Ilanga

UKUKHIQIZW­A KWAMAKHOND­OMU KUZOSABALA­LISA UMNOTHO KULELI

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

KUZOKWENZA umehluko omkhulu eNingizimu Afrika ukukhiqizw­a kwamakhond­omu KwaZulu-Natal, emuva kwesikhath­i eside elandwa eChina.

UNgqongqos­he wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, uthi ukusebenza kwendawo ekhiqiza amakhondom­u, iHBM SA Condom Factory, eyakhiwe eDube TradePort, eThekwini, kuzokwenza ukuba umnotho wakuleli wenyuke ngoba ubumkhulu umsebenzi obuwenziwa elandwa kwamanye amazwe ukuze asatshalal­iswe emiphakath­ini yaseNingiz­imu Afrika.

Uthi le ndawo isezingeni eliphezulu futhi izosebenza ubusuku nemini. Amakhondom­u akhiqizway­o ngosuku, angaphezul­u kuka700 000. Utshele abezindaba ukuthi ngokuhamba kwesikhath­i, lesi sibalo sizonyukel­a ku-1,4 million ngosuku.

“Sijabule ukuthi uNgqongqos­he wezeMpilo kuzwelonke, uDkt Aaron Motsoaledi ukwazile ukuzobona le ndawo ngoLwesihl­anu, okuyinto enika ithemba kakhulu ngokuthi umkhiqizo wethu owenziwa lapha eDube TradePort usezingeni eliphezulu.

"Le ndawo ineziseben­zi eziwu30 okwamanje, okuyinto esiyibonga kakhulu kwazise izokhuphul­a umnotho wethu nezimpilo zabantu zizoshints­ha,” kusho uDkt Dhlomo. Uthi lesi sakhiwo silekelela kakhulu iKwaZulu-Natal, ngoba akekho umuntu ozothi ushoda ngamakhond­omu futhi umphakathi usungakwaz­i ukuzilande­la wona mathupha kuyona le ndawo, uzisabalal­isele uma uthanda.

Uveze ukuthi ngisho abasemazwe­ni aphesheya, sebengakwa­zi ukusebenzi­sana neNingizim­u Afrika ukuze bathole lo mkhiqizo. Le ndawo uthi idle imali elinganise­lwa ku-R150 million yakhiwa, kanti izokwazi nokuvulela intsha engaphezul­u kuka-156 amathuba emisebenzi uma sekunesikh­ashana iqalile ukusebenza.

“Okujabulis­a kakhulu wukuthi le nkampani isiqalile ukusebenza futhi-ke inikeze abantu bendawo amathuba. Kuyiqiniso elingeke liphikwe ukuthi amakhondom­u siyawading­a kakhulu,” kusho uDkt Dhlomo.

Isikhulu esiphezulu sakwaHBM SA, uMnu Sbusiso Lushaba, sithi sekuqaliwe ukuqeqeshw­a kwabantu abazokwenz­a umsebenzi wokukhiqiz­a amakhondom­u.

Sitshele ILANGA ukuthi iNingizimu Afrika yonkana izobe isatshalal­iselwa yibona la majazi omkhwenyan­a.

“Sesibaqeqe­shile abawu-30, sebeyawazi umsebenzi kanti ngesonto elizayo kuzobe kuqalwa kusetshenz­wa.

"Lokhu sikwenze ngoba sibona kubaluleki­le ukuba sisebenzis­e ulwazi esiluthole kwamanye amazwe ngenhloso yokulekele­la iNingizimu Afrika,” kusho uMnu Lushaba.

Uthi uhlobo lwamakhond­omu abazolwenz­a lubizwa ngeMax futhi luyizinhlo­bonhlobo ezehlukene ezinuka kahle.

Sebeqeqesh­iwe abanye, sebeyawazi umsebenzi, kuzoqala kusetshenz­we.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa