UZE WASHONA EBALISA NGENDLU YOMXHASO
KUGCINE kumenele owesifazane waseMboza, KwaMhlabuyalinga, ILANGA elilobe ngaye ngoNdasa (March) nyakenye ethi uncamela ukufa kunokuqhubeka nempilo yosizi njengoba ebethi akakwazi ukondla amadodakazi akhe awu-7 nabazukulu abawu-9.
UNkk Busisiwe Mthethwa (55), ushone ngoLwesine olwedlule. Ubenomfutho wegazi ophezulu (High Blood Pressure) nesifo okuthiwa kasaziwa.
Ekhuluma naleli phephandaba nyakenye, uNkk Mthethwa, obehlala endlini eyodwa nala madodakazi akhe, uthe usizi lumqale ngo-1994. Ukhale ngokweqiwa yizindlu zomxhaso aze washona ingakaze yakhiwe.
Emuva koshicilelo lwaleli phephandaba, baningi abakhombise ukulweshwama lolu dabaokuyilapho khona beveze ukuthi bazofaka isandla ekuxazululeni izinkinga zikaNkk Mthethwa.
Phakathi kwabo kubalwa noMasipala waKwaMhlabuyalingana ngomlomo kaMnu Nkululeko Mthethwa oyimeya yawo, oveze ukuthi umasipala usazoxhumana nekhansela le- ward, uMnu Johnson Gwala ukuze babone ukuthi yini abangayenza.
UMnu Mthethwa uveze ukuthi kakuyona inkinga ukwakhiwa kwendlu kumasipala wakhe ngoba usungulelwe ukuhlangabezana nezinkinga zabantu abafana nomufi.
Bakhona nabanye abafikile benza izethembiso kodwa lutho. Kubikwa ukuthi njengoba uNkk Mthethwa eshonile nje, akukho lutho lokuhlangabezana nezindleko zomngcwabo.
UMnu Gwala uthe unxusa noma ngubani ukuba alule isandla ukuze umufi afihlwe ngesizotha. “Kunzima kulo mndeni. Mina ngiphelelwe yikho konke enginakho ngehla ngenyuka naye lo mama, ephuma engena ezibhedlela ngenxa yokugula okungaqondakali njengoba ebedla namaphilisi abuye amyabule esiswini.
"Ngicela noma ngubani ukuba alule isandla ukuze kuzosizakala izingane zalo mama. Sibucayi kakhulu isimo ababhekene naso,” kusho uMnu Gwala.