Isoka lokufika limithise indodakazi (15) yentombi
Likhulelise indodakazi yakhe, labaleka nayo
AKASABUTHI quthu ubuthongo owesifazane waseBhambayi, eNanda, ogilwe yisoka lakhe elingelokufika eNingizimu Afrika, elishaye lachitha nendodakazi yakhe eneminyaka ewu-15 ubudala, okuvela ukuthi seliyikhulelisile.
Uhluleka nokuzibamba izinyembezi uma exoxa lona wesifazane oneminyaka ewu-36 ubudala - esingeke simdalule ukuvikela indodakazi yakhe, nayo esingeke siyidalule ngenxa yeminyaka yayo - uma echaza ngokunyamalala kwendodakazi yakhe, ebifunda uGrade 8 eKusasalentsha High School, eNanda.
Uthi ubehlala nesoka lakhe laseMozambique, elinguMnu Richard Nkuna, nezingane zakhe ezintathu emjondolo wakhe. Ezimbili ezindala, uthi kazizalwa nguMnu Nkuna, eyakhe inezinyanga eziwu-10 ubudala.
“Ngiqale ukuhlala naleli soka ngesikhathi ngikhulelwe. Besihlala sonke endlini nezingane zami, kungekho lutho engilusolayo, nezingane zami zimbiza ngobaba.
“Ebengikuqaphela obekwehlukile wukuthi ubemthanda kakhulu u...¶ (egagula indodakazi ehambe noMnu Nkuna), athi umthandiswa wukuthi uyinakekela kahle ingane yethu encane.
“Bengike ngibashiye nalo isoka lami endlini uma ngisetohweni, bengingazitsheli ukuthi lingenza into efana nale, futhi nendodakazi yami ibingakhombisi ukuthi kukhona okubi elikwenza kuyona,” kusho unina wale ntombazanyana.
Uthi uMnu Nkuna ubejwayele nokupha indodakazi yakhe imali ezoyidla esikoleni, ethi uyayiholela ngoba iyigada kahle ingane yakwabo encane. Uthi ubengaziniki ezinye izingane. Lona wesifazane uthi ubenganaki ukuthi kukhona okushaya amanzi. Uthi emasontweni edlule, isoka limtshele ukuthi lizoya eGoli, kukhona eliyokwenza. Uthi belingumuntu ozobuya uma seliqede ebeliyokwenza.
“NgoMsombuluko kuqala le nyanga, ingane ivuke ekuseni yaphuma endlini igqoke umfaniswano wesikole, ingumuntu oya esikoleni njengenjwayelo. Uyise yena uphume endlini ngabo-10 eseya eGoli, wavalelisa kahle ngaze ngamphelezela kanti kangazi ukuthi ulele phezu kwamaqhinga angaka.
“Ngiqale ukwethuka ntambama ngibona ingane ingabuyi esikoleni. Ngibuze izingane afunda nazo ukuthi kazimbonanga yini esikoleni, zangitshela ukuthi ubengekho. Ngafonele uthisha wakhe, naye waqinisekisa ukuthi ubengekho.
“Ngiqale lapho ukwethuka ngaze ngafonela lona isoka lami ngalixoxela ngale nto, nalo lethuka njengami,” kusho yena.
Uthi ufonele umfowabo wesoka emazisa ngokunyamalala kwendodakazi yakhe.
Utshele ILANGA ukuthi wethuke wacishe washayeka phansi ngesikhathi emtshela ukuthi indodakazi yakhe ihambe noMnu Nkuna.
Umfowabo wesoka umtshele ukuthi indodakazi yakhe ikhulelwe, yingakho inqume ukuba isheshe ibaleke isisu singakaveli.
“Ngibuyele kulona isoka ngalibuza ukuthi lihambeleni nengane yami, langitshela ukuthi izicelele yona ukuhamba nalo ngoba beyesaba ukuthi ngizoyibamba ukuthi isikhulelwe. Lingitshele ukuthi bebethandana, kwenzeka iphutha layikhulelisa. Bekungathi ngilele ngiyaphupha,” kusho unina wale ntombazanyana.
Ubekhuluma naleli phephandaba ebalisa, ezisola ngakho konke okwenzekile, ethi bekungafanele ahlalise isoka lakhe endlini nezingane zakhe. Uthi uma emfonela uMnu Nkuna, umtshele ukuthi ngeke ayibuyise indodakazi yakhe ngoba wesaba ukuthi uzoyihlukumeza. Uthi uMnu Nkuna useke wamkhulumisa nayo indodakazi yakhe ocingweni, wayincenga ukuba ibuye. Ngesikhathi ekhuluma nayo, uthi beyizwakala ukuthi yethukile.
“Ngifisa ongangisiza ngikwazi ukulanda ingane yami, kanginandaba nokuthi ikhulelwe, uma nje ibuyile ibe seduze kwami. Ngifuna umthetho wenze okufanele, aboshwe ngokudlwengula ingane nokuyibulalela ikusasa layo,” kusho unina
UMnu Nkuna uvumile ukuthi uhambe nayo ingane, wathi izicelele ukuhamba naye ngoba yesaba unina.
“Bengithi ngiyadlala no...¶ (egagula ingane) kanti kuzokwenzeka iphutha wakhulelwa. Mina ngithandana nonina futhi sinengane, kodwa kayikho into engizoyenza, ngeke ngilahle izingane zami. Uzoyizala nalena u...¶ Ngizoyondla, ngeke ngiyilahle,” kusho uMnu Nkuna.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbele, uthe likhona icala lokulahleka kwengane elivuliwe. Uthi amaphoyisa abesalandela umkhondo, bekungakaboshwa muntu.
Bheka ekhasini 4
Bengithi ngiyadlala kanti kuzokwenzeka iphutha wakhulelwa.