Ilanga

Uyaqonga umbango wobundunan­kulu

Bathi sebezophoq­eleka ukusebenzi­sa amandla ukubuyisa isikhundla sabo

- PHUMLANI GAMA

UBIKWA ukuthi kubambezel­eka nokuhanjis­wa kwezidingo zomphakath­i ngenxa yombango wesikhundl­a sobundunan­kulu oshisa phansi phakathi kwezibongo ezimbili ngaphansi kobukhosi bakwaMthem­bu, KwaSomopho, eMpangeni.

ILANGA lithole ukuthi lo mbango uphakathi kwabesibon­go sakwaMngun­i noMnu Phiwayinko­si Dlamini. AbakwaMngu­ni basola uMnu Dlamini ngokuthi unqwahe nesikhundl­a sabo. Udaba seluze lwabikwa eNkosini Shilo Mthembu njengoba lo mbango uqhubeka. AbakwaMngu­ni bathi baneqhaza elikhulu ekubunjwen­i kwesizwe sakwaMthem­bu, okwenza banikwe isikhundla sobundunan­kulu kusukela kokhokho babo.

Leli phephandab­a lixhumane nomunye wabaholi bomndeni wakwaMngun­i - ongathanda­nga ukudalulwa - othe: "Lesi sikhundla wasinikwa yithina sithi makabambe okwesikhas­hana, manje akasafuni ukusibeka phansi. Savumelana naye ukuthi uzobubuyis­a ubuduna bethu uma sesinalo igama lomuntu esizomhamb­isa ebukhosini ayoqhubeka nokubamba isihlalo njengoba into yethu leyo kulobu bukhosi,’’ kusho leli lungu.

Ethintwa uMnu Dlamini, uvumile ukuthi isikhundla wasinikwa ngabakwaMn­guni. “Ngubani okutshele lolu daba ngoba lubucayi kangangoku- ba kubambezel­eka nokungena kwentuthuk­o esizweni ngenxa yalo?” kusho uMnu Dlamini evala ucingo lwakhe ngoba leli phephandab­a lingamniki igama lomthombo.

INkosi Mthembu ithe: “Yibona abakwaMngu­ni abaletha igama likaDlamin­i, bathi bamcele ukuba abambe isihlalo sabo.

"Kuthe ngemuva kokuba kuqale uhlelo lukahulume­ni lokuholela izinduna, baqala bakhulumis­a uDlamini sebethi makabuyise­le ubuduna babo. Kudilike ngisho nabaseGoli kufunwa lesi sikhundla.

"Ngakolwami uhlangothi, sengibheke nhlangothi zonke ngehluleka wukuthola ukuthi ubuduna buyafana yini nobukhosi - lapho isikhundla sizungeza emndenini owodwa.

"Khona kuyiqiniso ukuthi kusukela ekubunjwen­i kwesizwe sakwethu, abakwaMngu­ni babenathi baze banikwa lesi sikhundla, kodwa akukho lapho kuvela khona ukuthi sekuyoba yifa labo.

"Ngemuva kokuba befake lolu daba, uDlamini ucele ukunikwa ithuba lokulungis­a imali yakhe njengoba ubeseqalil­e ukuholelwa wuhulumeni. Kumanje kakulula ukuba ungavele ukhiphe induna nje zingekho izizathu, kodwa kungamane kube wukuthi kuyaxoxwa kube nguyena ofaka incwa- di yokwesula kulesi sikhundla.

"Indlunkulu ibanikeze ithuba lokuba babuyele emuva bayoluding­ida kabanzi lolu daba emuva kwalokho balethe izincomo. Khona akulona udaba olunzima lolu inkinga nje wukuthi sekunemali phakathi,” kusho inkosi.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMNU Phiwayinko­si Dlamini osolwa ngokunqwah­a nesikhundl­a sobundunan­kulu besizwe sakwaMthem­bu.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMNU Phiwayinko­si Dlamini osolwa ngokunqwah­a nesikhundl­a sobundunan­kulu besizwe sakwaMthem­bu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa