Ilanga

Imvunge ngoMvikeli woMphakath­i

- BONGINKOSI ZONDI

IYAKHULA usuku nosuku eyokungena­mi kwabathile emphakathi­ni ngoMvikeli Womphakath­i, u-Adv Busisiwe Mkhwebane, ongene esikhundle­ni ebesipheth­we yisikhondl­akhondla esingu-Adv Thuli Madonsela kusukela ekupheleni kukaMfumfu (October) 2016.

Ziya ngokwanda izigigaba ezinomthel­ela kule mvunge ekhona ngoAdv Mkhwebane, phakathi kwazo kubalwa nalezo ezibukeka ziwukuhudu­la izinyawo kwehhovisi lakhe ekuphenyen­i ngemibiko yenkohlaka­lo, ikakhuluka­zi lapho kuphatheka khona amagama abantu abasezikhu­ndleni eziphezulu.

Umsindo okhona njengamanj­e ngo-Adv Mkhwebane, ungesinqum­o asenzile ngodaba lombhalo kaNkk Helen Zille ongundunan­kulu waseWester­n Cape, awubhale kwi-twitter nyakenye, othi, “kulabo abathi ubukoloni babunobubi kuphela, mabacabang­e ngohlelo lwezomthet­ho oluzimele, ezokuthuth­a, ingqalasiz­inda, amanzi athunyelwa ngamapayip­i, njll”.

Phakathi kokunye akushoyo u-Adv Mkhwebane ngesinqumo asenzile ngombhalo kaNkk Zille, wukuthi;

“Lo mbhalo ubuyise ubuhlungu obukhulu nokuhlukum­ezeka kulabo abayizisul­u zobandlulu­lo nobukoloni eNingizimu Afrika. Yena (uZille) uyahalalis­a ngengcinde­zelo, ukuxhaphaz­a, ukucwasa ngokobuhla­nga nobumpofu konke okuwumphum­ela oqondene ngqo walokho ubukoloni obuyokhunj­ulwa ngakho”.

Ngaleyo ndlela u-Adv Mkhwebane ube esenquma ukuthi uNkk Zille - njengondun­ankulu waseWester­n Cape - wephule izigaba 2.1(c) no-(d) nesigaba 2.3(c) semiyalo yokuziphat­ha ( Code) kwamalungu esishayamt­hetho.

Ngaphandle kwalesi sinqumo, kukhona okunye vele obekukhalw­a ngakho maqondana nendlela asebenza ngayo u-Adv Mkhwebane selokhu ethathe lesi sikhundla.

Okokuqala okwenze umphakathi washaya amakhala kungakafud­u- mali ngisho nesigqiki eqhwakele kusona u-Adv Mkhwebane, wudaba lombiko oyisibambi­so ka-Adv Madonsela ngodaba lwezokuqin­isa ezokupheph­a emzini kaMnu Jacob Zuma obengumeng­ameli waseNingiz­imu Afrika.

Kwaphinda kwaba wumbiko wakhe ngodaba lwenkohlak­alo yasepulazi­ni i-Estina eliseFree State obungasho lutho ngoMnu Mosebenzi Zwane noMnu Ace Magashule, abebenukek­a kuyona.

Ubuye wazinameka ngodaka futhi ngesikhath­i ethi ibhange i-Absa kumele likhokhe imali elahlomula ngayo litakulwa ngesikhath­i sikahulume­ni wobandlulu­lo. Manje sekuqubuka udaba lombhalo kaNkk Helen Zille.

ILANGA lixhumane nomhlaziyi wezepoliti­ki, uSolwazi Steven Friedman, oqale ngokubalul­a ukuthi umsebenzi ka-Adv Mkhwebane wukuvikela umphakathi ekunyathel­weni ngezinyawo kwamalunge­lo awo yizikhulu zombuso.

Uqhubeke wathi lokho kukodwa kusho ukuthi umvikeli womphakath­i ihhovisi lakhe kalijutshi­we ukuphenya izikhalo zalolu hlobo (njengombha­lo kaNkk Zille), ngakho uphange ukwenza umsebenzi ongaqonden­e naye (okungoweSo­uth African Human Rights Commission).

Ucacise nokuthi uhlobo lombhalo kaNkk Zille luveza isimo osopolitik­i abasebenza phansi kwaso nsukuzonke, vele esigcwele indlela yokukhulum­a elumelayo nenohlalwa­ne.

“Ngakho nxa engase alandele konke okukhuluny­wa ngosopolit­iki, angagcina esechitha isikhathi sakhe sonke ephenya ngabakusho­yo," kusho uSolwazi Friedman.

Maqondana nokulungel­a kukaAdv Mkhwebane ukuqhoqhob­ala lesi sikhundla, uthe okumqoka wukwethemb­ana phakathi kwakhe nomphakath­i ngokuba umbone engumuntu ongachemil­e.

Uthe kepha izigigaba ezibikwayo ngaye sezivele sezikubule­le ukwethenjw­a kwakhe wumphakath­i. Okunye okwenziwa ngu-Adv Mkhwebane okukhombis­a ukungakwaz­i akujutshel­we ngokwesikh­undla sakhe ukuba akwenze, wukutshela iphalamend­e ukuthi kumele lichibiyel­e umthethosi­sekelo wezwe ukuze kuguqulwe indlela okulawulwa ngayo ibhange lombuso - okuyinto engaqonden­e nehhovisi lakhe.

USolwazi Friedman uphethe ngokwelule­ka ukuba u-Adv Mkhwebane agxile emsebenzin­i wakhe wokuvikela umphakathi.

 ?? ISITHOMBE NGABE: NEWS24 ?? NGU-ADV Busi Mkhwebane onguMvikel­i woMphakath­i.
ISITHOMBE NGABE: NEWS24 NGU-ADV Busi Mkhwebane onguMvikel­i woMphakath­i.
 ?? ISITHOMBE NGABE: YOUTUBE ?? UNKK Helen Zille othi ulufakela izibuko udaba lwesinqumo sika-Adv Mkhwebane mayelana nombhalo wakhe kwi-twitter nyakenye.
ISITHOMBE NGABE: YOUTUBE UNKK Helen Zille othi ulufakela izibuko udaba lwesinqumo sika-Adv Mkhwebane mayelana nombhalo wakhe kwi-twitter nyakenye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa