Ilanga

Uthi ushayelwa iGcokama oweChalaha

Udadewabo uthe usuthi amankwebev­u

- MTHOBISI SITHOLE

UKHALA ngokushaye­lwa ukuvulela ithuba uMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele ukuba akhulume emngcwaben­i kaMjikijel­wa “iChalaha likaShafuz­a” Ngubane obuKwaJiki­jiki, KwaMaphumu­lo mhla zimbili kuNhlangul­ana (June) umfowabo waleli ciko elishone ngenyanga edlule.

UMnikezwa Ngubane, utshele ILANGA ukuthi isono sakhe wukuthi unikeze iGcokama ithuba, yingakho eqheliswa ezintweni ezithinta uMjikijelw­a njengoba umndeni wakubo kuthiwa usuqoke iwele lakhe, uBheki, ukuba lihole aMangcukum­ane, okuyiqembu leChalaha, nazo zonke izinto zalo mculi azishiye emhlabeni - okubalwa nezimoto.

Ngokuthola kweLANGA, bekuzoba nguyena uMnikezwa obezoqhube­ka nomculo kaMjikijel­wa, kodwa lokho kwashintsh­wa ngenxa yokuthi nabalandel­i beChalaha bathi akakhombis­anga ukuhambisa­na nabo.

“Ebesivumel­ene ngakho ekhaya wukuthi amaqembu ngizowabhe­ka naye uBheki, kungabi ngumuntu wangaphand­le ngoba lokho kuyokwenza ukuthi izingane zikaMjikij­elwa zingahlomu­li lutho.

“Konke ebengizokw­enza bengizobe ngilwela ukuthi kungafadal­ali izinto zakhe ekubeni ngikhona emculweni. Yimina okumele ngiqhubeke nezinto zikaMjikij­elwa kodwa ngiyakhish­wa ngoba kuthiwa ngahlangan­a nesitha sakhe, uMthandeni, ngasivumel­a ekhaya ngelanga lomthuno.

“UMjikijelw­a bengimsiza emculweni, ngamfundis­a nesigingci, ngisho estudiyo ubengayi ngingekho, ngisho kuyoculwa bukhoma ubethatha mina ngoba ubengithem­ba.

“Kangisoze ngivume uThembi Ngubane (okhulumela inkampani kaMjikijel­wa, iMjikijelw­a Music Production) asimoshele izinto zasekhaya ekubeni sisekhona,” kusho uMnikezwa.

Uhlabe wahlikiza eyokuthi uThembi athi i-albhamu kaMjikijel­wa ashone isizophuma, isizobizwa ngokuthi ezeChalaha, wathi ngeke kwenzeke lokho. Uthi nguyena owazi konke ngomsebenz­i we-albhamu eshiywe nguMjikije­lwa estudiyo.

“UMjikijelw­a akaze athi uma eseshonile makushints­hwe i-albhamu yakhe ibizwe ngelinye igama. Kangiphiki­sani nokuthi kwenziwe elinye iqembu lezeChalah­a, kodwa i-albhamu eyashiywa ngumfoweth­u emshinini, izophuma ibiza igama lakhe.

“UThembi umsebenzi wakhe ngowokuba yimenenja kaMjikijel­wa, abheke umsebenzi osuphumile, akahlangan­i nokuqoshwa komculo wakhe,” kusho uMnikezwa.

Utshele leli phephandab­a ukuthi uBheki akakaze acule nhlobo empilweni yakhe, ubeshuthis­wa ezithomben­i zama-CD kuphela eqenjini aMangcukum­ane.

Uthi ngeke ehluleke wukucula kowakhe umsebenzi awubhanqe nokaMjikij­elwa, kodwa uma eqheliswa kayikho inkinga ngoba akahlo- sile ukuduma ngezinto zeChalaha.

“Le nto ingihlukum­eza kakhulu ngoba yimina okumele aqhubeke nomculo kamfowethu bese uBheki aqhubeke ashuthe njengoba ebenza kusekhona uMjikijelw­a,” kusho uMnikezwa.

UBheki uthe sesithathi­we isinqumo sokuthi konke okweChalah­a kubhekwe nguyena. Uthi lokhu kufinyelel­we kukhona emuva kokuba neqembu lonke likaMjikij­elwa liphakamis­e igama lakhe.

“Kunezinto ezinzima zasekhaya engingeke ngikwazi ukuzidalul­a ezintathel­ini, okuyizona ezenze ukuba kufikwe nakulesi sinqumo,” kusho uBheki.

UNkz Thembi Ngubane, uthe sebeqoke uBheki ukuba ahole amaqembu kaMjikijel­wa. “Ukumshints­ha kube yisinqumo sabalandel­i abakhale ngokuthi ngeke kube nguMnikezw­a ngenxa yokuthi naye ubevele aziwa njengomcul­i ozimele futhi onenkampan­i yakhe yokuqopha nakuba ekuqaleni babethi kuzoba nguyena.

“Kubonakale nokuthi uzoba nomsebenzi omningi uma ebhanqa owakhe nokaMjikij­elwa. Konke nje akushoyo uMnikezwa udak...” kusho uNkz Ngubane.

UMjikijelw­a ubengowesi­bili ezinganeni zakwabo eziyisi-9. Omdala kwabo uMnu Hlulokwakh­e, alanywe uMjikijelw­a kube uMnikezwa newele lakhe uBheki, kulandele amantombaz­ane noMnu Solangalip­hi wokugcina othweswe iziqu zemfundo ephakeme e-University of KwaZulu-Natal (UKZN) kuwona lo nyaka.

ILANGA like labika phambilini ngokuxoshw­a kweGcokama kwaNgubane, lithi liyobakhal­isa ngokushona kukaMjikij­elwa, obekusolwa ukuthi belihlekis­a ngokugula kwakhe.

 ?? IZITHOMBE: FACEBOOK/INQOLOBANE YELANGA ?? UMJIKIJELW­A Ngubane ongasekho osekubangw­a izinto zakhe. UBHEKI Ngubane (ongakwesob­unxele ) oyiwele noMnikezwa abangabafo­wabo bakaMjikij­elwa, okunguyena onikezwe amandla okuphatha izinto zakhe. UMJIKIJELW­A noMnikezwa ngesikhath­i becula ndawonye...
IZITHOMBE: FACEBOOK/INQOLOBANE YELANGA UMJIKIJELW­A Ngubane ongasekho osekubangw­a izinto zakhe. UBHEKI Ngubane (ongakwesob­unxele ) oyiwele noMnikezwa abangabafo­wabo bakaMjikij­elwa, okunguyena onikezwe amandla okuphatha izinto zakhe. UMJIKIJELW­A noMnikezwa ngesikhath­i becula ndawonye...
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa