Uyaqonga umbango wobundunankulu
Bathi sebezophoqeleka ukusebenzisa amandla ukubuyisa isikhundla sabo
UBIKWA ukuthi kubambezeleka nokuhanjiswa kwezidingo zomphakathi ngenxa yombango wesikhundla sobundunankulu oshisa phansi phakathi kwezibongo ezimbili ngaphansi kobukhosi bakwaMthembu, KwaSomopho, eMpangeni.
ILANGA lithole ukuthi lo mbango uphakathi kwabesibongo sakwaMnguni noMnu Phiwayinkosi Dlamini. AbakwaMnguni basola uMnu Dlamini ngokuthi unqwahe nesikhundla sabo. Udaba seluze lwabikwa eNkosini Shilo Mthembu njengoba lo mbango uqhubeka. AbakwaMnguni bathi baneqhaza elikhulu ekubunjweni kwesizwe sakwaMthembu, okwenza banikwe isikhundla sobundunankulu kusukela kokhokho babo.
Leli phephandaba lixhumane nomunye wabaholi bomndeni wakwaMnguni - ongathandanga ukudalulwa - othe: "Lesi sikhundla wasinikwa yithina sithi makabambe okwesikhashana, manje akasafuni ukusibeka phansi. Savumelana naye ukuthi uzobubuyisa ubuduna bethu uma sesinalo igama lomuntu esizomhambisa ebukhosini ayoqhubeka nokubamba isihlalo njengoba into yethu leyo kulobu bukhosi,’’ kusho leli lungu.
Ethintwa uMnu Dlamini, uvumile ukuthi isikhundla wasinikwa ngabakwaMnguni. “Ngubani okutshele lolu daba ngoba lubucayi kangangoku- ba kubambezeleka nokungena kwentuthuko esizweni ngenxa yalo?” kusho uMnu Dlamini evala ucingo lwakhe ngoba leli phephandaba lingamniki igama lomthombo.
INkosi Mthembu ithe: “Yibona abakwaMnguni abaletha igama likaDlamini, bathi bamcele ukuba abambe isihlalo sabo.
"Kuthe ngemuva kokuba kuqale uhlelo lukahulumeni lokuholela izinduna, baqala bakhulumisa uDlamini sebethi makabuyisele ubuduna babo. Kudilike ngisho nabaseGoli kufunwa lesi sikhundla.
"Ngakolwami uhlangothi, sengibheke nhlangothi zonke ngehluleka wukuthola ukuthi ubuduna buyafana yini nobukhosi - lapho isikhundla sizungeza emndenini owodwa.
"Khona kuyiqiniso ukuthi kusukela ekubunjweni kwesizwe sakwethu, abakwaMnguni babenathi baze banikwa lesi sikhundla, kodwa akukho lapho kuvela khona ukuthi sekuyoba yifa labo.
"Ngemuva kokuba befake lolu daba, uDlamini ucele ukunikwa ithuba lokulungisa imali yakhe njengoba ubeseqalile ukuholelwa wuhulumeni. Kumanje kakulula ukuba ungavele ukhiphe induna nje zingekho izizathu, kodwa kungamane kube wukuthi kuyaxoxwa kube nguyena ofaka incwa- di yokwesula kulesi sikhundla.
"Indlunkulu ibanikeze ithuba lokuba babuyele emuva bayoludingida kabanzi lolu daba emuva kwalokho balethe izincomo. Khona akulona udaba olunzima lolu inkinga nje wukuthi sekunemali phakathi,” kusho inkosi.