Zihlupheni ngokwazi umlando - Shenge
INkosi Buthelezi iphonsele intsha inselelo yokuzingela iqiniso
INXUSE intsha yeqembu layo ukuba izihluphe ngokuthungatha, ifunde umlando oqondile ngeNingizimu Afrika, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, engumengameli weNkatha Freedom Party (IFP).
Lokhu ikwenze ngesikhathi yethula inkulumo yoSuku lweNtsha (June 16), eCurries Fountain Sports Development Centre, eThekwini ngoMgqibelo. Yethulwe nguSihlalo we-IFP Youth Brigade (IFPYB), uMnu Mkhuleko Hlengwa, kwachwaza inkundla ngesikhathi ingena esiteji.
UShenge uchaze usuku lwangoMgqibelo njengolubalulekile ngoba lugujwa enyakeni lapho uMnu Nelson Mandela - owaba ngumengameli wokuqala wentando yeningi - ebezobe eqeda iminyaka ewu-100 edla anhlamvana ukuba usaphila - noNkk Albertina Sisulu ngokunjalo.
Uphonsele intsha inselelo yokuba izingele iqiniso. “Ngifuna ukuba nizingele iqiniso mayelana nesikhathi esedlule ngentshisekelo engeke inihlehlisele emuva. Kungiphatha kabi ukucabanga ngemfundisoze yesikhathi esedlule ekusaseni lentando yeningi ngokusetshenziswa kwezincwadi zokufunda ezikoleni.
"Ngifuna ukugudluza imiqondo yabantu abasebasha ekutshelweni amanga aqanjwa ngamabomu - ikakhulukazi njengoba sesisondela okhethweni lukazwelonke - kuzosabalala amanga okuthi i-IFP inomlando wodlame. Amanga aluhlaza lawo.
"Aphi amasosha eNkatha aviliyela njalo ngemingcwabo yabaholi bayo njengoba sibona amasosha e-ANC, uMkhonto weSizwe lokho ekwenza nsuku zaphuma? Kunifanele ukuqonda mayelana neqiniso lezikhathi ezedlule.
"Lithatheni ifa lenu, umlando nemfundiso yokuziphatha kahle, ubuqotho nokuthula futhi niphake umkhankaso woguquko ezweni lakithi. Singayitakula iNingizimuAfrika. Singasibuyisa isithunzi nobuholi obuqotho,” kusho uShenge.