Ilanga

I-Russia ithembisa imfudumalo kwabebhola

Igcizelela ukuthi akekho ozocwaswa kweyeNdebe yoMhlaba

-

ATHENJISWE imfudumalo nokuphepha amazwe azobamba iqhaza kwiNdebe yoMhlaba eqala namuhla ngoLwesine isongwe ngeSonto mhla ka-15 enyangeni ezayo eRussia.

IRussia yiyona ezovula le midlalo ngokubheka­na neSaudi Arabia namuhla ngo-17h00.

UVladimir Putin onguMengam­eli waseRussia, utheleke kungazelel­e muntu kwingqungq­uthela ka-68 yeFederati­on of Internatio­nal Football Associatio­n (Fifa) izolo ngoLwesith­athu, eMoscow, eRussia.

UPutin unikwe ithuba lokukhulum­a kulo mhlangano. Kungaleso sikhathi-ke lapho ethembise khona izivakashi impatho entofontof­o.

“Ngithanda ukugcizele­la ukuthi zizophepha zonke izivakashi zethu ngesikhath­i seNdebe yoMhlaba. Abantu baseRussia kudala beyilangaz­elele imidlalo yeNdebe yoMhlaba, manje isifikile. Ngithanda ukusho ukuthi akukho bantu abazocwasw­a ngokwebala kuleli lizwe. Senze konke ukuqinisek­isa ukuthi izivakashi zethu zizizwa zisekhaya,” kusho uPutin.

Abalandeli bebhola baseRussia badume ngokucwasa abantu abansundu. USiyanda “Magazi” Xulu weMaritzbu­rg United, ungomunye wezisulu zokucwaswa ngokwebala eRussia, njengoba ebuye khona kungasekuh­le ngemuva kokuxabana nomqeqeshi wekilabhu abeyidlale­la. Ubemsola ngokumcwas­a ngokwebala.

Kulo mhlangano weFifa, kuvotelwe amazwe aholwa yi-United States of America (USA) ukusinga- tha iNdebe yoMhlaba yango-2026. I-USA ihambisana neMexico neCanada.

Umcimbi wokuvula iNdebe yoMhlaba uzoqala ngo-15h30 namuhla ngaphambi komdlalo weRussia neSaudi Arabia. Lo mcimbi uzokuba seLuzhniki Stadium, eMoscow. Le nkundla yiyona futhi ezosingath­a umdlalo wamanqamu. Emcimbini wokuvula kulindelek­e abadansi abangaphez­ulu kuka-500, kanti umculi obhekwe ngabomvu nguRobbie Williams wase-England.

Kuzophinde kube nomunye umcimbi ozoqhubeka eRed Square ngesikhath­i esifanayo nowokuvula lo mqhudelwan­o. UJennifer Lopez noPitbull yibona abebehamba phambili emcimbini wokuvula imidlalo yango-2014, eBrazil.

 ??  ?? OBENGUMQEQ­ESHI weSpain, Julen Lopetegui oxoshiwe.
OBENGUMQEQ­ESHI weSpain, Julen Lopetegui oxoshiwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa