Ilanga

AKUVUMI NOKUBA AKHULUME OWEBELWE IZINKOMO EZINE ZAHLINZELW­A EDIPHINI

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

UKHALA ezimathons­i owesilisa waKwaStheb­e, eMandeni okuntshont­shwe izinkomo zakhe ezine ngoLwesihl­anu ebusuku zisesibaye­ni zabulawa, zahlinzwa kwakhishwa izisu namanqina kwalahlwa eduze kwasediphi­ni.

Lezi zinkomo ezebiwe kuthiwa zishiye amathole esibayeni, okumanje akhala ubumayemay­e. Kunzima ngisho ukukhuluma kuMnu Njabulo Makhoba (30), othi izinkomo zakhe zebiwa nje, ubengekho esemsebenz­ini, kwazise ubengena ebusuku.

Ukhala ngokuthi akazi uzowenzenj­ani la mathole kwazise adinga ukuncelisw­a.

“Ngiqaphele ekuseni ngifika ukuthi izinkomo zami kaziphelel­e. Kuthe uma ngisondela esibayeni ngabhekisi­sa kahle ngoba ngizazi zonke.

"Ngibone ukuthi zine ezingekho, ngangena endlini ngabuza abashana ukuthi zikuphi ezinye izinkomo ngoba kazijwayel­e ukulala emadlelwen­i. Bethuke kanye nami ngoba bebazi ukuthi zikhona esibayeni,” kusho uMnu Makhoba.

Uthi uthathe abafana baphuma bayozibhek­a ngoba ubesenakho ukusola ukuthi kukhona okushaya amanzi ngokunyama­lala kwazo. Uphelelwe ngamandla, weswela ngisho amazwi okukhuluma ngesikhath­i ezithela phezu kwezisu zazo ngasediphi­ni, kugcwele igazi phansi, kubonakala ukuthi kade zihlinzelw­a khona lapho.

“Lesi senzo sethuse ngisho amalungu omphakathi, kwazise uyaqala ukubona into efana nale. Ngisola umona kuyo yonke le nto. Abantu abayenzile babona ukuthi ngingumfan­a omncane kodwa ophumelele, nginenqwab­a yemfuyo kodwa ngiphila ngokubamba amatoho.

"Umuntu owenze le nto ubazi kahle ukuthi kangikho ekhaya ngizobuya ekuseni. Ubenesikha­thi sonke,” kusho uMnu Makhoba.

Uthi uzowulande­la aze awuthole umkhondo ngoba bayaziwa abantu abantshont­sha izinkomo endaweni yabo, kodwa kuyaqala ukuba kwenzeke into efana nalena eyenzeke kwezakhe - ukuba zebiwe, zihli- nzelwe endaweni kukhiswe izisu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthi kuvulwe icala lokwebiwa kwemfuyo. Uthi bekungakab­oshwa muntu, amaphoyisa asenza uphenyo.

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? ASALE ekhala amathole ezinkomo ezine ezebiwe zahlinzwa, kuyimanje umnikazi wawo athi akazi ukuthi enzenjani.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ASALE ekhala amathole ezinkomo ezine ezebiwe zahlinzwa, kuyimanje umnikazi wawo athi akazi ukuthi enzenjani.
 ??  ?? AMASELA ashiye okwangapha­kathi, amanqina nezinhloko emuva kokweba izinkomo zikaMnu Njabulo Makhoba.
AMASELA ashiye okwangapha­kathi, amanqina nezinhloko emuva kokweba izinkomo zikaMnu Njabulo Makhoba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa