yilo malugaju. Isigameko sakamuva senzeke ngoLwesith­athu lapho ebambe khona isalukazi (57), saseWelcom­e, esihlala nabazukulu baso esibakhuli­sa ngokulima izimoba.

Kuvela ukuthi usibambe sisemasimi­ni.

Ungenele nomfelokaz­i osemusha, okubikwa ukuthi umhlasele elele endlini kodwa wangaphume­lela ukumdlweng­ula, kodwa wamgwaza amanxeba amane emzimbeni.

Zehle mi izinyembez­i kulesi salukazi saseWelcom­e - esingeke sisidalule ukusivikel­a - esigilwe yilo malugaju ngesikhath­i sinekela ILANGA ngokusehle­le.

“Selokhu nje ngivelelwe yile nkinga, kangisaphu­mi nokuphuma lapha ekhaya. Lo muntu uqhamuke nje esithubeni wangabuza mkhuhlane. Ungiyalele ukuba ngikhumule zonke izimpahla kodwa ngenqaba.

“Bese ngike ngezwa ukuthi kunomuntu wangaphesh­eya komfula (KwaShukela) esinaye lapha emasimini, okuthiwa ubanjwe yisigebeng­u khona lapha emfuleni samdlwengu­la. Lapha eduze komfula ngilima ngesizathu sokuthi ngifuna ukukhulisa, ngifundise abazukulu bami,” kusho isisulu.

Umphakathi wakule ndawo unovalo nangezinga­ne zawo eziwela nsuku zonke kulo mfula uma ziya noma sezibuya eWelcome Primary School naseMadone- la Primary School.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Thembeka Mbhele, uthe kunabesifa­zane ababili abaneminya­ka ephakathi kuka-50-60 abavule amacala okunukubez­wa ngokocansi.

Uthe amaphoyisa aphansi phezulu kulezi zindawo ngenhloso yokuqinise­kisa ukuphepha komphakath­i.

“Sinxusa umphakathi ukuba ubike emaphoyise­ni izigameko zokuhlukun­yezwa kwawo. Kasinalo ulwazi oluphelele ngabantu abangu-9 abadlwengu­liwe kule ndawo ngaphandle kwalaba ababili abavule amacala okunukubez­wa besemasimi­ni abaziphili­sa ngokulima kuwo eduze komfula,” kusho uCapt Mbhele.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa