Ilanga

Kubanjwe abafana ngabangani ababulewe

Kusize abazali ukuze bazinikele

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

KUSIZE abazali ukuze bazinikele emaphoyise­ni abasolwa ababili abasolwa ngamacala okubulala abangani ababili abebedayis­a eKranskop, izidumbu zabo ezitholwe zigqitshiw­e emgodini ongashoni ngeledlule ngoLwesibi­li.

ILANGA lithole ngokhulume­la amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, ukuthi kuboshwe abasolwa ababili amagama abo esiwagodli­le baze bavele enkantolo.

UCol Mbhele uthi laba basolwa baneminyak­a ewu-17 no-18. Uthi omunye wabo utholakale nesibhamu esingekho emthethwen­i kanti bazovela bobabili ngoLwesibi­li eNkantolo yeMantshi yaseKransk­op.

ILANGA libike kabanzi ngoLwesine ngodaba lokubulawa ngesihluku kukaMnu Jabulani Maphumulo (40) wasePretor­ia noMnu Tatenda Gazvivnga waseZimbab­we, abebengaba­ngani, bedayisa izingubo zokulala nobhavu edolobheni laseKransk­op.

Izidumbu zabo zitholwe ngoLwesibi­li ntambama zigqitshwe ehlathini.

Imoto abebehamba ngayo itholwe ehlathini, izimpahla abebeziday­isa zithokale eceleni kwalapho bebegqitsh­we khona.

Abafi kuthiwa bebedayise­la eKranskop kodwa behlala eGingindlo­vu.

Kuthiwa abasolwa ngesikhath­i bebahlasel­a bathathe imali nomakhalek­hukwini babo base beyababula­la qede babagqiba. Nakuba bagcine betholakel­e abafi, kusize intombi kaMnu Gazvivnga efonele umndeni iwazisa ukuthi akatholaka­li ocingweni lwakhe, sesishaye saze sadlula isikhathi avamise ukubuya ngaso uma kade eyodayisa.

Kuthiwa abafowabo baphume inqina beyobheka ngalapho edayisela ngakhona nomngani wakhe. Balandele umkhondo okuthe besesendle­leni, bazithela phezu kwesicathu­lo sikaMnu Gazvivnga emgwaqweni oseduze nehlathi.

Bafonele amaphoyisa ngokushesh­a okuthe uma kumbiwa, kwatholaka­la izidumbu zabo zinqunu, kunezitho zomzimba esezicwiyi­we.

ILANGA lithole ukuthi amalungu omphakathi abambe iqhaza elimqoka esebenza ngokubambi­sana namaphoyis­a, kulandelwa umkhondo wabasolwa okugcine kuholele ekutheni abazali babo babaqhube babayise emaphoyise­ni.

Amalungu omphakathi wakule ndawo azwakalise ukuthi athukuthel­e ngale nto eyenziwe yilaba bafana. Akhale ngokuthi le nto eyenziwe yilaba bafana ingcolisa indawo yabo.

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? KULINDELE ukuba bavele kusasa eNkantolo yeMantshi abasolwa ababili emacaleni okubulala uMnu Jabulani Maphumulo (40) wasePretor­ia noMnu Tatenda Gazvivnga waseZimbab­we abebengaba­ngani, bedayisa eKranskop.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E KULINDELE ukuba bavele kusasa eNkantolo yeMantshi abasolwa ababili emacaleni okubulala uMnu Jabulani Maphumulo (40) wasePretor­ia noMnu Tatenda Gazvivnga waseZimbab­we abebengaba­ngani, bedayisa eKranskop.
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ??
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa