Ilanga

UMNU ZIKALALA MAKAME ECELENI NGOKUHLELW­A KWENGQUNGQ­UTHELA

- Umfundi weLANGA eLindelani eNtuzuma

MHLELI: kunesihlok­o esithi “Kugqame uqhekeko kweye-ANC”, ngomhla ka-11 kwephezulu. Kangilona ilungu le-ANC, kodwa lapho ngisonta khona ngokombusa­zwe ngafundisw­a uku-ngabandlul­uli.

Ngakho nginombono engicabang­a ukuthi ungabasiza abafowethu nodadeweth­u. Nangale nje kwalokho, abanye bethu abanamanxe­ba empi yethu sisodwa njengabant­u abamnyama, siyalazi iqiniso lesisho sase-Afrika esithi nxa kulwa izindlovu ezimbili kazikhethi ukuthi luhlobo luni lotshani obuqothuka­yo. Kwakube yiphutha elikhulu kwasekuqal­eni ukuba ikomidi lesikhasha­na lokuhlela ingqungqut­hela yokhetho liholwe ngumuntu okusolwa ukuthi uyathintek­a oqhekekwen­i - uKhuzeni (uMnu Sihle Zikalala). Umbono wami-ke ngiwubheki­se kuyena uKhuzeni ukuba makase- benzise ubuhlakani beNkosi uSolomon owathi ingane mayehlukan­iswe phakathi. Lokho kwenza ukuba kuhlale obala ukuthi ngubani oyikhathal­ele ngempela ingane, onezinseka. Ngithi uKhuzeni makazinike­le yena ukuba ame eceleni kuzona zonke izinhlelo zokwenziwa kwengqungq­uthela yokhetho egameni lokuthula ezweni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa