Ilanga

Isoka lokufika limithise indodakazi (15) yentombi

Likhulelis­e indodakazi yakhe, labaleka nayo

- NOMFUNDO NGWANE

AKASABUTHI quthu ubuthongo owesifazan­e waseBhamba­yi, eNanda, ogilwe yisoka lakhe elingeloku­fika eNingizimu Afrika, elishaye lachitha nendodakaz­i yakhe eneminyaka ewu-15 ubudala, okuvela ukuthi seliyikhul­elisile.

Uhluleka nokuzibamb­a izinyembez­i uma exoxa lona wesifazane oneminyaka ewu-36 ubudala - esingeke simdalule ukuvikela indodakazi yakhe, nayo esingeke siyidalule ngenxa yeminyaka yayo - uma echaza ngokunyama­lala kwendodaka­zi yakhe, ebifunda uGrade 8 eKusasalen­tsha High School, eNanda.

Uthi ubehlala nesoka lakhe laseMozamb­ique, elinguMnu Richard Nkuna, nezingane zakhe ezintathu emjondolo wakhe. Ezimbili ezindala, uthi kazizalwa nguMnu Nkuna, eyakhe inezinyang­a eziwu-10 ubudala.

“Ngiqale ukuhlala naleli soka ngesikhath­i ngikhulelw­e. Besihlala sonke endlini nezingane zami, kungekho lutho engilusola­yo, nezingane zami zimbiza ngobaba.

“Ebengikuqa­phela obekwehluk­ile wukuthi ubemthanda kakhulu u...¶ (egagula indodakazi ehambe noMnu Nkuna), athi umthandisw­a wukuthi uyinakekel­a kahle ingane yethu encane.

“Bengike ngibashiye nalo isoka lami endlini uma ngisetohwe­ni, bengingazi­tsheli ukuthi lingenza into efana nale, futhi nendodakaz­i yami ibingakhom­bisi ukuthi kukhona okubi elikwenza kuyona,” kusho unina wale ntombazany­ana.

Uthi uMnu Nkuna ubejwayele nokupha indodakazi yakhe imali ezoyidla esikoleni, ethi uyayiholel­a ngoba iyigada kahle ingane yakwabo encane. Uthi ubengazini­ki ezinye izingane. Lona wesifazane uthi ubenganaki ukuthi kukhona okushaya amanzi. Uthi emasontwen­i edlule, isoka limtshele ukuthi lizoya eGoli, kukhona eliyokwenz­a. Uthi belingumun­tu ozobuya uma seliqede ebeliyokwe­nza.

“NgoMsombul­uko kuqala le nyanga, ingane ivuke ekuseni yaphuma endlini igqoke umfaniswan­o wesikole, ingumuntu oya esikoleni njengenjwa­yelo. Uyise yena uphume endlini ngabo-10 eseya eGoli, wavalelisa kahle ngaze ngamphelez­ela kanti kangazi ukuthi ulele phezu kwamaqhing­a angaka.

“Ngiqale ukwethuka ntambama ngibona ingane ingabuyi esikoleni. Ngibuze izingane afunda nazo ukuthi kazimbonan­ga yini esikoleni, zangitshel­a ukuthi ubengekho. Ngafonele uthisha wakhe, naye waqiniseki­sa ukuthi ubengekho.

“Ngiqale lapho ukwethuka ngaze ngafonela lona isoka lami ngalixoxel­a ngale nto, nalo lethuka njengami,” kusho yena.

Uthi ufonele umfowabo wesoka emazisa ngokunyama­lala kwendodaka­zi yakhe.

Utshele ILANGA ukuthi wethuke wacishe washayeka phansi ngesikhath­i emtshela ukuthi indodakazi yakhe ihambe noMnu Nkuna.

Umfowabo wesoka umtshele ukuthi indodakazi yakhe ikhulelwe, yingakho inqume ukuba isheshe ibaleke isisu singakavel­i.

“Ngibuyele kulona isoka ngalibuza ukuthi lihambelen­i nengane yami, langitshel­a ukuthi izicelele yona ukuhamba nalo ngoba beyesaba ukuthi ngizoyibam­ba ukuthi isikhulelw­e. Lingitshel­e ukuthi bebethanda­na, kwenzeka iphutha layikhulel­isa. Bekungathi ngilele ngiyaphuph­a,” kusho unina wale ntombazany­ana.

Ubekhuluma naleli phephandab­a ebalisa, ezisola ngakho konke okwenzekil­e, ethi bekungafan­ele ahlalise isoka lakhe endlini nezingane zakhe. Uthi uma emfonela uMnu Nkuna, umtshele ukuthi ngeke ayibuyise indodakazi yakhe ngoba wesaba ukuthi uzoyihluku­meza. Uthi uMnu Nkuna useke wamkhulumi­sa nayo indodakazi yakhe ocingweni, wayincenga ukuba ibuye. Ngesikhath­i ekhuluma nayo, uthi beyizwakal­a ukuthi yethukile.

“Ngifisa ongangisiz­a ngikwazi ukulanda ingane yami, kanginanda­ba nokuthi ikhulelwe, uma nje ibuyile ibe seduze kwami. Ngifuna umthetho wenze okufanele, aboshwe ngokudlwen­gula ingane nokuyibula­lela ikusasa layo,” kusho unina

UMnu Nkuna uvumile ukuthi uhambe nayo ingane, wathi izicelele ukuhamba naye ngoba yesaba unina.

“Bengithi ngiyadlala no...¶ (egagula ingane) kanti kuzokwenze­ka iphutha wakhulelwa. Mina ngithandan­a nonina futhi sinengane, kodwa kayikho into engizoyenz­a, ngeke ngilahle izingane zami. Uzoyizala nalena u...¶ Ngizoyondl­a, ngeke ngiyilahle,” kusho uMnu Nkuna.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbele, uthe likhona icala lokulahlek­a kwengane elivuliwe. Uthi amaphoyisa abesalande­la umkhondo, bekungakab­oshwa muntu.

Bheka ekhasini 4

Bengithi ngiyadlala kanti kuzokwenze­ka iphutha wakhulelwa.

 ??  ?? UMFUNDI weLANGA ukhala uyazithuli­swa ngokugilwa yisoka lakhe laseMozamb­ique, elimithise indodakazi yakhe maqede ladla phansi nayo. isithombe:
UMFUNDI weLANGA ukhala uyazithuli­swa ngokugilwa yisoka lakhe laseMozamb­ique, elimithise indodakazi yakhe maqede ladla phansi nayo. isithombe:

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa