Yimali engaxosha awase-Europe kuTau
ISundowns ifuna okungenani u-R30 million ngalesi silomo
ISIZUMBULU semali okuvela ukuthi sifunwa yiMamelodi Sundowns ngoPercy Tau oyisilomo sale kilabhu singase sibalekise amakilabhu ase-Europe okuthiwa ayamfuna.
Indaba kaTau isematheni kulezi zinsuku njengoba kuvela ukuthi angase ayifulathele iNingizimu Afrika njengoba kunamakilabhu ase-Europe amfunayo. Kubikwa ukuthi ugaqelwe ngamakilabhu aseFrance, eBelgium nase-England.
IBrighton and Hove Albion yaseEngland egijima kwiBarclays Premiership kuthiwa yiyona esaphumele obala ukuthi izimisele ngalo mdlali ochonywe uphaphe lwegwalagwala eshanela imiklomelo emcimbini wokuvala isizini edlule yePremier Soccer League (PSL).
Nokho leli phephandaba lithole ukuthi kunomdonsiswano wemali phakathi kweDowns nale kilabhu yase-England. Kuthiwa iBrighton ibeka u-R15 million efuna ukuthenga ngawo lo mdlali kodwa iDowns ishaya phansi ngonyawo ithi incane kakhulu le mali. Kuthiwa iDowns ifuna okungenani u-R30 million ngo- Tau.
“ISundowns kayinayo nencane inkinga uma kukhulunywa ngemali kodwa kayifuni ukuxhashazwa ngamakilabhu ase-Europe ngoba edlala emaligini amakhulu. IBrighton ifuna ukubanika u-R15 million ngoTau, uPatrice Motsepe onguMengameli weDowns ubona kuwukumedelela nje lokhu, ufuna okungenani bakhiphe uR30 million kwawona awubona umncane. Kodwa izingxoxo zisaqhubeka sizozwa ukuthi kugcina kanjani,” kusho umthombo waleli phephandaba ongaphakathi kwiDowns. Leli phephandaba lishayela uThulani “TT” Thuswa wezokuxhumana kwiDowns ngodaba lukaTau neBrighton, ukuqinisekisile ukuthi iyamfuna.
“Kudala yaqala ukumfuna kodwa okwamanje akukho okuphathekayo engingakusho ngoba izingxoxo zisaqhubeka. Zikhona izingqinamba ezikhona kodwa ngeke ngikwazi ukukhuluma ngazo ngoba kusaxoxwa,” kusho uThuswa.