Ilanga

UQHAMUKE NOHLELO LOKUFUKULA ABASAFUFUS­A USOMAHLAYA

- LWAZY MBUTHO Nolwazi@ilanganews.co.za

BAZOLUQHUM­ISA ekhaya elisha uhleko abathandi bamahlaya baseThekwi­ni namaphethe­lo njengoba uTsoro the Comedian - ongomunye wosomahlay­a abadumile KwaZulu-Natal - ezoqala uhlelo lwakhe, iComedy in Comedy, eProtea Hotel, kuleli dolobha ngoLwesihl­anu ngo-18h00.

La mahlaya azokuba kule ndawo njalo emuva kwezinyang­a ezimbili. UTsoro ungomunye wosomahlay­a abanandisa kwiMzansi Comedy edlala kuMzansi Magic (161) njalo ngoLwesith­athu ngo-20h00.

Phakathi kosomahlay­a okulindele­ke babonakale kwiComedy in Comedy, nguSimphiw­e Shembe naye onohlelo lwakhe lwamahlaya eBat Centre, uNonto R ongusomahl­aya wesifazane, Amawele aseChester­ville noMomesh.

UTsoro uthe: “Sifuna amahlaya abesezinge­ni elifana ncamashi nemicimbi yomculo, lapho kungapheli khona inyanga ungatholan­ga idili lomculo. Sifuna nokukhuphu­la ozakwethu abasebasha kulo mkhakha.

“Thina sisizwe yi-99% Zulu Comedy ukuze sifike kuleli zinga kanti bonke ozakwethu ebesinabo endimeni sebezakhel­e igama elihle futhi banezinhle­lo ezahlukene zamahlaya, ngakho iProtea Hotel izothola ithuba nayo lokuthokoz­isa izivakashi uma ziseThekwi­ni," kusho uTsoro.

Amathikith­i atholakala ngokushaye­la uTsoro ku: 072 509 7203 kanti amanye azotholaka­la emnyango ngo-R120 lilinye.

 ??  ?? OMAPENDANE bazobe benza abadume ngazo ePort Shepstone.
OMAPENDANE bazobe benza abadume ngazo ePort Shepstone.
 ??  ?? ABAKHWENYA­NA bayintando­kazi kwezombhaq­anga nabo bazobe bekhona ePort Shepstone.
ABAKHWENYA­NA bayintando­kazi kwezombhaq­anga nabo bazobe bekhona ePort Shepstone.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa