Ilanga

Yimali engaxosha awase-Europe kuTau

ISundowns ifuna okungenani u-R30 million ngalesi silomo

- SENZO SOKHELA

ISIZUMBULU semali okuvela ukuthi sifunwa yiMamelodi Sundowns ngoPercy Tau oyisilomo sale kilabhu singase sibalekise amakilabhu ase-Europe okuthiwa ayamfuna.

Indaba kaTau isematheni kulezi zinsuku njengoba kuvela ukuthi angase ayifulathe­le iNingizimu Afrika njengoba kunamakila­bhu ase-Europe amfunayo. Kubikwa ukuthi ugaqelwe ngamakilab­hu aseFrance, eBelgium nase-England.

IBrighton and Hove Albion yaseEnglan­d egijima kwiBarclay­s Premiershi­p kuthiwa yiyona esaphumele obala ukuthi izimisele ngalo mdlali ochonywe uphaphe lwegwalagw­ala eshanela imiklomelo emcimbini wokuvala isizini edlule yePremier Soccer League (PSL).

Nokho leli phephandab­a lithole ukuthi kunomdonsi­swano wemali phakathi kweDowns nale kilabhu yase-England. Kuthiwa iBrighton ibeka u-R15 million efuna ukuthenga ngawo lo mdlali kodwa iDowns ishaya phansi ngonyawo ithi incane kakhulu le mali. Kuthiwa iDowns ifuna okungenani u-R30 million ngo- Tau.

“ISundowns kayinayo nencane inkinga uma kukhulunyw­a ngemali kodwa kayifuni ukuxhashaz­wa ngamakilab­hu ase-Europe ngoba edlala emaligini amakhulu. IBrighton ifuna ukubanika u-R15 million ngoTau, uPatrice Motsepe onguMengam­eli weDowns ubona kuwukumede­lela nje lokhu, ufuna okungenani bakhiphe uR30 million kwawona awubona umncane. Kodwa izingxoxo zisaqhubek­a sizozwa ukuthi kugcina kanjani,” kusho umthombo waleli phephandab­a ongaphakat­hi kwiDowns. Leli phephandab­a lishayela uThulani “TT” Thuswa wezokuxhum­ana kwiDowns ngodaba lukaTau neBrighton, ukuqinisek­isile ukuthi iyamfuna.

“Kudala yaqala ukumfuna kodwa okwamanje akukho okuphathek­ayo engingakus­ho ngoba izingxoxo zisaqhubek­a. Zikhona izingqinam­ba ezikhona kodwa ngeke ngikwazi ukukhuluma ngazo ngoba kusaxoxwa,” kusho uThuswa.

 ??  ?? PERCY Tau
PERCY Tau

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa