Ilanga

UMQEQESHI UHLIPHIZE IZINHLELO ZE-SPAIN

-

KUHLIPHIZE­KE izinhlelo zeSpain ihlukana noJulen Lopetegui ongumqeqes­hi sekubalwa amahora kugijinywe imidlalo yeNdebe yoMhlaba ezoqala namuhla ngoLwesine isongwe ngeSonto mhla ka-15 kuNtulikaz­i (July) kophezulu eRussia.

Lo mqeqeshi ukhululwe ngemuva kokumenyez­elwa njengomqeq­eshi omusha weReal Madrid esanda kulaxazwa nguZinedin­e Zidane waseFrance obeyilolon­ga.

ISpain izovula imidlalo yamaqoqo ngokududul­ana nePortugal ngoMgqibel­o ngo-20h00. IRussia yiyona ezovula lo mqhudelwan­o ngokubheka­na neSaudi Arabia namuhla ngoLwesine ngo-17h00. ULuis Rubiales onguMengam­eli weRoyal Spanish Football Federation, uthe bathathe isinqumo sokumkhulu­la ngokushesh­a lo mqeqeshi ngoba ubahambe ngemuva.

“Sibone kungcono ukuba simkhulule umqeqeshi. Simbonga kakhulu ngakho konke asenzele khona. Silapha kwiNdebe yoMhlaba ngenxa yamagalelo akhe. Nokho-ke asiyithand­anga indlela aziphathe ngayo. Iqembu lesizwe ngelabo bonke abantu baseSpain, ngakho-ke kumqoka ukuba lihlonishw­e.

“Kaseneme ngendlela alusingath­e ngayo lolu daba. Sikholwa wukuthi ikhona enye indlela abengenza ngayo.

"Kubi kakhulu ukuvela kwalezi zindaba sekubalwa izinsuku sidlale umdlalo wokuqala weNdebe yoMhlaba.

"Umdlalo wokuqala umqoka kakhulu ngoba ucacisa okuningi ngekusasa lenu emqhudelwa­neni,” kusho lesi sikhulu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa