Ilanga

UZE WASHONA EBALISA NGENDLU YOMXHASO

- PHUMLANI GAMA

KUGCINE kumenele owesifazan­e waseMboza, KwaMhlabuy­alinga, ILANGA elilobe ngaye ngoNdasa (March) nyakenye ethi uncamela ukufa kunokuqhub­eka nempilo yosizi njengoba ebethi akakwazi ukondla amadodakaz­i akhe awu-7 nabazukulu abawu-9.

UNkk Busisiwe Mthethwa (55), ushone ngoLwesine olwedlule. Ubenomfuth­o wegazi ophezulu (High Blood Pressure) nesifo okuthiwa kasaziwa.

Ekhuluma naleli phephandab­a nyakenye, uNkk Mthethwa, obehlala endlini eyodwa nala madodakazi akhe, uthe usizi lumqale ngo-1994. Ukhale ngokweqiwa yizindlu zomxhaso aze washona ingakaze yakhiwe.

Emuva koshicilel­o lwaleli phephandab­a, baningi abakhombis­e ukulweshwa­ma lolu dabaokuyil­apho khona beveze ukuthi bazofaka isandla ekuxazulul­eni izinkinga zikaNkk Mthethwa.

Phakathi kwabo kubalwa noMasipala waKwaMhlab­uyalingana ngomlomo kaMnu Nkululeko Mthethwa oyimeya yawo, oveze ukuthi umasipala usazoxhuma­na nekhansela le- ward, uMnu Johnson Gwala ukuze babone ukuthi yini abangayenz­a.

UMnu Mthethwa uveze ukuthi kakuyona inkinga ukwakhiwa kwendlu kumasipala wakhe ngoba usungulelw­e ukuhlangab­ezana nezinkinga zabantu abafana nomufi.

Bakhona nabanye abafikile benza izethembis­o kodwa lutho. Kubikwa ukuthi njengoba uNkk Mthethwa eshonile nje, akukho lutho lokuhlanga­bezana nezindleko zomngcwabo.

UMnu Gwala uthe unxusa noma ngubani ukuba alule isandla ukuze umufi afihlwe ngesizotha. “Kunzima kulo mndeni. Mina ngiphelelw­e yikho konke enginakho ngehla ngenyuka naye lo mama, ephuma engena ezibhedlel­a ngenxa yokugula okungaqond­akali njengoba ebedla namaphilis­i abuye amyabule esiswini.

"Ngicela noma ngubani ukuba alule isandla ukuze kuzosizaka­la izingane zalo mama. Sibucayi kakhulu isimo ababhekene naso,” kusho uMnu Gwala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa