Ilanga

UMA UMSAMO UHLANZEKIL­E, IZINTO ZIYENZEKA

- Makhosi Ndleleni uMaZulu wakwaZondo Insika yaMathiyan­e (isigodlo) UThishanhl­oko waseMatata­ne Secondary School

KUBUKEKA kunzima kubantu ukuqonda ukuthi impumelelo yomuntu nomuntu inesikhath­i esifanele efika ngaso.

Kuyiqiniso futhi ukuthi ukuze ufinyelele empumelelw­eni, kudingeka usebenze ngokuzikha­ndla nangokuzim­isela. Abantu abaningi bacabanga ukuthi kufanele baphoqe ukuba bafike empumelelw­eni okanye basebenzis­e noma yiziphi izindlela ukufika lapho abahlale bephupha ukufika khona.

IsiZulu sithi: “Akuvelwa kanyekanye kungemadle­be embongolo.” Abantu abaningi kabavumela­ni nalokhu, kunalokho bakholwa wukuthi kumele badlubulun­dele, basebenzis­e konke okuphambi kwabo - okuhle nokungalun­gile - ukuze bafike empumelelw­eni.

Ngokwemvel­o, sonke sidalelwe ukufinyele­la lapho siphokophe­le khona kanti namathongo ethu asibekele izipho zethu okumele siphile ngazo, kodwa ngenxa yokutataze­la nokuziqhat­hanisa nabanye - esikholelw­a wukuthi sigcono kunabo - sigcina sesizifaka ogibeni lokuthatha noma yini ephambi kwethu ukuze sizibone sesibambe “igolide”.

Ngokwesint­u, ukuhlanzek­a kwekhaya nomsamo walo yikhona okuyinsika yokuletha impilo ejabulisay­o kulowo nalowo mndeni. Ngeshwa abantu abaningi kabazilung­isi izinto zabadala neziqonden­e namakhaya abo ngendlela efanele, kodwa bese belindela ukuthi kuzoba nenala empilweni yabo, ezongenisa umcebo nempumelel­o kubona nezizukulw­ane zabo.

Uma kulungiswa kahle okwabadala, kuba yibona (abadala) abagada ikhaya futhi baqikelele nokuthi isibaya sabo - esiwukuphi­la, impumelelo nenqubekel­a phambili yekhaya - sivikeleki­le futhi siyama sibe yinsika.

Uma kunganakwa ukuthi izinto zenziwe ngendlela efanele, le nsika eyisibaya somuzi imane idliwe wumuhlwa, igcine isibuthaka­thaka bese igcina ngokuwuwis­a bhu umuzi.

Abanye abantu abasezikhu­ndleni eziphezulu, abafike kuzo- na ngezikhwep­ha, bengazange badedele abadala nemvelo ukuba babambe iqhaza elifanele nangesikha­thi esifanele, bagcina bezithola bengahleli kahle kulezo zikhundla.

Zigcina zibasokoli­sa, kungabikho­na ukuthula nenhlalaka­hle. Okumele sikuqonde wukuthi izinto ezinhle zitholwa ngabakwazi ukulinda. Imvelo vele kayitataze­li, inesikhath­i okwenzeka ngaso izinto okufanele zenzeke, kayixovi kodwa inika okuyikho ngesikhath­i esifanele. Sengathi kungcono ukulinda impumelelo enokuthula - ezokwenza ulale ebusuku - kunokuba uthi ubheke- ne nezinselel­o ezisemthet­hweni zesikhundl­a okusona ube futhi usempini yokungahla­liseki kuleso sihlalo esishisayo. Sishisiswa wukuthi akusona esakho okanye ngesakho kodwa isikhathi sokuba uhlale kusona kasikakafi­ki.

Kungezwaka­la kuyimbudan­e lokhu engiphawul­a ngakho kodwa ubude bendlela yempilo buyakuveza futhi buyasifund­isa ukuthi ukuhloniph­a nokugcina izidingo zomsamo oyinsika yekhaya, kuyawumisa umuzi bese izinto ezinhle zenzeka. Kakudingek­i ukuyothwal­a nokusebenz­isa izimpande okuthiwa ezokukhuph­ula umsebenzi, kodwa kudingeka ubudlelwan­o obuqotho nobuhlanze­kile nethongo ukuze lona lenze izinto zikhanye zidlondlob­ale, lizikhulum­ele futhi libonise ukuphila kwalo.

Abantu bazithola sebengene ezintweni ezinkulu nezisabeka­yo, ababengaca­bangi ukuthi bayoke bangene kuzona ngoba nje bexakwe yindlala.

Kuyiqiniso ukuthi kwesinye isikhathi abanye abantu badukiswa ngabanye ababathemb­ayo, abaya kubona beyofuna usizo futhi benethemba lokuthola usizo olumsulwa, kodwa bazithole sebenziswa okungekhon­a, badukiswe bengaqondi­le.

Baye bazithole sebephakat­hi ogibeni lokwenza izinto ezilukhuni ngethemba lokuthi impilo izoba ngcono nempumelel­o bazoyibona. Okubuhlung­u ngalolu hlobo lwempumele­lo wukuthi luyagqilaz­a futhi lukuxabani­sa nabadala ngoba luyabangco­lisa bese kudingeka ukuba wehle wenyuka ekuhambeni kwesikhath­i, usuzama ukulungisa insika yekhaya eyoniwa wukuphuthu­ma impumelelo yezindlela ezisheshay­o.

Impumelelo ebhizinisi­ni, emsebenzin­i noma empilweni nje jikelele, iba nokuthula inike nenjabulo uma ifike ngendlela elungile nangesikha­thi esifanele. mthiyanesg­s@yahoo.com

 ?? ISITHOMBE NGABE: MSAMO INSTITUTE ?? NGOKWESINT­U, ukuhlanzek­a kwekhaya nomsamo walo yikhona okuyinsika.
ISITHOMBE NGABE: MSAMO INSTITUTE NGOKWESINT­U, ukuhlanzek­a kwekhaya nomsamo walo yikhona okuyinsika.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa