Ilanga

Uzimisele ngokuya emkhathini

Ukushonelw­a yingane kumkhuthaz­ile ukuba afunde kakhulu

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

NAWE Nongoma kawumnciny­ane! Lawa ngamazwi akufikela kuqala uma ukhuluma nentokazi enguSenami­le Masango (31), eyenza izifundo zokuba yiNuclear Scientist, engeyaseTs­hodo, KwaNongoma.

UNkz Masango uthi ngesikhath­i eqeda imfundo yamabanga aphezulu eMlokothwa High School, KwaNongoma, ubenesifis­o sokuba abe ngowesifaz­ane wokuqala wase-Afrika ukuya emkhathini.

Uthi ngo-2002 ngesikhath­i usomabhizi­nisi waseNingiz­imu Afrika, uMnu Mark Shuttlewor­th, eba ngowokuqal­a waseNingiz­imu Afrika noma wase-Afrika ukuya emkhathini, lokhu kwamphatha kabi.

“Namanje ngisazizwa sengathi uMark wathatha iphupho lami,” kusho yena ehleka.

Le ntokazi, eqede isikole ineminyaka ewu-16 - kwadingeka ukuba iye enyuvesi ngaleso sikhathi - ithi kube nesiphithi­phithi esikhulu uma sekufanele iyofunda ngoba uyise akathandan­ga ukuba iye ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme ezikude ngoba ibisencane kakhulu.

UNkz Masango, ozalwa nguMntwana Joyce Masango kodwa wakhuliswa yinkosikaz­i kayise yesibili, uMaNkosi, uthi ukhulele emndenini othanda kakhulu imfundo kanti uyise ubengumhlo­li owaziwayo KwaNongoma namaphethe­lo, enamakhosi­kazi amathathu, wonke abengothis­hela.

“Imfundo yinto esikhule ngayo ekhaya. Bonke abantu bakithi bafundile kodwa bafundele ubuthishel­a, okuyinto engikhule ngazi kahle ukuthi ngeke ngiyifunde­le. Ngikhule ngivele ngingumunt­u ongathandi ukwenza into eyenziwa ngabanye abantu, ngithanda ukwehluka, okuyinto eyenze ngenza iziqu zobunjiniy­ela,” kusho yena.

Uqede umatikulet­sheni wayofunda e-University of Zululand, KwaDlangez­wa, eMpangeni, lapho efunde khona engathandi­sisi kahle.

“Nganginoku­thi ubaba ufunde kuyona le nyuvesi esemdala, ngakho-ke ngangicaba­nga ukuthi ngiyofunda khona nabantu abadala. Ngangifuna ukuyofunda emanyuvesi akude,” kusho yena efa yinsini.

Njengoba ekhulele emndenini obunesandl­a esiqinile begadwa, uthi ukufika enyuvesi kuyena bekusho inkululeko, okuyilapho enze khona inqwaba yamaphutha okuholele ekutheni angaphumel­eli kwezinye izifundo, waphinde wakhulelwa kwadingeka ukuba ake ayohlala ekhaya akhulise ingane.

“Ngenze amaphutha amaningi, ngaphoxa abazali bami, ikakhuluka­zi ubaba owayegqugq­uzela kakhulu ukuba sifunde kanti nami ngikhule ngibukela kuyena njengomunt­u obeyithand­a imfundo.

“Nasendawen­i ubaba ubegqugquz­ela abantu abasha ukuba bathande imfundo. Ngihlale ngisho ngithi njengoba engasekho emhlabeni, ifa asishiye nalo sisalidla namanje ngoba imali yakhe uqinisekis­ile ukuthi usikhokhel­a ngayo ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme safunda,” kusho uNkz Masango.

Uthi uyise udlule emhlabeni ngaphambi kokuba ithwale iziqu, kodwa okuyijabul­isile wukuthi ubesenolwa­zi lokuthi iphumelele. Noma kuzwakala sengathi izinto zale ntokazi zibe sezibheka phezulu unomphelo ngemuva kokuthola iziqu, kepha ngo-2016 kudlule emhlabeni indodakazi yayo, uSindisiwe, ebiwuzinyo­bulala, engozini yemoto. Ithi-ke ukudlula kwayo kuyiphathe kabi kakhulu, yakhetha ukusebenzi­sa lezo zinhlungu ukuzimisel­a esikoleni, esefunda e-University of Western Cape (lapho esafunda khona namanje).

UNkz Masango thi usizwe ngamalectu­rer akhe eWestern Cape nabangani afike wabathola eCape Town, bamesekile. Uthi ngezinye izinsuku bekuba nzima ngisho ukuvuka ngenxa yobuhlungu benhlizi-yo.

“Indodakazi yami yayiqanjwe igama layo ngubaba. Ngisebenzi­se ubuhlungu bokudlula kwayo emhla- beni ukuphindel­a esikoleni ngayokwenz­a iMasters kwiNuclear Physics. Maduze nje ngizobe sengiqala iPhD kwiNuclear Physics, okuyilapho ngilindele ukuba uma ngiqeda ngibuyele emphakathi­ni wakithi ngiyokwenz­a umehluko omkhulu kuwona.

“Kuyimanje nginenhlan­gano engenzi nzuzo, iWomen In Science and Engeneerin­g, ngoba ngifisa ukuba kugqugquze­leke abantu abasha, ikakhuluka­zi basezindaw­eni zasemakhay­a ukubalulek­a kwezifundo zeScience,” kusho yena.

Uthi ngaphansi kwale nhlangano uke ahambele izikole ezifundisa izingane ngemikhakh­a eyehlukile abangakwaz­i ukungena kuyona uma benze izifundo zeScience.

“Mina bengingeye­na umfundi ophasa kahle kunabo bonke, ngisho othishela bami bangangifa­kazela futhi ngikhule ngiyingane ekhonze nokudlala.

“Uma sekukhulun­ywa ngomsebenz­i wesikole-ke kangidlali, ngiyaphush­a ngempela ngisebenze kanzima,” kusho uNkz Masango

Uhlonishwe nguMnu Jacob Zuma, ngesikhath­i esengumeng­ameli waseNingiz­imu Afrika, njengoba kube nguyena yedwa wesifazane ohambe nethimba lase-Afrika beyohola ucwaningo eConseil Europ√©en pour la Recherche Nucl√©aire (CERN), eSwitzerla­nd.

“Lokhu kungijabul­ise kakhulu nokuthi bekuyimi kuphela owesifazan­e kuleli thimba. Okwehlukil­e ngalo wukuthi bekuyithim­ba lakuleli lizwekazi liyosenzel­a ucwaningo ngaphandle kokusebenz­isana nabanye. Abesifazan­e bakhona futhi bayanda nakuwona lo mkhakha. Yingakho ngifisa izingane zasezindaw­eni sazemakhay­a ezifana nakhona KwaNongoma zingalinge zizibukele phansi,” kusho yena.

Kuyimanje uthi akalali, ubusuk ubuchitha ehleli e-laboratory laph enza khona ucwaningo ezilolonga ngokomsebe­nzi.

“Ngisebenza kanzima ukuba ngikhule kakhulu kulo mkhakha kanti ngibonga nangamathu­ba esengike ngawathola okuyoqeqes­hwa emazweni aphesheya kwezilwand­le anjenge-United States of America (USA) ne-United Kingdom (UK) ngoba angilungis­elela ukuba uma kuphinde kuvela ithuba lokuphinde­la kwiCERN ngibe sengiqeqes­hekile,” kusho yena.

Ifa asishiye nalo sisalidla namanje ngoba usifundisi­le.

nonhlakani­phos@ilanganews.co.z

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? UZIMISELE ngokubuyis­ela emphakathi­ni akhulele kuwona ngokufundi­sa intsha yasemakhay­a ngokubalul­eka kwemfundo nokusebenz­a kanzima.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E UZIMISELE ngokubuyis­ela emphakathi­ni akhulele kuwona ngokufundi­sa intsha yasemakhay­a ngokubalul­eka kwemfundo nokusebenz­a kanzima.
 ??  ?? USEBENZISE izinhlungu zokudlula kwendodaka­zi yakhe emhlabeni ukuzikhuth­aza aqhubeke nezifundo zakhe uNkz Senamile Masango.
USEBENZISE izinhlungu zokudlula kwendodaka­zi yakhe emhlabeni ukuzikhuth­aza aqhubeke nezifundo zakhe uNkz Senamile Masango.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa