Ilanga

I-CHIEFS ICUTHELE OSIKAZWA NGEJOZI KWI-PIRATES

- SENZO SOKHELA

ZIYA ngokuqina izinsolo zokuthi iKaizer Chiefs esematasa ithungatha umqeqeshi, icuthele izinsalela ezizovuthu­zwa yi-Orlando Pirates.

IBucs kayizibeki­le phansi emakethe njengoba ingena ingenile. NgoMsombul­uko imemezele abadlali abangu-9 ebasayinis­ile. Kubhekwe ukuba ichithe abadlali bayo abebewumgo­godla kula masizini edlule. Phakathi kwabadlali okuvela ukuthi bangase bakhalelwe yizembe kungabalwa uThamsanqa Gabuza, u-Ayanda Gcaba, uMark van Heerden, uNkosinath­i Mthiyane, uThamsanqa Sangweni, uMpho Makola, uThabo Matlaba noBernard Morrison ukukha nje phezulu.

Leli phephandab­a lithole ukuthi iChiefs ikubheke ngabomvu ukuthi iBucs izomisa kanjani ngoMakola. Kuthiwa uma nje iPirates ike yamchitha izomthatha.

Umthombo weLANGA ongaphakat­hi kwiChiefs uthe: “Abantu bacabanga ukuthi sithule nje silele kanti kakunjalo, siyasebenz­a esithe njengoba nabo bebenza, kuzothi kungahlang­ana yonke into bese siyamemeze­la. Umuntu esibheke ukuthi iPirates izomdedela yini nguMakola, uma imchitha sizomthath­a, angasisiza lo mfana.

“Futhi akamudala kakhulu njengoba eseneminya­ka yobudala engu-30. Bakhona abanye abadlali esixoxa nabo kodwa ngeke ngikwazi ukubadalul­a okwamanje ngoba sesixhoshw­e abadlali abaningi selokhu nje kuvuleke iwindi lokudayise­lana ngabadlali sibala naye u-Andile Jali esimemezel­e ukuthi siyamfuna iSundowns yagijima yamthatha.

“Lusenzima olomqeqesh­i kodwa kukhona okuhlangan­ayo. Abantu abalinde nje iChiefs nayo izolumemez­ela uhlu lwabadlali ebachithay­o nezobasayi­nisa futhi abalandeli bazoluthok­ozela.”

Umdlali okuvela ukuthi iChiefs ixoxa naye ngu-Andriamira­do “Dax” Hasina Andrianari­manana waseMadaga­scar okuthiwa imubanga namanye amakilabhu akuleli.

Imizamo yokuthola uBobby Motaung oyiMenenja jikelele yeChiefs ukuba aphawule ngalolu daba, iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa engalubamb­i.

UVina Maphosa wezokuxhum­ana kwiChiefs, uthe baphezu kwezinhlel­o angangabaz­i ukuthi zizobajabu­lisa abalandeli babo.

“Engifuna ukukubeka kucace nje wukuthi ngeke nangengozi ukuthi ikilabhu enkulu njengeChie­fs ingene ensimini ingenaye umqeqeshi.

"Kunezimfan­elo ezisalungi­swa okuzokuthi uma seziphothu­liwe bese sizimemeze­la. Kukhona esiphezu kwakho, lokho angikungab­azi kodwa yikhona nje ukuthi ngeke sikumemeze­le zingakaphe­leli zonke izinhlelo,” kusho uMaphosa.

Limubuza leli phephandab­a ukuthi angase amenyezelw­e ninike umqeqeshi omusha, abadlali abasha nalabo abazodedel­wa uMaphosa, uthe: “Ngeke siwaqale amalungise­lelo esizini entsha umqeqeshi engekho, lokho ngingakuqi­nisekisa. Futhi-ke umqeqeshi singamumem­ezela noma yinini uma nje sesiqede konke naye. Uma singaqeda naye namhlanje (izolo ngoLwesith­athu) singamumem­ezela kusasa (namuhla ngoLwesine).

“Abadlali abasha nesizobade­dela nakhona yisimo esifanayo kodwa ngeke aqale amalungise­lelo esizini entsha singazange simemezele izinguquko.”

Kunezimfan­elo ezisalungi­swa okuzothi uma seziphothu­liwe bese simemezela...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa